clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: zakwa

Izithakazelo zakwa Mngomezulu Clan Names

Mngomezulu

Dlakadla

Nkabanhle

Nkabayenkosi

Msuthu Mdluli

Zombizwe

Mfiso

Malinga

Mbikiza

Mfisongafi ofa masekuthanda yena Phambaphamba kaDududu

ophamba abangoma ezinyaweni,

Songancome ngomzimba ombambo kazibalwa kubalwa

imikhonto yamadoda…
>> Continue reading <<

Izithakazelo Zakwa Nxumalo Clan Names Umlando

Nxumalo Surname 😍 Nxumalo Clan Names

Zwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi.

Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwaMashobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi
KwaMashobane.

Uzwide kaMagqangqula,
Imamba ekhwela amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi?

Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba…
>> Continue reading <<

Izithakazelo zakwa Mncwango Clan Names

Izithakazelo zakwa Mncwango
Mjaji ka ngotshana,
Makhumbuza uthuli,
Nsiba ka muntsha,
Dubeni,
Wena owanyela emfuleni wenkosi wathi uyancwanga,
Mpangazitha oziphangayo,
Mzingeli kamfekaye,
Mncumbatha !
Phakathi wako Nkosi !!!

Izithakazelo Zakwa Tembe Clan Names

Izithakazelo Zakwa-Tembe

Mthonga
Tembe
Mlawu, Ngolanyama
Khamangathi, Khamel’abahloti
Mlawu wantshenga
Nyomfi wandawu
Kabahlomeli
Hlomela hlomela
Adingi omnyama
Kameli bahluthi
Ngwanase
Noziyingili

Nawu umlando wabakwa Tembe <<

IZITHAKAZELO ZAKWA SIBIYA Clan Names Umlando

IZITHAKAZELO ZAKWA SIBIYA 😍 Sibiya Clan Praises

Ndaba, Gumede
Sibiya ngenkomo, Abafokazana bebiya ngamahlahla!
Nina bakwankom’ isengelwa emaweni,
Ingasengelw’ esibayeni akuyon’ eyakhona.
Gumede kaNdaba
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’ eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini
Kwaze kwephulwa esendlini
Engazange afe kufudumala
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala

Izithakazelo zakwa Chule Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Chule

Nxele,
Msweli!

Izithakazelo zakwa Chamane Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Chamane

  • Chamane,
  • Wosiyane,
  • Nzama,
  • Mashiza,
  • Dingila,Chube,
  • MaChube amahle,
  • Nombhoco, Chube,
  • Gcugcwa,
  • Zukula kaNombhoco,
  • Zukula, nina baseS’Chamaneni,
  • Wena owawela ngelibanzi kwasala … Continue reading >>

Izithakazelo zakwa Chagwe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Chagwe

Izithakazelo zakwa Cambi Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Cambi

Mathaba,
Mbuyazi!

Page 3 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: