clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Izithakazelo Page 5 of 86

Izithakazelo zakwa Mpulo Clan Names

Mpulo,
Sgidi,
Nomanzi,
Mwelase !

Izithakazelo zakwa MGADULE Clan Names

Mgadule,
Mavuso,
Mlangeni,
Nondo,
Thuyuyu,
Mphako,
Mavukatfulule atfulule tindvuku phansi nguloye naloye aphake lengeyakhe tihlome tihlasele tiyohlasela bandzawu titsatse bafati kubete nalokhulumako !

Izithakazelo zakwa Sindane Clan Names

Ndzotho Radebe lihlokohloko lomlambo lingalamba liyahlokoma lingasutha liyahlokoma,

yinyoni esakha kumbi ngeyakha esihlengeleni somlambo.

USindane ngubhadisa ngewabhada ikomo isalibele yena sikuni sirorwana sakwaDlomo,

Udlomo nguMthimkhulu siphuthuma ngewaphuthuma amadoda asalibele.

USodwala ngewathundela ilitje kwasala kusela abafazi bamaNdzotho, uDukwana ngewatjhiya idondolo la khe ebandla ngelasala likhulisa inzukulwana zakwaRadebe,

Hlokohloko lomlambo fuya komo!

Umlando wakwa Mbanjwa nezithakazelo 😍 Mbanjwa history

Umlando wakwa Mbanjwa

Isizwe sakwaMbanjwa singaMakhuze ngeminyaka yawo1700 .ngezikhathi zokufuduka kwabantu .oMbanjwa bebehamba nesizwe SakwaDlamini nesakwa Khuboni nezinye izizwe bonke bengaMakhuze bekhonza ngaphansi kwesizwe SakwaDlamini sonke kuthiwa singsbase Makhuzeni iNkosi ebeyibusa amakhuze .

Kusukwa enhla neSwaziland bekuwuFodo Dlamini .kwabaWuKhukhulela nali iliba lenkosi uKhukhulela kwaKopi eMsinga..ngibuyele kwaMbanjwa ..amaMbanjwa uma eyisizwe ewodwa kuthiwa amaSami yikona kunezi godi
Okuthiwa yiseMasamini amaMbanjwa okusuke kuyisizwe sabo isithakazelo leso esibizwa ngaso oKhathini Msami .ke sihambe njalo ke AmaKhuze eNtunjambili amaMbanjwa uyawathola.ePMB. Sweetwaters .Mgwagwa Richmond.Ixopo Pholela .underberg .

Ahambile ke AMakhuze .akhile azinza e Richmond nenkosi uMiskofil bafuduka bawela uMkhomazi.phesheya nkoMkhomazi uyawathola eSpringvale .lapho aMakhuze neNkosi ebusayo yamaKhuze neSizwe saseMasamini usithola ePholela Esidangeni eECentocow emMZIMKHULU KUPHELA THINA MAMbanjwa izithakazelo zethu ziyefana kodwa kakhulu sisebenzisa obabaMkhulu ngezindlu ….kodwa niyongixolela ma Mbanjwa ngolwazi lwami ..nani seniyojobelela maSami

Izithakazelo :Mbanjwa khathini Msamu Lwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ezindiza phezulu omancishane kancane .abaphekwa netshe lavuthwa nina nangongobala masami

Izithakazelo zakwa Ngcece Clan Names

Ngcece Surname

Ngcece,
Fledy,
Khiniza,
Duyane,
Dangazela,
Mlilo ovuthathayo,
Lusinga luyathunga luyancosuka,
Malanda amhlophe okwezinyoni zezulu !

Izithakazelo zakwa Ngceshe Clan Names

Ngceshe,
Lubisi,
Ntonga leshaya,
Mathonga,
Nkomo lebovu nemathole ayo !

Izithakazelo zakwaGwabeni Clan Names

Gwabeni Surname

Zungu, Manzini, Sengwayo,mgedezeli,ongamakayishi yisha ngabaphephezeli, Nkonyane yase mahenyeni,
Wena owaphuma nenoni emgodini,
ngongoma zomkhonto, wena geja lohamashe olungaziweleli uThukela kodwa luwelelwa zinkonjane!

Izithakazelo zakwaMadida Clan Names

Ozikode,

Ombhadu,

Oskotha,

Phikela,

Itshe lokumbhambhatha,,

Wena owasenga inkomo ezimbhili,

Wasenga emhlophe nemnyama,

Madida!

izibongo zakwa Nkomo

AmaNkomo

oonkomo
OoMntungwa
oomasinkane
oonyonyoza
oogolela
oonkumbuzo
ooyengwane
oosgqwabane

ngama Nkomo ke lawo

Izithakazelo zakwaNomandla Clan Names

Ngicela ningisize ngomlando wabantu bakwa Nomandla

Page 5 of 86

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: