meaning of names 💛 clan names 💯 history

Izithakazelo zakwa Bhengu Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Bhengu 💛 Clan Praises

  • Bhengu
  • Ngcolosi!
  • Wena wakwaDlabazane,KaNgwane,
  • KaNephu kaLamula,
  • Nyawo zigezwa ngamazolo,
  • Nina enivuka nixubhe ngelala,
  • Shongololo,
  • Wathi uyalithinta lahwaqabala,
  • Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze,
  • Nyawo zeshongololo kaziphumuli,
  • Sigampu,
  • Ngwane, ingwani ngwadi,
  • Abayibone ngesond’ukuthi iwelile,
  • Jali,
  • Nina enilala nomunwe,
  • Nivuke nikhwif’ilanga,
  • Mmemezi kaHlangabeza,
  • Ngcolosi!
Prices:
t-shirt: R200
Hoodie:R400
Whatsapp/call: 061 868 5163

Next

Izithakazelo zakwa Biyase Clan Names Umlando

21 Comments

  1. Makhumalo

    Ngicela ukubuza uXhakaza ungena kuphi kaBhengu. Naba bethi kaTiktok uXhakaza oBhengu. Ngyaqala nqga ukukuzwa loko

  2. Ngicel ubuza ukth ukhanyile uhloben kanjn nobhengu

    • Mandla

      Bobabili izingane zandonye. Yingakho bobabili bethakazela ngo-Ngwane

  3. Unknown

    Sanibona uCibane uhlobene yin no Bhengu?

  4. Elihle Bhengu

    Ithina o Ngcolosi Mepho

  5. Prince Dr Meshack Lekhuleni

    Likhuleni,Makalombya,Maceya,Macaya balance a Nuto
    Phela boroko,Malala a eja
    Waxa Mphulokwane,Maxaxo,Buleka(bunantswa)
    Thuva mbovo

  6. Mxolisi bhengu

    Syazibongela Sama shongololo

  7. Ujali ungena kanjani

  8. Yithi ke labo Ngcolosi

  9. @Siyabonga Mviko, OBhengu insila yabo idabuka kubantu bakwaDlamini nabakwaLuthuli.UBhengu Dlamini wayeyindodana yenkosi yaseSwazini. Indodana kaBhengu kwakunguNgwabile Bhengu kwaya kuDlabazane. Indodana kaDlabazane kwakunguSihi owazala uSongololo. USongololo wazala uLamula yena wazala uNgwane owazala uMepho.
    Ngiyathemba uphendulekile.

  10. Njengoba kuyaye kuthiwe abakwaBhengu bazalwa kwaDlamini, ngicela ukubuza bazalwa yimuphi uDlamini? uShongololo uzalwa nobani abafowabo? Yena uzale ma
    phi amadodana?

  11. Mepho ithina labo

  12. ????

  13. oShongololo

  14. Hau kubonga thina oNcolosi

  15. siyabonga ,@zihle

  16. siyabonga zihle

  17. ngizwa kuthiw obhengu bahlobene no nhleke ngabe kuyiqiniso yini lokhu,kanjani?

  18. Aibo Hlongwane noBhengu bahlobene????

  19. O Ngcolosi ngiyasithanda lesi bongo

  20. ZINHLE IZITHAKAZELO ZENU LIKE IT

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: