clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Day: 23 July 2018 Page 3 of 4

Izindlu zobukhosi bakwaBiyela

Izindlu zobukhosi bakwaBiyela

Inkosi uNdaba wakwaZulu wazala izinsizwa endlini yakhe yaseGazini nazi ezilandelayo:

UXhoko
UShwankeni(Ntshangase)
UMgutshwa
UMutsha
UMndayi

Indlu yasoBuka: ngiyo enkulu

UXhoko uzale
UMenziwa ozale
UMvundlana ozale
UMkhosana ozale
UDumezweni ozale
UMkhombisi ozale
UNkanyiso ozale
UPhiwayinkosi,

Indlu yaseNdlangubo:

UMkhosana kaMvundlana kaMenziwa kaXhoko kaNdaba, uzale
UMgitshwa ozale
UNkomo ozale
UZwelempi ozale
UPhangifa.

Indlu yakwaSanguye:

UMenziwa kaXhoko uzale
UMagidi ozale
UBahlangethe ozale
UNgangezwe ozale
UKhishwekhaya ozale
UVelemandleni.

Indlu yaseMahlayizeni:

UXhoko wazala
UDidi ozale
UMthiyaqhwa ozale
UManyala ozale
UVelangaye ozale
UBhekizwe.

Indlu yaseMombeni:

UMgutshwa kaNdaba, wazala
UNodade ozale
UGala ozale
UMphezeni ozale
UMhlakaza ozale
UKhohlwezakhe ozale
UMandlenkosi ozale
UBhekizenzo ozale
USifiso.

Indlu yaseMangidini:

UMutsha kaNdaba wazala
ULuzipho owazala
USithunga ozale
UNomzama ozale
ULukhulwini ozale
UPhindizwe ozale
UFangelakhe ozale
UMkhokheleni.

Indlu yaseMvuzane:

UMndayi kaNdaba wazala
USobaba ozale
UNdlongolwane ozale
UHhashi ozale
UZalaba ozale
UBhekabelungu ozale
UZwelezinduna.

uShwankeni/ uSidinane kaNdaba yena wathi bantshingiwe abakwabo wazibiza ngesibongo sakwaNtshangase. Ngizobhala ngamaqhawe akwaNtshangase ngokulandelayo.

Isilo uCetshwayo kaMpande

Image may contain: 1 person, indoor

Isilo uCetshwayo kaMpande isona esathwala kanzima empilweni yaso.
Sazondwa ekhaya nangabezizwe abamhlophe, kodwa ke safuza uyise izul’eliphezulu uShaka naye wayezondiwe kubo uyise nasekhakhinina uMakhedama.

Isilo sokuqala ukumbatha izimpahla zabamhlophe futhi nokukhuluma isingisi nokufodwa izithombe kwaqala ngaye kwaZulu.

Wathi noma esebuya phesheya eNgilandi Isilo samaSwati uMbandzeni kaMswati wathumela amanxusa ukuzobona isilo uCetshwayo, okwanguMntanenkosi noMnkonkoni wakwaKunene baphekelezelwa ngemajaha, bafike bamotha umntakaNdaba, uJininindi omnyama uzitho ngokugwegwa kubakayise. BAYEDE wena wendlovu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Barack Obama in Kenya Ezwenikazi lase Africa

Barack Obama in KenyaΒ 

Image may contain: 1 person

Barack Obama, ongumengameli wase America(USA) wayesekhaya kubo lapha kuleluzwekazi lethu iAfrika eKenya, wayeseyibhungu enoyisemcane wakhe.
Vele uObama ungowase Africa uzalwa uBarack Obama sr waseKenya obekaye eMelika eAlaska ngokuyofunda imfundo yasemazingeni aphezulu. Wafike watholana nentokazi emhlophe eyazala lomongameli obusayo namuhla eMelika. Kwamanje usekhona ugogo wakhe ozala uyise eKenya. Washo umprofethi uMarcus Gavey waseJamaica ukuthi iMelika iyobuswa ngumuntu omnyama ngelinye ilanga ukusho lokhu ngo 1927 ebe sesontweni. Kulelo zikhathi ubandlululo lwaluseme ngenhla eMelika umuntu omnyama wayephathiswa kwesigqila engavunyelwe nokukhonza uNkulunkulu.

Izihlabani zeSilo uShaka

Izihlabani zeSilo uShaka

Image result for shaka zulu

Lawa amaqhawe ayehlabana ngempela ezimpini zalo iLembe. Yiwo enza kufezeke iphupho lesilo uShaka lokubumba nonke abeNguni ababephakathi komfula uPhongolo noMzimvubu ukuba bakhonze ngaphansi kombuso wakhe.Β 

Kuqala ngoShaka emakhosini akwaZulu ukuthi kube neNgonyama/isilo. Kanti ubuNgonyama baqalwa uNgwane 3 kaSidwabasiluthuli/Landzandzalukane/Dlamini 3 waseSwazini, owayebusa ngezikhathi zoLanga kaXaba wamaNdwandwe, kwaZulu kwakubusa uJama kaNdaba, kwaMthethwa kwakubusa uJobe ka Khayi.

Nawa ke lamaqhawe eLembe:

-uMgobhozi “ovelentabeni’ Msane
-uMdlaka kaNcidi Ntshangase
-uNqoboka wakwaSokhulu

-uNtshiphi kaShangane Mthethwa
-uNdlela kaSompisi Ntuli
-uNzobo kaSobandli Ntombela
-uManyosi kaDlekezela Mbatha
-uMaphitha kaSojiyisa Zulu
-uMenziwa kaXhoko Biyela

-uMbopha kaSithayi Ntshangase
-uHlathi kaNcidi Ntshangase
-uMzilikazi kaMashobane Khumalo
-uMagidi kaMenziwa Biyela
-uMvudlana kaMenziwa Biyela
-uNgubhane kaNgomane Mdletshe
-uMapholoba kaNgomane
-uManqondo wakwaMagwaza
-uKlwana kaKhoboyela Buthelezi
-uJeqe kaSilwane Buthelezi
-uNdosi kaNondumo Nzuza

Bhambatha kaMancinza Zondi

Bhambatha kaMancinza Zondi

Image may contain: one or more people

Inkosi eyalwa nabelungu iphikisana nokukhokha intela ezweni loyisemkhulu bayo. Wajaka uMbambatha kaMancinza isilo uDinuzulu sisazoyihlela impi. Kuthiwa impi yaMakhada kuliwa kubangwa ukhandampondo, okwakuyimali eyayikhokhwa umuntu nomuntu ibhalwa kubelungu. Kunamakhosi amesekayo ubabaza okubalwa inkosi yakwaNgobese uMehlokazulu owakhipha amabutho naye.

Impi yaseSandlwane

Impi yaseSandlwane kwakulwa uZulu namaNgisi. Isilo esasibusa kwabe kunguCetshwayo,uJininindi omnyama uzitho simagwegwe kubakayise, ubhulumlilo eNdulinde!

Amaqhawe ayekhona:

Mkhosana kaMvundlane Biyela
Ntshingwayo kaMahole Khona
Godide kaNdlela Ntuli
Sihayo wakwa Ngabese
Zibhebhu kaMaphitha Zulu
Mehlokazulu kaSihayo
Mkhumbikazulu kaSihayo
Mbopha kaWolizibi Hlabisa
Hayiyane kaMaphitha Zulu

Ingwenyama yemaSwati uSobhuza 2

Ingwenyama yemaSwati uSobhuza 2

Inkweletsheni kaMahlokohla, uNgidingidi madlala kwezimunyama isihlangu!

Image may contain: 3 people, people sitting

Shingana kaMpande

Shingana kaMpande

Image may contain: 1 person

Lona umntwana uShingana kaMpande. Wayethembeke kakhulu kumfowabo uCetshwayo kusukela empini yabantwana eNdondakusuka emeseke njalo.

Nasempini yaseSandlwana wayehola ibutho elaliphethe umjojantana. Kwala noma esekhotheme uCetshwayo wethembeka nakundodana uDinuzulu waze wayoboshwa abamhlophe ngenxa yokususa udushe empini yaseSandlwana. Wethembeka waze wakhothama ngo 1904, ekhothamela ekudingisweni eMntshezi abamhlophe. Wathi esegula wacela ukuthunwa lapho kwawela inkaba yakhe khona,eNdulinde kwelaseMandeni. Shingana kaMpande.

UNOMAGONONDO

IQHAZA LEQHAWE UNOMAGONONDO, EKWAHLULWENI KOMNTWANA UZIBHEBHU…

“UMkhangula Jozi ngaphansi kweTshana.

Ulikhangule ngoFalaza. USomkhanda wakithi eMkhontweni…”.

Lezi yizibongo zeNkosi uDinuzulu, eyazithola emva kwempi yaseTshaneni lapho kwehlulwa khona uMntwana uZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama. Owahlubuka eNkosini uCethswayo emva kwengxabano, eyaba phakathi kwakhe uMntwana uZibhebhu noMntwana uNdabuko kaMpande wakwaMinyamanzi. Waze wathi uMntwana uZibhebhu “umuntu wagwaza iNkosi qede wafa yena. Mina ngixabene noNdabuko, angixabene neNkosi.”.

Ngala mazwi, uMntwan uZibhebhu wayevezela iNkosi uCetshwayo, ukuthi, wayengaxabene nayo, kodwa wayexabene noMntwana uNdabuko, owaye mubukela phansi. Lengxabana yalandela impi yaseSandlwana, lapho amabutho akhe uMntwana uZibhebhu ayeholwa nguNomagonondo kaNtini Gumbi, uSikhizane kaNomageje Buthelezi, uDundu kaMawewe Nxumalo owayeyiNduna yaseMsebe, kanye naye uMntwana uZibhebhu egqishe neNkosi uCetshwayo.

Kwase kunokubukela abakwaMandlakazi phansi, bebukelwa yiNdlunkulu kaZulu. Lokhu kwakugqanyiswa nguMntwana uNdabuko kakhulu. Angizuku gxila kakhulu kulokhu kubukelana phansi kwabo.

Kodwa kwakungekuhle ngoba phela, uMntwana uZibhebhu kaMaphitha, uyena owathatha uMntwana uDinuzulu, wayomubeka oPhanyekweni kuNdlovukazi uKhundlase, emva kukwehlulwa kukaZulu empini yaseGingindlovu eyagcina iwele umfula iNyezane, iholwa nguMavumengwane kaNdlela kaSompisi Ntuli, noPhalane kaMdinwa Mkhwanazi owayeyisikhulu sakhona eGingindlovu, noSomopho kaSikhala Mthembu.

INyanga yempi lapho, kwase kunguKhondlo kaMabuza kaMzila Mazibuko ngaphansi kweNkosi uCetshwayo. Yehlulwa ekaZulu, yahlehla, amaSotsha amaNgisi aphikelela oNdini efuna ukubopha iNkosi uCetshwayo, aze ayithola emzini kaShoyisa Mbuyisa.

Ase eyithatha eyoyibophela epulazini i-Orde Molen eKapa. Amaqhawe amaningi abuka, angakuthanda okwakwenziwa yiNdlunkulu kaZulu, emva kukusizwa empini yaseNdondakusuka kuze kuyoshaya kwe yaseSandlwana. Amaqhawe anje ngoNomagonondo kaNtini Gumbi nabo oSikhizane kaNomageje Buthelezi. Ngakho-ke bahlubukela kuMntwana uZibhebhu kaMaphitha.

Kwahamba kwaqubuka impi yaseMsebe, lapho kwasala khona amaqhawe amaningi oSuthu ngemikhonto kaMandlakazi owawuholwa yiqhawe uSikhizane kaNomageje, uZulu uholwa nguMntwana uDabulamanzi kaMpande Zulu. Kwasala iqhawe uMyeza kaMsongane Nzuza, kwasala iqhawe uGwaba kaNkunzi Ntshangase namanye avelela ngokuhlabana eMsebe uSuthu lwahlehla. UMandlakazi wathumba uMntwana uZiwedu kaMpande. USuthu lwalulekelelwa nguMntwana uHlezibane kaMkhanyile Zulu, kodwa naye walahlekelwa eMsebe.

Kanti noMntwana uHhamu kaNzibe Zulu kwaNgenetsheni, wangakuthanda lokhu uMntwana uNdabauko nabanye eNdlunkulu kaZulu ababekwenza, becwasa uMandlakazi wonkana. Naye wagqisha noMandlakazi, kwaqubuka impi yasoNdini, belujuma uSuthu, kwalala ucaca. INkosi uCetshwayo yasinda ngokuthi galo yephuka. Sekubusa iNkosi uDinuzulu kaCetshwayo, kwaliwa noMandlakazi izikhathi eziningi, uSuthu lwehlulwa njalo.

Kwaze kwasungulwa oHambebusuku ababe holwa yiqhawe uNsukuzonke kaHlokolo Ndwandwe, noMntwana uDabulamanzi kaMpande Zulu ababe bulala ababengahambisani nombuso weNkosi uDinuzulu.
Kwaze kwelekelela iqhawe uNomagonondo kaNtini Gumbi, wayokhonza ngaphansi kweNkosi uDinuzulu. Wafike wahlebela iNkosi ngamaqhinga okuwisa ubukhosi boSuthu, ayevuke nawo uMntwana uZibhebhu. Lwaqala ukunqoba uSuthu, kwaNdunu lapho kwahlabana khona iqhawe uSiqatha kaNgonela Ntombela, neqhawe uMkhentu kaMacala kaNgwadla Nyandeni. Wahlehla uMandlakazi, ngisho nasempini yaseTshaneni wehlulwa uMandlakazi. Lwanqoba kukubi uSuthu…”USuthu! Uthuli lwempi wethu!”..

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: