meaning of names 💛 clan names 💯 history

izithakazelo

Tag: Makhulukhulu

Bhungane clan praises

Bhungane, Mthimkhulu, Hadebe, Makhulukhulu, ngele ngele, Ndlub’ ezamila kabi zamil’ emthondweni, ndlebezinhle zombili, Langa libalele, Mshwabadel’ oshwabadel inkunzi neympondo zayo, mashiy’ amahle amade ngath awenyamazane, bayede Hlubi!

Izithakazelo zakwa Makhulukhulu Clan Names & History

Makhulukhulu surname

Makhulukhulu, Nina Besuthu, Nina ORadebe/Hadebe, Mahlubi Amahle, Hlubini Zimsuthu Bebafokeng, Zintaba zimhlophe Mntungwa, Mabaso Owabasa entabeni, Mntungwa owadla ukhambi laphuma lulinye, Mntungwa owehla wafika entabeni zokhahlamba, asibalekanga, sashiya uthumbu, ngoba ugazi akalahlwa, salahla inkomo, Bantungwa abangcwaba, Zafika Zintathu, Mashiya Amahle, Sasi sihle koMakhulukhulu, KoMofokeng, Sasisipho SiMhlophe koMntungwa, Nina Bakwa Mnotho zindlwana azihluphekile, isashisa nayishiya injalo, Ndabezitha Nina Amaqhawe Abutho !

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: