clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Vezi

Abakwa Mbatha kusengabantu bakwa Shandu, MBEJE, Dladla. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yabo uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona oMbeje, Dladla no Shandu.
Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo ebeyikwazi ukuthola amanzi khona. Intaba lena beyibasiza futhi ukuthi babone isitha siseza le kude. Iyona ntaba lena obekuthi uma behlaselwa bazivikele ngayo. Lentaba yethiwa igama inkosi uNdaba ngoba ethi ‘Ihlanza Amatshe’ yagcina seyibizwa nge Nhlazatshe. Emadodaneni ka Ndaba uShandu owazinza kuyo lendawo abanye abafowabo oMbeje no Dladla bafuduka bazitholela izindawo zabo.
Emva kuka Shandu inkosi ebusile kube ngu Dunjwa okwathi uma ekhothama kungazelelwe ubukhosi bathathwa u Khali wabusela emzini kayise e Zivundleni. Amanye amadodana ka Shandu awazange athande ukuphathwa uKhali abe esehamba neqeqebana labantu bawo ayozifunela ezinye izindawo eziseduze. U-Nkomo no Mashiba baya e Zihlalo/Dlebe, uMandlovu waya eBaQulusini kanti uMngunyana waya kwa Nobamba/Danny Dalton. Kodwa-ke abazange baqhelelane ne Nhlazatshe, Mahlabathini, Dlebe, Zihlalo, Mabedlane, Ceza nezindawo ezisondelene nazo.
U Dladla yena waya koMnambithi, Nobamba/Weenen kanti abanye bazinza ko Msinga, Nquthu nezindawo ezakhelene nazo. Komsinga singabala uLugubhu ozalwa endlini ka Dumisa kanti waba nobudlelwane obukhulu nomfowabo uMbeje.

Izibongo zama Mbatha
Sontshikazi, Ndaba, Shandu, Mbatha, Mthiya, Mangcengeza, Khali, Mngunyana, Manyosi, Mashiba, Makhubalo, Mngeni, Dumisa, Nsibankulu, Nkomo, Mandlovu, Dunjwa, Mbudlele, Dilikana…
Amanye lapha amagama nje angazange aba yizibongo

Dladla
Mgabadeli, Mphembe, Mhlophe, Gadlela, Dwala, Mnembe, Kweyama, Vezi, Gigaba, Ziyamanzi, Mathenjwa, Kolotshana…

Mbeje
Bhabha, Magwaza, Mlotsha, Sihlangu senxele,
Mabhala ngepensela abafokazane bebhala ngozipho, Gumbi lama gwala, Ndabezitha

Tshabalala:

  • Mshengu,
  • Donga luka Mavuso,
  • Ngxabalala,
  • Chagwe,
  • Mayaba,
  • Mabhedla,
  • Thapho,
  • Thingisi,
  • Shevi,
  • Bhuqa,
  • Sayiwana,
  • Bhokwe,
  • Samanisi,
  • Mehlwempi,
  • Sagqubha,
  • Magudulela,
  • Ndleko,
  • Mnoniwa,
  • Phikindaba,
  • Nkosikayikho.

NB: Lapha amanye amagama awazange abe yizibongo.

Dubazane:

  • Mntungwa,
  • Mvelase,
  • Mbulazi

Gumbi:

  • Somkhanda,
  • Ndandali,
  • Mdakane,
  • Jele,
  • Mehlenkomo,
  • Ntini,
  • Mlotshwa

Jele:

Hlophe:

  • Samela,
  • Thumbeza,
  • Khala,
  • Myeni,
  • Mabhengu,
  • Nteshane,
  • Mnguni

Mhlungu:

  • Ndaba,
  • Mwelase,
  • Molase,
  • Vezi,
  • Masingasilele,
  • Gina,
  • Magadlela,
  • Mthiyane

Ngobese:

  • Mqungebe,
  • Khaba,
  • Xongo,
  • Sihayo,
  • Mehlokazulu,
  • Mkhumbikazulu,
  • Nonjini,
  • Gudlumkhonto,
  • Mdonswa,
  • Mlambo,
  • Bantungwa Abamnyama

Kheswa:

  • Nozulu,
  • Dlungwane,
  • Mnguni,
  • Mchumane,
  • Mpafana,
  • Mpangazitha

Mntambo

  • Nhlangothi,
  • Mlondo,
  • Vezi,
  • Masilela,
  • Jiyane,
  • Nyongeluhlaza,
  • Kweyama.

Mtolo

Mthombeni

  • Ntenga,
  • Duma,
  • Magagula,
  • Thabisa,
  • Mvenya.

Abantu bakwa Mtshali batholakala eNtabankulu noma nje manje sebasabalele izwe lonke. U Mtshali uthathelwa ekutshaleni. ake sibalamanise:

  • Mabhedla
  • Mlambo no Mtshali
  • Mkhathini/Jiyane
  • Mkhabisanyathi-Magolwane
  • Khondlo
  • Hlangabeza no Hlabangani
  • Magalela
  • Mantshinga
  • Nsele
  • Mduna
  • Shishi
  • Mandeku
  • Vezi
  • Mdineka
  • Nhlabathi
  • Manzi
    e Zimbabwe babizwa ngo Hlabangane

Izithakazelo zakwa Nkomo Clan Names

Nkomo Surname info

Yengwayo,
Mageza, Lajani,
Vezi, Phaphe,
Mahlabezula,
Nkundlande!

Izithakazelo zakwa Gasa 😍 Gasa  Clan Names

Izithakazelo zakwa Gasa

  • Gasa,
  • Msomi,
  • Gasa, Meyiwa,
  • Thabela, Vezi,
  • Nophacwa,
  • Wena owaphica Umfazi kwasa ekuseni kwazekwa indaba,
  • Onondabula zixuku zakoNdwandwe,
  • Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
  • Mndayi!

Izithakazelo zakwa Dladla Dladla Clan Names

Izithakazelo zakwa Dladla 😍 Dladla Clan Names

  • Dladla,
  • Mgabadeli,
  • Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
  • Gadlela,
  • Dwala,
  • Mpembe,
  • Mhlophe,
  • Vezi,
  • Mhlophe, Nyazitha,
  • Magalel’agoqe njengeshongololo!

Page 4 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: