clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Ntuli Page 1 of 2

Mpembe Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Mpembe

Mpembe, Ntuli, Nzimangwenya,
Thonga elikhulu elinganwa amavila, liganwa zikhuthalikazi,
Umlando kaNdlovu, uNdlovu edla ekhaya ngokweswela abelusi,
Ncam ncam, umnto mdala ufunani enginaneni? Ufuna ukhisi ngothwelufu !

Mpembe clan praises & History

Mpembe, Ntuli, Nzimangwenya, Thong’elikhulu elingaganwa amavila, liganwa zikhuthalikazi, Umlando ka Ndlovu, uNdlov’ edlekhaya ngokweswel’ abelusi, Mncam-ncam, umunt’ omdala ufunani enganeni, ufuna ukhisi ngothwelufu !

Izithakazelo zakwa Ntondini clan names Umlando

Ntondini,
Mbhele,
Ntuli,
Godide,
Mphemba ka Sompisi,
Langa !

Izithakazelo zakwa Mgedezi Clan Names Umlando

Mgedezi,
Bhele,
Mphemba,
Sompisi,
Ntuli,
Khuboni !

Mbudu Clan history | Umlando wakwa Mbudu

AbakwaMbudu bangabeNguni.
Lesisibongo siyatholakala ezindaweni ezininganyana okubangelwa ukufuduka kwabantu ngesikhathi seMfecane.
Esingakusho nje ukuthi labantu babehlala ezintabeni zaseQhudeni eNkandla lapho uMzinyathi uthela khona oThukela.
Amakhosi aphambilini alababantu awasaziwa kahle, sekukhumbuleka nje kuphela lawo okungcina uTshoko noThekela, ngaphambikokuthi izwe labo lidliwe abamhlophe balinike abakwaNtuli.

Ntuli Clan Praises

Ntuli!
Xaba
Mphemba
Mhlalukwana
Hlakahlaka lemikhonto
Thuli lenyoka
Mhlalukwana wamambala
NguNtuli zimbundela nelanga
Ngusiduda nabakwakhekazi emlanjeni amahloni amuka nomlambo
Uma sipheka ebandla siphekela obaba
Uma sipheka endlini siphekela omama !!!

Izithakazelo zakwa Ntuli Clan Names

Ntuli,
Mphemba,
Mbhele,
Godide,
Ndlela Ka Sompisi !

Dlamini Clan Praises

Dlamini
Zizi
Njokweni
Mrhawu
Zazel’uksuka
Malandul’eyiphethe
Nohayi
Rhengqwa
Mqumakazi
Ntuli

Uqedile ungethole [Solved]

Uqedile ungethole

Lesi simo sokukhuluma sisebenza uma ngabe umuntu esekhulume yonke into okumele ikhulunywe.

Kusukela etholeni uma lincela, uma luluthole kahle ubisi ngisho usungeza uthi uzosenga ngeke usathola lutho lisuke seliqede lonke ubisi.

Ntuli Clan Names

Ntuli Clan Names
ntuli,
mphemba,
wena kasompisisothole,
gudukazi uyincwayo.khuboni,
sompisi,
mphemba ngamabele abafokazi bephemba ngezibi.nina base lenge,
enabonakala ngefu lezintuli,
kwabe kungusompisi kaguqa,
kamasalela.mazimuzimu enidla’ abantu.mgwabini wemikhonto,umahlatshwa ebuhleni njengethole,
umagaju njengengwe.inhlangu eyeqa iphindaphinda.umanxeba angamanxulumakwasa bemhlaba ugwabini,
waphika.mphemba!lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,
nyaka wumbelophum’ endlebeni yengwenya.unonjiyelwa,
kulala uhlangothi lubomvu.ugodo olumuka namankayiya.mgwabini wemikhonto,
langa, sompisi!

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: