clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Msuthu Page 1 of 6

Izithakazelo zakwaKhambule Clans & History

Khambule, 

Mzilankatha, 

INkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola inkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo Zilal’uwaca,

Ezamadojeyana Zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshona emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungagcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina baka Dambuza Mthabathe,

Nani basemaNcubeni enabalekel’Ushaka naziphos’emfuleni,

Kwakhuz’abantu Banifihla naphenduk’abakaNkambuleΒ ,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakhe,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nina baka Maweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha!Β 

Sobantu clan names & History

Msuthu,
Wenanxeba alibonwa,
Ngalomakhaza wena kagocweni !

Ntshangase Clan Names & History

Ndala, Khwetshe,
Msuthu, Nomathebe,
Ntola, Mbokod’ezigay’amalove,
Ntomb’ithi ndizeke noba awna Nkomo!

Izithakazelo za Madikizela clan & History

Madikizela,
Msuthu,
Msengeshe,
Makhalendlovu,
Malandelwa intombi ithi ngizeke noma ungenankomo,
Onqwanda ophapha!

Ndlandla Clan Names & History

Ndlandla, Mlotshwa, Masikambane, Mbuzinkonyeni, Azifi Ngamagcubu Zifa Ngokuluphala, Silambe Nje Mabele Athulile Asemphandeni, Sidla Bhoco Loluhlaza, Msuthu, Msuthu Osenhla Kwendlela, Msuthu WaseNkalanjane, NDLANDLA!

Ntshoko clan names

Khetshe,
ibhayi,
msuthu,
ncilashe,
mvulane !

Izithakazelo zakwa Maduna Clan Names & History

Iziduko zako Maduna
Maduna
Nokhala,
Msuthu,
Gubevu,
jiyane,
Mpungushe,
Mandl’amakhulu,
Sivunguvung’ esawis’ indoda emahlangeni, imamba kandidini ngoba ngimesabile, uNokhala owawela ngempalazo eyaphalazwa ngamadoda, Maduna omuhle ngekhala lakhe,
isilo esinamadevu emlonyeni. Ngaculende emabalabala njenge ngwe, iinkomo ezingqukuva azibuyi emzini xa bekulotyolwe ngazo, Ngub’engeuka, Tiba,
Mvelase, Salathiso,
Novikothek ukuthetha, Mlamb’unqolintaba,
UMaduna owaqenggeleka kwiintaba zoLundi wawela umlambo Ithukela ebhinge izikhakha. Madun’edakeniiii!!!!
Malobola ngez’ngadane osaba ezine’mpondo zahlaba abakhwekazi.
Laduma izulu uMagqakaza ubengasekho ekhaya !!!

Izithakazelo zakwa Mbona Clan Names & History

Mbona,
Gumede,
Nonkunzi, nina enaphanda ezaleni kwavela umuntu,
Madela,
Khwehle kadlozi,
Nongidi,
Nina abakaphanda kufa,
Mphungashe,
Nina enadela ubukhosi nabunika abakwa Dlamini ngoba ninqena ukuphakanyelwa,
Msuthu !!

Xelitole clan names & History

Hlathi, Lisa, Jambase ,Sondzandze , Ndenga, Za ngomva eweni , Mfene, Msuthu , Canzi , Ndzilikwe !!

Izithakazelo zakwa Mkhasibe Clan Names & Umlando

Mgabadeli,
Msuthu,
Sgubudu,
Dlebenkomo,
Sgubudu esingafakwa mkhala sifakwa siyadabula !

Page 1 of 6

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: