Nyide, Ndabase, Gcobela Sakane, Mbova Gwazane, Madlodlo Mbiyane, Mgebusa Thwala, Mqulo Mpofu, Nsungulo Zokubheka, Nina enehlisa Impofana noThukela, nahlahla umhlanga, naweza amakhosi eLenge ngoba ayedukelwe izibuko imifula igola izintethe, nina baka gobhoza enxiweni, nina bakaNsingizi eyashaya amaphiko kwazamazama izwe lonke ngoba yayikhalisa okwalo inkayiyankomo, nina bakwankomo ezakhahlela umfana zaswela umelusi, IZWE LINDABANDABA NJENGANI.