clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Nina bekunene

Setuntsa/Sethuntsa clan names & History

Setuntsa!

Sive saMoorosi
amaZizi akwaLanga kaZitha kaPhangelilanga zethole ezadubula amanye ekhulekiwe,
amaZizi agqisha phezulu komlambo uLuthukela awela ngembambo,
Nina bekunene,
Mzizi kaMkhuze kaLusibalukhulu,
Dlamini,
Nkosi,
Mlangeni wena owaqedza uLebombo ngokuhlehletela,
Zalankomo kaZamukhethi,
Wena Zamukhethi osibhahuza mabhayi amade emampondweni,
Mlangeni wena onganathi manzi onatha igazi lamanye amadoda,
Zamukhethi ombovini emaLangeni,
Lokothwayo,
Nina baseMbo,
Nina basebuthonga,
Ngwenyama!

Izithakazelo zakwa Ziqubu Clan Names

Ngonyama yenduna,
Biyase,
Joli nabantu,
Mpangazitha,
Mgidi ka tshana,
Magiy’ azaqhethuke njengengonyama,
Luphondo olwamila kahle ngoba lwamila esokeni,
Khathini,
Mamba kayimudli umuntu imudla ngoba eyinyathela,
Luphondo,
Nina bophondo oluphambili,
Nina bekunene,
Khathini silwa ngekhanda njengenqama,
Ziqubu ezaqubuka inkosi ibalisa ithi siphelile isizwe sakhe kanti cha sinqobile,
Ingwazi eyagwaza kuqala ezinye zingaka gwazi,
Udikadika phezu komuntu ngejozi emseleni,
Mpangazitha,
Mawele amabili abusela entabeni,
Ngonyama eyakhetha ubunduna ngoba ingafuni ukwanda,
Sguqa somqhele,
Skhulu somqhele!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: