clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mthiyane Page 3 of 4

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izithakazelo zakwa Ngwenya

Izithakazelo zakwa Ngwenya

Ngwenya
Mtimande,
Bhambolunye zingabambili zobe zifuze ekhaya konyoko
Ngenela,
Mthiyane !
Abanye bazazi kanje: 

Ngwenya
Mtimande
Kota

Bhambolunye

Mabuya engasabuyi
Ayobuya emangwananeni
Nungunde
Wakhothe

Bayosala beziyolanisa

Mabhodla amanzi Abantukazana
Bebhodlutshwala
Vusumuzi
Ngikuvusa UMadonsela and qhamuka esedonsa ukunene noshongwe
Gamandze

Izithakazelo zakwaMhlungu

Izithakazelo zakwaMhlungu

Mthiyane,
Masingasilele,
Mwelase,
Nina eningaweli ngezibuko eniwela ngezimpambosi zomfula,
Ngwane!!!

Izithakazelo zakwaMalunga

Izithakazelo zakwaMalunga

Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo zakwaMabanga

Izithakazelo zakwaMabanga

 

Gumede,
Dlodlo,Langa,
Mthiyane,
Mpangazitha!

 

Izithakazelo Zakwa-Ndaba

Izithakazelo Zakwa-Ndaba

Mwelase,
Mthiyane,
Mhlungu,
Madela,
Dubazane,
Longode,
Wena ongaweli ngazibuko,
Wela ngezimpambosi zomfula,
Masinga asilele,
Mididwa emnyama,
OMalobola mbiza zawo tshani
Nina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.
Wena owasemhlungwini,Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,
Ahhhhhhh ndabezitha!!!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Ndaba- Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

Izithakazelo zakwa-Zondo

Izithakazelo zakwa-Zondo

Mthiyane,
Sokhulu, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Mzwili!

Izithakazelo zakwa-Gatsheni

Izithakazelo zakwa-Gatsheni

Ndlovu,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo zakwa-Dlodlo

Izithakazelo zakwa-Dlodlo

Mpangazitha,
Mbanjwa, Mdladlana,
Mabanga, Mtingi,
Bangile, Mthiyane,
Mathabela!

Izithakazelo zakwa-Mhlungu

Izithakazelo zakwa-Mhlungu

Mthiyane,
Masingasilele,
Mwelase,
Nina eningaweli ngezibuko eniwela ngezimpambosi zomfula,
Ngwane!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mhlungu! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!
Price: 200.00

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: