Tag: lobolo
Inhlabisamthimba β lenkomo ehlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.
Imbeka β lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.
Isibhoma β lenkomo yisipho umkhwenyana asipha umakoti kuthiwa eyesidwaba sikamakoti ayosiqgoka emzini.
Isikhumba – lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya. <
Inkomo kababa
Inkomo kababa – lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise kamakoti ebonga ngokukhulisa umakoti.
Imvulamlomo β lenkomo enikezwa ubaba kamkoti ekuqaleni kwezingxoxo zamalobo, ukuba akhulume nabakhongi. Lenkomo ngencane kunazozonke ezinye, kungaba nje yithole lenkomo.