Jwarha,
Ndawonde,
Bhemnci,
Manqaka,
Umcengwa,
Umazaleni,
Khatiti,
Ngwedla Mathole phesheya kwegcigciwale,
Mnangwe,
Sjekula salak’landela!
Tag: Ndawonde
Izithakazelo zakwa Ndawonde Surname:
Ndawonde,
Sibhene senala,
Mdubu kaMadani,
Bulisa,
Gcogcozela,
Nina eniphanga ukufa abafokazana bephanga ukuphila,
Nina enangena endlini kwanuka utshwala,
Nangena esibayeni kwanuka inyama,
Naphumela phandle kwanuka inkwindla,
Jwara,
Zitha,
Labase,
Mbongwa,
Nina baseLenge,
Nina bangasenhla noThukela,
Ndawonde!
if you know more Ndawonde clan names or their history (imvelaphi yabo), please write them in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES
Ndawonde ยฎ clan names. Ndawonde Surname Meaning ๐ Ndawonde Origin. Ndawonde History
The meaning, origin and history of Ndawonde surname is not listed.
This surname is prevalent in RSA
Click to add info about this surnameAkulahlwa mbeleko ngakufelwa
Incazelo: ukuthi wenzakalelwe yinto embi akusho ukuthi lahla ithemba.
Umsuka: imbeleko eyokubeletha umntwana, uma ngabe usufelwe abantwana akusho ukuth lahla leyo mbeleko ngoba usengabathola abanye abantwana
Abantu bakwa Mchunu kusengabe Nguni bazinza phakathi kwe Thaleni ne Nkandla no Mzinyathi.
Isizwe sakwa Mchunu sagqama ngenkathi kubusa inkosi uDingiswayo kwa Mthethwa, ngaleso sikhathi sabe sibuswa uMacingwane.
UMuzi ka Macingwane wabe use Thaleni ubizwa ngokuthi kuse Ngonyameni.
Izibongo ezihlobene nabakwa Mchunu u Majola, Mcumane, Ngqulunga no Ndawonde.
Ake sibazalanise:
U Mavovo uzale uNyanda Lubhoko (Dubandlela)
uLubhoko wazala uJama, Lucungu nabanye,
uJama wazala uMacingwane,
uMacingwane wazala uNsundu, Mfusi, Gandeduze, Ndabezimbi, Mqanyana, Phezulu, Nyoni no Phakade,
uPhakade wazala uGabangaye no Mbelebele,
uGabangaye wazala uSilwane, Ngomane nabanye,
uSilwane wazala u-Mzochithwayo yena ozale u-Simakade okunguyena obusayo manje,
uMfusi wazala uZimema owazala u-Mmeli.
Izithakazelo zakwa Mchunu:
Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!
- Mapholoba,
- Nyuswa,
- Fuze,
- Mavela,
- Mafuzafulele njegefu lemvula,
- Mashiyamahle sengathi azoshumayela,
- Mavulankungu kuvelilanga,
- Sididane,
- Ngongoma,
- Maqadi amakhulu,
- Mbili
Dube
- Mbuyazi,
- Lushozi,
- Mafukuzela,
- Nyamazane,
- Nzwakele,
- Mbuyisa,
- Gobhozi,
- Nyuswa,
- Ngcobo,
- Fuze,
- Mapholoba,
- Ama-Qadi
Abakwa Dube nabakwa Ngcobo abantu banye.
Dlodlo:
- Mabanga,
- Mtingi,
- Bangile,
- Bhengela,
- Mthiyane
Duma/Dumisa:
- Ntenga,
- Mthombeni,
- Walaza,
- Dlangisa,
- Gcwensa,
- Ndimande,
- Mvula
Nzimande
- Mphephethwa,
- Mdluli,
- Mdlobhiya,
- Mangcamane,
- Ngwekazi,
- Gwala,
- Mancama,
- Vilakazi
Dumakude
Shange
Nzimase
Sishi
Goba
Jangaza
Ntshalintshali
Phathwayo
Gwagwa
Mlambo, Qunga
Gwamanda
Yenga, Sochumase
Jwaha/Jwara:
- Mbelwa,
- Mnangwe,
- Sjekula,
- Gubeshe,
- Theleza,
- Lenge,
- Ndawonde
Leave a Reply