Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to see pictures

Nkwanyana

Myikwe! Zikode!

Zikode kaLanga

Makhanda

Nina bakaMangena ngezith’ ekhaya,

Iqili likaDonda elihlatshwe kwaze kwashona ilanga,

Zingakahlatshw’ izibhabhayiyana,

Wena kaNokuphatha,

kaNkomo zinendumo

Mvundlana owashiya izinja nabantu,

Ogijime ngebel’ ukhalo lakwaMthethwa.

Ebaleka nentomb’ emhlophe yakwaMthethwa,

Ijuba elenz’ amangong’ emuva kwendlu kwabo kwaNontshikila.

Ngibabaza ngingabikeli muntu,

Unonsula nyembezi ngomkhonto,

Umkhon’ uphambana nowesotsha eNkandla.

Mthayi kaNtshele!

Mathunjana

Mbokodo !

IZIBONGO EZIHLOBENE NO NKWANYANA

Nxumalo

Manqele

Zwane

Wela (ngenxa yokuwela uThukela)

Nkukhu (wafika nezinyoni ezingandizi ngasogwini eManzimtoti)

Gumbi (Gumbi wawoNdlovu)

Zikode (Zikode kaLanga)

Nqayi (batholakala ngase Marianhill)

Myikwe noma Mikwe, kuya ngezindawo. Ukuthi Myikwe yisithakazelo esithinte cishe wonke amaNkwanyana.

Abathakazelwa kuthiwe Makhanda yilaba abakhe eBaqulisini, Makhanda ngokukhanda insimbi.

IMVELAPHI KA NKWANYANA

Abantu bakwaNkwanyana baphuma kubantu bakwaNxumalo abahlobene noNdwandwe noMavuso.

Kwakunempi yeLembe eyahlasela kwaNdwandwe lempi eyayibizwa ngokuthi impi yakwaGqokli eyayilwa ezintabeni zondi. Kwaliwa bahlulwa abakwaZwide. Bathi behamba nje ehlathini bathola umfana omncane esehlathini engenamuntu okwakusolakala ukuthi abazali bakhe sebashona khona empini. Lomfana kwakunguMtoboza igama lakhe.

Bamthatha bamyisa kwiLembe lamthanda lamthatha lathi lizomkhulisa bese limfaka emabuthweni. ILembe lamthatha uMtoboza lathi akaluse amankonyana. Wafika kwaZulu walusa amankonyana waze wagcina esebizwa ngoNkwanyana. Wakhula waba nomndeni umndeni wakhe wagcina sekuwuNkwanyana ogcine sekuyisibongo sakhe yena ungowakwa Nxumalo.

ISIZINDA LAPHO BEKHONA ABAKWA NKWANYANA

1. Emtshezi eMabhanoyini

2. Idolobha uMtshezi lisendaweni yakwaNkwanyana

3. KwaDayeni eMtshezi

4. KwaDayeni eMahlabathini

5. Emandeni

6. KwaSomkhele eMtuba

7. Etshezi esgodlweni

8. Eshowe EmaNkwanyaneni

9. KwaNobamba naseMandeni

Nakwezinye izindawo

ABAKWANKWANYANA BAZIHLOMULELA NGENDAWO NOBUKHOSI

Ngalesosenzo sikaMathunjana sokusindisa impilo kaMpande, iSilo uMpande samnika indawo laphaya eMandeni ukuthi akabe nezwe lakhe njengoba namuhla kunendawo ebizwa ngokuthi kuseMaNkwanyaneni. UMathunjana wala ukuphatha endaweni engaSothukela lapho ngoba wathi wesaba ukuphatha abantwana bakaMpande abeyinkosi abengamele. Kwabuye kwashintshwa ubukhosi bathathwa avakwaZulu kwase kuthi abakwaNkwanyana baba ngoNdunankulu besizwe sakwaZulu.

Wazinza khona uMathunjana futhi waganwa ngamakhosikazi amaningi , wenabela koNtunjambili ngaseKranskop.

ABAKWANKWANYANA BAYITHOLA KANJANI INDAWO YASEMTSHEZI NOBUKHOSI

Kwakunempi iSilo sase sithi abakwaNkwanyana ngoba bona bayakwazi ukukhendla abakhendle umuthi abazonqoba ngawo empini kubulawe abantu. Wabhila uKhwelela kaMtoboza ngoba isilo sasimthembise ISIHLANGU ESIMHLOPHE ESINAMAGABELO AMHLOPHE.

kwaliwa empini banqoba ngazo iziNtelezi zikaKhwelela. Sekubuywa empini kwezwakala ukuthi babuyile bonke kodwa usale enkundleni uKhwelela.

Isilo sathi akuyobhekwa ukuthi amanxeba akhe akuphi angemumva noma ngaphambili. Kwatholakala ukuthi angemumva futhi basho noSbhincamakhasana ukuthi ubulewe nguDayingubo wakwaNdwandwe. Lokho akwehlanga kahle kuMangena umfowabo kaKhwelela.

MANGENA EPHINDISELELA UMFOWABO NOFUDUKO LWAKHE

uMangena naye wamlalela unyendle uDayinguba wamgwaza ngeklwa wamjuqa kungaboni muntu. Bazikhininda abantu bezidlela iziphuzo zabo ukuthi nguMangena lona obulale uDayingubo.

Wathi esalusile uMangena bathi kwafika igwababa lakhulumanaye lathi ” Mangena lezinkomo angekr usazidla baleka abakwaNdwandwe bazokubulala”

Nebala wathatha imthwalo yakhe nemfuya kamfowabo nomfazi wakhe baze bawela uThukela beziphephisa baze bayokhonza kwaNgubane endaweni esekuthiwa kukwaNyuswa wazinza khona

NTANZI ELANDELA UMANGENA

Indoda ekuthiwa uNtanzi yasuka kwaZulu yalandela uMangena waze wayofika kwaNyuswa wakha khona. Wakha umuzi wakwaDayingubo ngoba kwakubulawe uDayingubo kwaNdwandwe bakha lomuzi besusela lapho njengoMzilikazi wakha ihlalankosi lakhe wathi kukwaBulawayo.

INZALO KAMANGENA

Wazala izingabe zanda wazala uMadaphi. Omunye wakha eNdwendwe onguSyaluyalu. Omunye wakhe eKranskop uMbokodo indodana kaMangena Nkwanyana.

Ingane kaMbokodo yakhula yaba umphathi westesh samaphoyisa

Kuthe ngesikhathi seMpi. Umbokodo wahamba iskhathi esiiide engabuyi. Bamfanisa nengane yakhe eyayiphethe isteshi. Bambuze bamkhumbuze izingane zakhe. bagcina betholene nomndeni wakhe.

ABAKWA NKWANYANA BABEDUME NGANI

NguNkwanyana owayencibilikisa ithusi bese enza imikhonto namakhuba. Babakhanda lemkhonto bethengisela amabutho namageja kwabafuna ukulima bagcina sebefuye kakhulu ngoba kwaba yifa labo leli. Ezinye izizwe ezazenza lokhu kwakungabakwaShezi eNkandla, abakwaMbuyazi kwaMbonambi nabakwaNzama eWosi.

NKWANYANA MAKHANDA

Laba abeseFilidi oNkwanyana kuthiwa ngoMakhanda ngoba babeneFemu ekhanda insimbi lena yayingakhanda muntu. Kwase kuthiwa oMakhanda ngokukhanda insimbi.

Laba abaseFilidi bavehambe nomtwana uMkabayi kaJama bayohlala eBaqulusini khona kanye navakwaMthethwa yingakho kunobukhosi bakwaMthethwa. Yingakho bebaningi abakwaNkwanyana eMahlabathini.

UKUQAMBEKA KUKAZIKODE WAKWANKWANYANA

AbakwaNkwanyana baqhubeka bakha izikhali zabo, babencibilisa lelithusi bese becancatha insimbi bese beyishisa eziko.

Labakhona iziko befika bezofuna amakhuba nemkhonto kulindwe izinsuku ezimbili kuyaphezulu. Lomlisa wakwaNkwanyana wabona kuncono ukuthi avele enze iziko elide bese kufakwa imkhonto ngapha namakhuba ngaliyana. Beza baba baningi lapho kwaNkwanyana ngoba kwakushesha abantu ababe besalinda. Emva kwalokho wabizwa ngoZikode ngenxa yeziko elide alenzayo.

MATHUNJANA NKWANYANA

Iqhawe lakwaNkwanyana leli elalihamba namabutho. Ngelinye ilanga isilo uMbomboshe omnyama waceba icebo lokubulala umtwana uMpande. Wamupha izinkomo ezithumela bona oMathunjana ukuthi bazihambise. Intontela uNdlela kaSompisi yena waluma indlebe uMathunjana ukuthi akofike atshele umtwana uMpande ukuthi akangabuyi azobonga izinkomo.

Bazihambisa izinkomo kumtwana uMpande wazijabulela izinkomo eziyisipho aziphiwa uVemvane lukaPhunga noMageba olumabala azibhadu. Bazihambisa izinkomo babuya. Bathe besendleleni uMathunjana wathi ukhohlwe idosha lakhe likagwayi wajika. Wafike wamhlebela uMpande ngecebo eselihleliwe. UMpande akayanga nangempela eMgungondlovu eMakhosini Olundi eyobonga izinkomo eziyisipho somnewabo. Kwamphatha kabi lokho uMbomboshe. Wamsindisa kanjalo uMpande kwisitha sakhe wagcina ewelele kubelungu wayohlala khona ukuze aphephe.

Wayazi ukuthi angeke awele aye eslungwini ngoba nabelungu babengazwani benengwa ukuthi wasukuma wathintitha ibheshu qede kwaliwa eMgungundlovu.

UKUBALEKA KUKAMATHUNJANA KWAZULU EYA KUBELUNGU

Kwathi lapho livela obala iqiniso ukuthi ngubani oncinze uMpande , indaba yafika kuMathunjana ngezimbobo zomuhlwa ukuthi akabaleke.

Nebala wabaleka uMathunjana wawelela esilungwini ngaphesheya koThukela. Nebala abasocongi bafika sekukhala ibhungane kwaMathunjana.

source: Qabunga B.


More information is available on our YouTube channel