Ngicela izithakazelo zakwa lusenga
Tag: Izithakazelo Page 2 of 91
Menyuka,
Malambule, Godlamkhonto,
Salakwakwa, Sidlaka, Nkonono Wena ka Tikilimba,
Wena ka Phathinduku!
izithakazelo zakwaSibambo
Sibambo
Masinga
Bhaka hhofu
Mabanda ngesika kuNkindwane
Umoni wendlela ngonyawo
Malandela
Mkhombi wendlela
Wena okwaphambana izindlela kwangaphambana ikhanda
Wena owabulawa ngekhofi
Abafokazane bekufela umona
Ngenxa yezibusiso
USibambo lona wayenguMasinga ngokuzalwa. Babezelwe bebabili bengamadodana eNkosi uMabhudu Masinga, okwathi ngonyaka okwafika ngawo amaPortuguese, efika ngemikhumbi ezweni lakhe afika amthungatha, ehamba ebuza, kwaze kwafika ezindlebeni zakhe, wasekhetha ukufihla amadodana akhe kwezizwe ezakhelene naye. Eyodwa yawelela empumalanga kolwandle yayocasha ezweni likaTembe, enye eningizimu yolwandle. UMasinga owayecashe ezweni lakoTembe waselethwa isibongo esisha uSibambo kuyisibongo sokucashela amaPortuguese.
Mbanjwa,
Khathini,
Samu,
Mayoyoyo,
Mancisha kancane,
Nina enaphekwa netshe lavuthwa kuqala, nina nagongobala,
Lwandle kaluwelwa izinkonjana ezindizela phezulu!
Msebeni clan names
MWANDLA
Ndubane,
Nkwelo,
Themane,
Nohaye,
Soyanga,
Mkhasibe,
Mpangazitha oziphangayo,,
Siyenjana siyasikwa siyahluma sinjenge dobo,
Nina baka mqabula nkungu kuvele ilanga,
Nina abaka msongi wensimbi ayithwale ekhanda,
Nina abe Nhluzwa emdlenevu,
Ncaphayi!
By Xolani Ka Nyangazonke β xmwandla@gmail.com
Ncaphayi, Ganile, Mfunzane, Nzoboyi, Mashiyamahle!
Thusi
Mlotshwa,
Sishange,
Ndlebenkomo,
Bhulekuphangweni,
Makhanya,
Gcwabaza,
Nondlela,
Msuthu,
Ndandali,
Ntamonde,
Khambule,
Ndlandla,
Vunisa,
Zindela,
Manyoni,
Mbuyisa,
Mzilankatha,
Mshazi,
Mlambo,
Mabhedla,
Vunisa,
Inina enehla ngomzungulu niphuma empumalanga umzungulu wasala wabola, Sbumbu setshwele eligulayo,
Madla umchamo wenja
Manyosi sofakaza
Bongwe,
Jiyane,
Mdladla,
Mbuyisa,
Vezi,
Ntanzi,
Ndlovu zidlekhaya ngoba entabeni ziswele abelusi!
Mabelesa mbuthwini Khabo langa mashiya amahle wena wezinkomo ziyamunyuluka zinjengamanzi!