Mathenjwa Clan Praises , Izithakazelo zakwa Mathenjwa:
Mathenjwa
Mgabadeli
Wena owagabadela inkundla kabulawayo
Dladla
Sishi
Gamula
Mageba
Ndabezitha
Wena ongayidli imbuzi ngoba usaba umsila obheke phezulu
Wena owakha umhlanga ekhaya abanye bewukha entabeni
Wena waseManyiseni !!
Abanye bazihaya kanje:
Mathenjwa – Ndabezitha – Mgabadeli – Mageba – naboNgwane – naboMacalane – wena owagabadela inkudla yakwaBulawayo – wena ongayidl’imbuzi wesaba umsila ukubheka phezulu,
“bathi bebone wena Ndabezitha besho bebone ubuyaya besilulu, lapho ijozi lidla ophansi lidla ophezulu!!!”