meaning of names 💛 clan names 💯 history

izithakazelo

Tag: zakwa Page 2 of 9

Izithakazelo zakwa Mabhozo Clan Names

Juqu,
Jileka,
Mahlamb’ echoph’ etyeni,
Mlibata,
Maliwane,
Mbotho,
Mtshikilana,
Mavela,
Magqiza,
Sbasa manzini kuvuthe umlilo!

Izithakazelo zakwa Nkala Clan Praises

Yheyheni!!! MaNkala phosani imikhonto phezulu,nanku umnaba sinabile.

Nkala ka Mphanjana,Mlotya,Maphanga,
Vumisa,Gidela,Mnabase owanabela izizwe zonke zabikelana,Sity’esihle sokudlela amakhosi namakhosazana,Sgobagobani esagobela amakhosi ako Mthimkhulu ooBhungane,Nkala omnyamazana omhlaba ubovana unezibuzana,Nkasa kabini eyakhasa ubuncinci yakhasa ubukhudlwana,Mlambo awuwelwa uwelwa zinkonjane kuphela kuba zona zibhabha emafini,Mbizana yodongwe eyaqhekeka kabini yathi Aaaah!!!! Nkala.

Izithakazelo zakwa Mahlaba clans

Mahlaba,
Luthuli,
Lwazitha,
Mmema,
Nkomzwayo!

Izithakazela zakwa Base Clan Names & History

Izithakazela zakwa Base:
Hlozini,
Maveza,
Sibhayi,
Mkhabakhaba,
Mazila,
Phahlane,
Cogwane,
Mhlumela!

Izithakazelo zakwa Chala clan names

Chala, Mayekani
Jama KaSjadu
Wena owabhodlela incengwane
Mfene kwezinye izimfene…ect

Izithakazelo zakwa Soboyisi

Ndala, Ncenjana, Mbiza, Abelungu abahamba nge banoyi!

Izithakazelo zakwa Mjiyakho/Mjiyako

Mjiyakho
Swela
Mdangelwa
Ngonyama
Thina esawela izimpambosi zemfula…..

Izithakazelo zakwa Qashosho

Zithini Izithakazelo zakwa Qashosho?

Izithakazelo zakwa Mabona

Mabona lifu abanye bangakaliboni. Jala kondlovu sthimbili esingevazana. Ngumafuya ezinobisi, mahlamba ngehleza kwisiba abanye bahlamba ngamanzi. Nrambo ziphothiwe zisemsamo zitlhoge umthwali zithwala ngumalokazane ebuya emendweni. Nogwalele yetshe uphume njani ngesicosheni isicobo sibulala kangaka sibulala nabanamabedlana. Ngumaya angasabuyi ndrongela ka swanga. Ngumavuna abantu njengamabele. Yikunza kogwazana eyagwaza kwangathi ithapha udaka kanti ithapha umbombo wamanye amadoda. Mabona munru wenthubini.
Jali ndrongela.

Izithakazelo zakwa Nhlengethwa clan names & History

MAHLASELA NHLENGETHWA
My contribution to our clan Izithakazelo:
NHLENGETHWA sphepho Thumbela Goqweni mpangazitha msuthu, dlan’ imfe mina ngidlu gaba imfe imnadi ngokwe phulelana, Bheja ka Mahlasela owabhej’izandla wabhej’umlomo, inyathi bethi beyihlaba abazingeli babe bayi balekela.
Mahlasela owahlasela ngonkhoto embambhamlomo kwahlabek’aba khwekazi, nina base makhokhotho, gijimani ngazo zonked izindlela nitjele abazali naba belethi ukuthi inhlanzi kagoqweni ishelwe ngamanzi. MSUTHU THUMBELA

Page 2 of 9

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: