IZINGCEZU ZENKULUMO:
1. Usobizo
2. Isichasiso
3. Isilandiso
4. Isikhanyiso
5. Isibabazo
6. Isihlanganiso
Asiyicubungule kahle-ke lento (Analysis by revealing sub-headings):
1. Usobizo = igama elisebenza njengomenzi noma umenziwa emshweni.
* Ibizo (noun)
* Isabizwana
– sokubala (zonke, bonke, ngedwa, sonke etc.)
– sokukhomba (lo, loya, loyaya)
– soqobo (yena, bona, zona, thina)
2. Isichasiso = igama eisichazela ngobunjalo buka sobizo / describes uSobizo
* Isiphawulo : adjectives isib. -ncane, -khulu, -fushane, -de, -ningi, -hle, -mbi etc.
* Isibaluli : (usually colours) isib. elimhlophe, elimnyama, elimnandi, ezimbalwa
* Ongumnini : Lisitshela ngokuthi into ingekabani/yakhiwe ngani/ isetshenziselwani noma kuphi
* Inani : (-ni, -nye, -phi, -mbe)
isibonelo: Muntu muni ofike la?
Munye umuntu okhulume nami.
3. Isilandiso = yigama elisilandisa ngokwenziwa uSobizo:
* Isenzo (verb) : lisitshela ngokwenziwa usobizo
isibonelo: Umama uthethise umfowethu.
* Isibanjalo : lisitshela ngobunjalo bento.
Kusetshenziswa iziqalo: yi-, wu-, ng-
isibonelo: Ubaba yibhubesi.
4. Isikhanyiso = igama elisikhanyisela ngokuthi isilandiso senziwe kanjani
* Isandiso : sendawo, senkathi nesesimo
* Isenzukuthi
isibonelo: UNonjie uhleli dekle akenzi lutho.
5. Isibabazo = igama elikhombisa ukubabaza.
Kungaba ukubabaza okuveza:
– Injabulo (Halala! Ngcingci!)
– Ukunengwa/Ukudinwa (Nxa!)
– Ukunxesezela (Nxese! Phephisa!)
– Ezokulwa (Ashila! Maluju!)
-Ezokwenqaba (Cha! Chabo! Chabobo! Qhabo!)
…etc
6. Isihlanganiso (conjunction) = lihlanganisa imisho emibili
isibonelo: Geza izitsha anduba uyolala.
Qoqa izimpahla bese ukhipha izibi