clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: August 2013

The Ndebele are a Nguni people, they originate from Nguniland which was an area South East of Afrika which stretched from encompassed parts of Present day KZN, Swaziland and Eastern Transvaal. They first travelled with Abakwa Zelemu (AmaBhaca) to Ubombo Mountains and later broke away and entered the Transvaal. Their first known chief was Mafana. They proceeded to present day Mohlakeng (Mhlangeni) near Randfontein and continued to a place called Kwa-Mnyamana near Pretoria under the leadership of King Musi. After the death of Musi they split into two tribes Ndzundza and Manala due to succession dispute. Ndzundza and Manala were the sons of Musi Mhlanga.
Masombuka settled with the Ndzundza group while Mthombeni and Sibasa headed north with their followers. Sibasa later joined the be-Venda. Mrhwaduba joined the Pedi near Turfloop in Limpopo.
Dlomu went back to KZN, Mphafudi and Litjha ended with the South Sotho in Lesotho and Free State.
All the above were sons of Musi of Mhlanga.

The Ndzundza group moved past Middleburg and settled at Roosenekal (Kwasimkhulu) The Manala group returned to Kwamnyamana after the truce they made with the Ndzundza group near Loskop Dam Middleburg at a place called Konoqolo/Koqoli.
When Ndzundza died his son Mrhetja took over, and when Manal died his son Silamba took over kingship.
Later regents ruled the Ndzundza, those were Siboko, Somdeyi and Mabhoko.
Mabhoko died in 1865 and Masilela took over followed by Soqaleni who ruled until 1873, followed by Xobongo up to 1879, who was succeeded by Nyabela.

In the 1980’s the Musi Ndebele were given the land in the north-east of Pretoria near Groblersdal and Marblehall (Siyabuswa) as their semi-independent homeland. The youth and the Ndzundza royal house resisted apartheid independence. That place was called Kwandebele and is now under Mpumalanga province of the Republic of South Africa.
The language that these Ndebele spoke was a mixture of Nguni, Pedi and Afrikaans. In the 1980’s efforts were made to preserve a purer form of Ndebele and it has been very successful becaus now they speak pure undiluted Ndebela language which is also taught at schools. Previously they were taugth in Pedi and Zulu languages.

Izithakazelo zakwa Hlatshwayo 😍 Hlatshwayo Clan Names and brief history
Abantu bakwa Hlatshwayo bahlobene nabakwa Ngwane nabase Swazini.
Ulibo lwabo luhamba kanje:

Mhayise, Langa, Hlatshwayo, Sophikwase, Cebisa, Ngwanya, Mhlaba, Mgogodlane, Siyendane, Muleshe, Mhlaba2, Mgogodlane2 (Swazini)

Indlu yase Bergville:
Mgogodlane, Makhwelela, Shali, Novoyi (Somtseu) Siphiwe, Thulani, Siyendane, Manukuza, Mgezeni, Bambuhlanga.

Indlu yase Gege:
Muleshe, Mahubhu, Velamuva.

Nazi izibongo zakwa Hlatshwayo:
Ngwanya, Siyendane,
Gidogongweni ovalumnyango ngamakhanda amadoda,
Cebisa ka Mbengeshe,
Wena owacebisa amakhosi,
Mhayise wako Langa,
Hlatshwayo abahlabizinkomo zamadoda esibayeni,
Bazidle bangasolwa,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibutho lika Gobizembe,
Ngelengele!

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.

Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.

Izithakazelo zakwa Myeni:

Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.

Abantu bakwa Nzama kusengabantu bakwa Wosiyane, Imvelaphi yabo ikwa Ngcoba bahlobene no Dube, Nyusa nama Qadi. uNgcobo no Mkheshane bazalwa ngu Vumezitha wakwa Nyuswa bahlobene futhi no Shangase.
Abantu bakwa NZAMA Wosiyane baningi eMvoti.
Ake selamanise amakhosi akwa Wosiyane ngoba isibongo nesibongo umlando waso ulandeleka ngamakhosi aso.
Nzama, Manjanja, Khumalo (hhayi Mntungwa), Mvakela, Mashiza, Ngombane, Mvakwendlu, Tshani (hhayi wama Ngwane)
Kukhona nabanye bakwa Wosiyane abazibiza ngo Chamane.

Izithakazeli zakwa Nzama:

Wosiyane, Gcugcwa, Mashiza, Dingila, Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi,
Amanye amakhosi edume ngesithembu,
Nina enawela ngelibanzi,
Kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina baka mfazi kashaywa ngemvubu,
Kodwa ushaywa ngombhombolo wsidwaba,
Zukula kano Mbhoco,
Gcugcwa ka Ncameni,
Nina base Ntendeni.

Abantu bakwa Mchunu kusengabe Nguni bazinza phakathi kwe Thaleni ne Nkandla no Mzinyathi.
Isizwe sakwa Mchunu sagqama ngenkathi kubusa inkosi uDingiswayo kwa Mthethwa, ngaleso sikhathi sabe sibuswa uMacingwane.
UMuzi ka Macingwane wabe use Thaleni ubizwa ngokuthi kuse Ngonyameni.

Izibongo ezihlobene nabakwa Mchunu u Majola, Mcumane, Ngqulunga no Ndawonde.
Ake sibazalanise:
U Mavovo uzale uNyanda Lubhoko (Dubandlela)
uLubhoko wazala uJama, Lucungu nabanye,
uJama wazala uMacingwane,
uMacingwane wazala uNsundu, Mfusi, Gandeduze, Ndabezimbi, Mqanyana, Phezulu, Nyoni no Phakade,
uPhakade wazala uGabangaye no Mbelebele,
uGabangaye wazala uSilwane, Ngomane nabanye,
uSilwane wazala u-Mzochithwayo yena ozale u-Simakade okunguyena obusayo manje,
uMfusi wazala uZimema owazala u-Mmeli.

Izithakazelo zakwa Mchunu:
Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!

Abantu bakwa Ngobese

Abantu basemaQungebeni: Kuthiwa lababantu babehlala emigedeni ngase Ntabantuzuma kwaze kwaba nezinsolo zokuthi bangama Zimu kodwa zaphela uma kubonakala imfuyo eningi kanti futhi babenamasimu. Bavelele kakhulu ngesikhathi inkosi uSenzangakhona Zulu ethatha isithole sakhona uMphikase. Yiso lesisithole esingunina wenkosi uDingane owasoconga umnewabo iLembe. U Mphikase wabe engunkosikazi wesithapha ka Senzangakhona.

Indawo yabo beyisuka eBabanango ize iyoma ngomfula uMzinyathi. Ngalesosikhathi babeholwa uXongo owalandelwa indodana yakhe uSihayo obuse ngesikhathi se Silo saso Ndini uCetshwayo.
U Sihayo uzale uMehlokazulu no Mkhumbikazulu. U Sihayo yena ukhothame ngesikhathi uZibhebhu ecoboshisa izikhulu zaso Ndini ngo 1883.

Izithakazelo zakwa Ngobese

Khaba, Xongo, Sihayo, Mehlokazulu, Mkhumbikazulu, Nonjini, Gudlumkhonto, Mdonswa, Mlambo,
Bantungwa abamnyama,
Mdlabela, Mthintisa, Gamandane, Phalane, Mzongela, Mbikwa, Malabela, Sothulisa !
Ntinde lase Ntuzuma,
Enadelumbuso nawunikwa abezizwe naqondukhlupheka,
Nina enakhishwa ngenoni emgedeni,
Bakwa nkonyane kazibukizulu,
Bakwa Nyathi ingalala ngecele kobe konakele,
Nina baka Nomashina ngoba eshanaze umuntu nge jozi!
Bakwa qhambule bethu uyaminya!
Mabhekana nempi yase Sandlwana,
Nina magqobhagqobhane yayikade ihlokolozwa.
Maqungebe Amahle !!!

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: