meaning of names πŸ’› clan names πŸ’― history

izithakazelo

Tag: Izithakazelo Page 2 of 91

Izithakazelo zakwa Lusenga

Ngicela izithakazelo zakwa lusenga

Izithakazelo zakwa Menyuka Clans & History

Menyuka,
Malambule, Godlamkhonto,
Salakwakwa, Sidlaka, Nkonono Wena ka Tikilimba,
Wena ka Phathinduku!

Umlando kaSibambo. Izithakazelo Sibambo

izithakazelo zakwaSibambo
Sibambo
Masinga
Bhaka hhofu
Mabanda ngesika kuNkindwane
Umoni wendlela ngonyawo
Malandela
Mkhombi wendlela
Wena okwaphambana izindlela kwangaphambana ikhanda
Wena owabulawa ngekhofi
Abafokazane bekufela umona
Ngenxa yezibusiso

USibambo lona wayenguMasinga ngokuzalwa. Babezelwe bebabili bengamadodana eNkosi uMabhudu Masinga, okwathi ngonyaka okwafika ngawo amaPortuguese, efika ngemikhumbi ezweni lakhe afika amthungatha, ehamba ebuza, kwaze kwafika ezindlebeni zakhe, wasekhetha ukufihla amadodana akhe kwezizwe ezakhelene naye. Eyodwa yawelela empumalanga kolwandle yayocasha ezweni likaTembe, enye eningizimu yolwandle. UMasinga owayecashe ezweni lakoTembe waselethwa isibongo esisha uSibambo kuyisibongo sokucashela amaPortuguese.

Izithakazelo zakwa Mbanjwa clan names & History

Mbanjwa,
Khathini,
Samu,
Mayoyoyo,
Mancisha kancane,
Nina enaphekwa netshe lavuthwa kuqala, nina nagongobala,
Lwandle kaluwelwa izinkonjana ezindizela phezulu!

Izithakazelo zakwa Msebeni

Msebeni clan names

Mwandla clan names – Izithakazelo

MWANDLA

Ndubane,
Nkwelo,
Themane,
Nohaye,
Soyanga,
Mkhasibe,
Mpangazitha oziphangayo,,
Siyenjana siyasikwa siyahluma sinjenge dobo,
Nina baka mqabula nkungu kuvele ilanga,
Nina abaka msongi wensimbi ayithwale ekhanda,
Nina abe Nhluzwa emdlenevu,

Ncaphayi!

By Xolani Ka Nyangazonke – xmwandla@gmail.com

Nyongwana, izithakazelo

Ncaphayi, Ganile, Mfunzane, Nzoboyi, Mashiyamahle!

Izithakazelo zakwa Thusi clans & history

Thusi
Mlotshwa,
Sishange,
Ndlebenkomo,
Bhulekuphangweni,
Makhanya,
Gcwabaza,
Nondlela,
Msuthu,
Ndandali,
Ntamonde,
Khambule,
Ndlandla,
Vunisa,
Zindela,
Manyoni,
Mbuyisa,
Mzilankatha,
Mshazi,
Mlambo,
Mabhedla,
Vunisa,
Inina enehla ngomzungulu niphuma empumalanga umzungulu wasala wabola, Sbumbu setshwele eligulayo,
Madla umchamo wenja
Manyosi sofakaza

Izithakazelo zakwa Bongwe Clans & History

Bongwe,
Jiyane,
Mdladla,
Mbuyisa,
Vezi,
Ntanzi,
Ndlovu zidlekhaya ngoba entabeni ziswele abelusi!

Izithakazelo zakwa Mabelesa clans & History

Mabelesa mbuthwini Khabo langa mashiya amahle wena wezinkomo ziyamunyuluka zinjengamanzi!

Page 2 of 91

Powered by WordPress & Theme by Anders NorΓ©n

error: