- Mapholoba,
- Nyuswa,
- Fuze,
- Mavela,
- Mafuzafulele njegefu lemvula,
- Mashiyamahle sengathi azoshumayela,
- Mavulankungu kuvelilanga,
- Sididane,
- Ngongoma,
- Maqadi amakhulu,
- Mbili
Dube
- Mbuyazi,
- Lushozi,
- Mafukuzela,
- Nyamazane,
- Nzwakele,
- Mbuyisa,
- Gobhozi,
- Nyuswa,
- Ngcobo,
- Fuze,
- Mapholoba,
- Ama-Qadi
Abakwa Dube nabakwa Ngcobo abantu banye.
Dlodlo:
- Mabanga,
- Mtingi,
- Bangile,
- Bhengela,
- Mthiyane
Duma/Dumisa:
- Ntenga,
- Mthombeni,
- Walaza,
- Dlangisa,
- Gcwensa,
- Ndimande,
- Mvula
Nzimande
- Mphephethwa,
- Mdluli,
- Mdlobhiya,
- Mangcamane,
- Ngwekazi,
- Gwala,
- Mancama,
- Vilakazi
Dumakude
Shange
Nzimase
Sishi
Goba
Jangaza
Ntshalintshali
Phathwayo
Gwagwa
Mlambo, Qunga
Gwamanda
Yenga, Sochumase
Jwaha/Jwara:
- Mbelwa,
- Mnangwe,
- Sjekula,
- Gubeshe,
- Theleza,
- Lenge,
- Ndawonde
Sibusiso Dube
Hey bantu bakithi, ujulile umlando. Sotshikase, ngathi umlando uyavuma ukuhlobana kuka Dube no Ngcobo. Infact into eyodwa, abakwa Ngcobo abakwa Dube. Ngizocela wonke umuntu lapha ake ayocingisisa angaphikisi. Iyani kwabadala abazi umlando, ningaphikisi ngalokhu enikwaziyo. Ngaphikisa nami kodwa uma ngimbulala ngathi uyangakhona impela uMthiya. Kunezibongo eziningana nje impela eziphuma kwa Dube. Esinye sazo uMngoma. Hey kunzima, okwanje ukuthi ubucayi lomlando ngoba uphikisa wonke lo obhaliwe ezinkundleni. Owangempela niyowuthola kubanikazi oDube no Ngcobo.
Tholiwe fuze
Siyabonga ukwazi umlando wathu Maqadi,kodwa ngifisa incazelo ikhona yini lento yokuthi singamabhaca?
Msizi Dube
Abantu ngicela bengadidanisi izithakazelo zakwaDube ngokuba bezixube nomlando ka John langa libalele Dube nokuhlobana kwakhe namaQadi lokho akuhlangene noDube akungaDukiswa umlando wakwaDube plz yanicela
Elihle Ngcobo
Besengididekile kakhulu ngoba umama wami owakwaDube wagana kwaNgcobo sengithi babeyizihlobo ngiyabonga kocacisile wathi uDube kwakuyigama likaNgcobo hayi isbongo, oGasela bona bangena kanjani ngoba sengibona kukhona uGasela owayezalwa wuNgcobo ugogo wami wakwaGasela washada kwaNgcobo kungenzeka yini ukuthi uGasela wayesebenzise igama njengesbongo ngicela ningicacisele
Blessed Dube elimthende
Ngiyabonga ukwazi imvelaphi yami
Ntombizile Dube
Ngicela ukubuza ukuthi,ziyizo kale yeni lezizithakazelo zakwaDube?
Dube,
Nzwakele
Maqhama,ehlezi e’skhwebezini
mbuyazi .
Akathekeli
kubafokazane,mgininindi
owaginininda inkomo ngezandla goba abafokazana benqaba ,nesqindi….
Mhlengi
I need more information about my surename of ngcobo plz
Nothando Ndlazi
Guys plz help ngezithakazelo zakwa Msweli, onongalo
Lucky ngcobo
Cha senibekile bofuze kucacile
Sbonelo Ngcobo
ngcela ongangchazela ngo Ngcobo Bhelesi o Mkhaliphi
hlakaniphile dube
Ngiyabingelela,nami ngiyintokazi yakoNzwakele Maqhama,Khushwayo ebokhosini nqgo bakwa Dube ,besengididekile impela ngoba ngake ngabonwa kwa Ngcobo,siyabonga bafowethu,
Nduduzo Ngcobo
Sandile uqinisile abantu ababodwa vele, UNgcobo yena uzale uDingile, uDingile uzale amadodana amabili, oNyuswa kanye noZonca. UNyiswa yena uzale uYemesi, kwathi uZonca yena wazala uMaguya. Kuthiwa uYemesi katholanga ndlalifa, kwase kuthi uMaguya wasendlini encane wangena umkaYemesi ukuze amzalele indlalifa. Nempela wazala uMbhele, yena wazala uMapholoba wodumo lwakwaNgcobo.
sandile
Bafowethu ngicela ningisize, ekhaya kithi kwa Ngcobo bahlala bengitshela ukuthi kukhona oFuze nabo Mapholoba kwaNgcobo bese ngyadideka ngoba ngihlala ngizitshela ukuthi abantu ababodwa. Sandile Ngcobo
Vusumuzi Victor Ngcobo
Mina ngibiza isibongo sakomalume kwaNgcobo ubaba wami kuthiwa owakwa Dube ngidinga incazelo ecacile nokuyiyonayona ngokuhlobana kwalababantu.Ngicela nosolwazi abanje ngo Dr VVO Mkhize basisize ngoba bayajula kakhulu ngocwaningo.
Ngiyabonga zihlobo uMvelinqali anikhusele.
Makhosy
Ngicela onolwazi angsize. Ngabe u Mthiyane u Sokhulu no Skhangane bahlukene yini. Uma behlukene bobabili bazihlobo yini Kwa Dlodlo.
Ngyabonga
Nzwakele
ake ngibuze kulaba abathi uMafukuzela njengelang akahlobene no Dube .kusho ukuthini ukuthi Ngcobo ?
Jabulani Ngcobo
EsiZulwini amakhosikazi abanamagama mathathu kuphela. YiNdlunkulu, yiKhohlwa kanye neQadi. AmaQadi aphuma endlini yentadokazi yikho ebizwa kanjalo. Akusona isithakazelo, iNdlunkulu yamaNgcobo amaNyuswa abeKhohlwa kube amaNgongoma bese kugcina amaQadi. Kodwa oNgcobo bonke behlukene ngezisu isende linye. Sesingaya emlandweni ke ukuthi baqembuka kanjani kwaZulu
Nduduzo Ngcobo
Wabeka Jabulani kodwa ikhohlwa oFuze ayi amaNgongoma, UNgcobo wazala uDingile wazala uNyuswa,uZonca, UGasela, uNombika,uXhonxo kanye noNgothoma.
AmaNgongoma azalwa endlini kaNombika, kanti amaQadi azalwa endlini kaNgothoma bese kuthi (ikhohlwa) oFuze bazalwa kuXhonxo. Ndudzo Ngcobo
Bhek'uMngani Ngcobo
Wena kaVumizitha, lomlando wezindlu ume njengoba usho. Cha kuhle ukwelulekana lapho sisala khona, mina ngiphuma kulendlu yeKhohlwa( AmaFuze).
snenhlanhla ngcobo
Bengingazi ukuthi ngihlobene no dube likely bengakaqom khona
Bheki Ngcobo
Kusho ukuthini ukuthi iqadi ? Yindlu yakwa Ngcobo ebalulekile, noma yisithakazelo sakwa Ngcobo. Ngicela incazelo.
Njabulo Ngcobo
Impela u John Langalibalele Dube wabe engowakwa Ngcobo ngesibongo, kodwa lokhu akuchazi ukuthi abantu bakwaDube abahlobene noNgcobo! Ngoba vele ngoko mlando abantu bakwa Dube bazalwa nguDabeka Ngcobo…lokhu ke kube sekuphendula ukuthi kungani uJohn Langalibale akhetha lesi sibongo kumbe kungani uyise wayeqanjwe ngoDube( okungenzeka ukuthi bona bayisizukulwane sikaDube ongowakwa Ngcobo) akusiyo ke inkinga ukuthi unengane kwangcobo ube ungowakwa Dube ngoba vele isihlobo esikude..kant futh oNgcobo bayaziwa ngoku ganana bodwa
Jabulani Ngcobo
UDr J L Dube uzalwa ubukhosini basemaQadini futhi wayezoba enye yamakhosi akhona. Ngenxa yokukhosela ngaphansi kwamaMissionaries eAmerican Board futhi ethanda imfundo kakhulu kwafika ekutheni aze ayofundela ubudokotela eAmerica ngesandla sayo iAmerican Board. Ekubhaliseni amaMelikana abanenkinga yokuphimisela isibongo sakwaNgcobo base becela ukuthi angesebenzise yini elinye lamagama elisemndenini, wabe esekhetha elikayisemkhulu uDube (kaSilwane) okwakuyigama hhayi isibongo, owazala uDabeka yena owazala uMqhawe. Wachuma kanjaloke uDube emndenini kaMafukuzela onjengezulu. Akayena uDube Mbuyazi, Nzwakele, Khushwayo
philile ngcobo
Ngicela ukubuza ngoNgcobo abango Bhelesi oMkhaliphi ukuthi baqhamuka kanjani;kumuphi uNgcobo? TIA.
Vusi Ngcobo
Kungithokozisile ukufunda nokwazi ukuthi kanti kukhona okwethu nathi lapha kwa technology yamanje.Phambili ma Afrika amahle.Vusi Victor Ngcobo ozalwa kwaDube.
Sizwesenkosi M Ngcobo
Siyabonga kusekuningi okufanele kulungiswe lapha embhalweni ngiyacela lapha ohlangothini lwakithi ko Ngcobo kufike kulahleke okunye kugcine engasaqhamuki ukhokho wakho bese sesiyalahleka
Mina engikucelayo kulendu ka Dabeka ngoba umkhulu owakuloyondlu. Ukuthi kenicaze lapho zonke ingane zaleyondlu
monde
my clan name is nyawuza,where nyawuzas come from?
vusi mdluli
Bengicela ukubuza ukuthi uhlobene yini uMdluli no Nzimande
mqondisi Nzmande
uMDLULI waphuma kwaNZIMANDE uMdluli kakulona igamalo muntu noma lendodana kaNzimande waqhabu ngesinga esenzeka uNzimande/Gwala wasuka e-north-coast ehlaselwa ushaka namabutho akhe walibhekisa e-south-coast kwathi esese south coast engingaka tholi ukuthi mamaphi ne-south-coast bathi akufiwe uma kuwu kuthi yafiwa asisadluli la! kanti noShaka ingenkathi etshela amabutho ukuthi bayeke ngeke sisabafica. Ila ekwaba nengxenye/indlu eyathi thina ngeke sikwazi ukuhlala lana sizodlula siyofuna indawo phambili esizohlala kuyo kwabe sekuthiwa dlulani seningabakwa-MDLULI ngiyathemba kuyacaca mphephethe
OkaFUNNIE
KunoMdluli abadabuka eSwatini abazalana nesizwe sakwaMngomezulu iningi labo litholakala enyakatho koNgwavuma
siyabonga ngcobo
ngyajabula mangibona abantu abafana nani abazosifundisa ngemvelaphi yethu singofuzee
inkosi ibusise
http://www.fb.com/ngcobomkhulu
Nolwazi mbonambi
Ngyazi ukuth umbonambi no dube into eyodwa kodwa angazi kanjani ngoba izithakazelo azifani cela ningchazele
Sibusiso Dube
Kuyiqiniso impela abawa Mbonambi, Dube,Lushozi no Mbuyazi abantu ababodwa. uMbonambi no Dube bazalwa uMbuyazi.
Nkululeko dube
Kungani pho ithakazelo zethu zehluke kangaka ngb mbonambi unezakhe ithakazelo nodube uneza
Nomusa
Ngicela ukwazi ngenhlangano yobumbano lwaMaFuze eKZN Northern region. Ngiyabonga
Mzwayi Mapholoba
Cha kuyintokozo ukuzwa izindaba ezimnandi kangaka, ayiphushwe impela le eyokuvuselela amasiko nesibongo kanye nezithakazelo zethu, ngibonga wonke umuntu obambe iqhaza lapha. Sipho Ngcobo
Wandile Dube
I believe we have more or less the same information and different ways of interpreting it. U Langalibalele Dube njengoba simazi u Langalibalele Ngcobo; uzalwa ebukhosini baseMaqadini. Bakhona oNgcobo bakubo futhi basabizwa ngoNgcobo ngaphandle kwesizukulwane sakhe uLangalibalele asesabizwa ngo Dube. Isibongo sakwaDube sasivele sikhona engakazalwa uLangalibalele – labo abahlobene noNgcobo. Ngyabonga
Zipho Ngcobo
sengathi uDube ubaba kaJ L wayezalwa kuNdlunkulu amaQadi kuyindlu encane eyayingekho elungelweni, kodwa ngoba uDube wathatha inkolo, amaQadi iwona abe eseqhubeka nobukhosi bamaQadi
Harris Thulebona Ngcobo
It is good to know this . Where is this information taken from ?
[email protected]
Cha bakwethu u Ngcobo no Dube abahlobene nakancane into edida abantu indaba kaJohn Langalibalele. Ubaba wakhe uDube isibongo sakhe uNgcobo u Dube igama lababa wakhe not ukuthi isibongo
Sent via my BlackBerry from Vodacom – let your email find you!
eric
Fuze, it is really good stuff. but please note that abakwa Dube are not related to Ngcobo at all except the children of John Langalibalele Mafukuzela Dube. When he went overseas he used his name “Dube” as his surname, no one understands why he did that. and since then people thought Dube and Ngcobo are related.
Eric Nyuswa
This is a great initiative, mistakes will always be there cos most of our history has always been twisted by those with ulterior motives especially to confuse this great nation.
Wena qhubeka nomsebenzi omuhle, abanye bayolungisa uma kunesidingo.
Siyabonga mfo ka Mbatha, ume njalo nje ungadinwa nangomuso.
Mbathastan
Fuze Elihle and Sibusiso Dube:
Ngiyabonga izilungiso (corrections) zenu. Akusho nami ukuthi ngazi konke ngalezizibongo kodwa engikubhalile kuba engikuthola kubantu baleso sibongo noma okutholakala esidlangalaleni okuphathelene naleso naleso sibongo.
Inhloso enkulu yalelikhasi ukuthi angalahleki amagugu ethu futhi bavumelekile abanikazi bezibongo ukugcwalisa lokho abakwaziyo noma ukulungisa amaphutha.
Ngiyabonga
Mpikiswano Mbatha
Sibusiso Dube
Wena ka Sotshikase qhubeka nje Mthiya awonile……………
Fuze Elihle
Mina ngokwazi kwami abantu bakwaNgcobo abahlobene noDube (Mbuyazi). Kunekhehla lasebkhosini bakith emaQadini elalinegama elithi Dube, leli elizala uMafukuzela J L Dube, Umafukuzela wathi eyofunda phesheya waybiza ngegama likayise uDube, JL kaDube kaDabeka kaBhebhe kaSilwane( amakhosi asakhothama asemaQadini lawa). Ngaleyondlela uMbuyazi neQadi abahlobene kodwa loDube oyiQadi igama lomuntu hhayi isbongo. *subject to correction*
phila ngcobo
I like to know who am I where I come from. Thanks for giving us information. Keep on
Khehla Dube
Ngiyamangala niokuhlobana kubantu bakwaDube nabakwaNgcobo.Ngicela ongase angichazele
Mbathastan
Khehla
Thanx for your comment.
Iya ku ‘search box’ and search ‘Ngcobo’ ufunde ama ‘result’ azovela uzobe sewuthola ulwazi olwengeziwe.
If u use a mobile phone just click at ‘view full site’ ngezansi uzothola i ‘search box’.
Mbatastan
Jabu
Ay Sekuyangdida ukuhlobana no Ngcobo
Sibusiso Dube
We Khehla Dube, kufanele umangale. AbakwaDube abahlangene futhi abahlobene nabakwa Ngcobo. Ayikabi kumhleli walesisigungu, kodwa masikulungise lokhu. Abaningi badidwa u Solwazi ongu John Langalibalele Dube. Ngiyayengibone nje noma bethi babhala izithakazelo zakwa Dube sebethi Langalibalele Mafukuzela abanye baze bafake oMgazi no Mkwayiba amaQadi. Kafuphi uJohn Langalibalele akusiyena owakwa Dube kodwa owakwa Ngcobo. Wenzw njengama Xhosa wathatha igama likayise elalithi Dube walenza isibongo sakhe, angazuike wayekwenzelani lokho, ukuba usekhona ngabe sengambuza ngoba lokhu sekudukisa abantu abaningi. Ayikabi!!
Eric Nyuswa
Awu, wayibeka yacaca mfowethu. Sibaningi esesidukile, saze salahlekelwa nanokuthola izintombi kwa Dube. Eric Nyuswa
Khehla Dube
Wayichaza yezwakala bafo.Lento iyasidida, mina nje nginezingane kwaNgcobo manje besengixakekile ngalokhu ukuthi kuvelaphi ngoba nabadala bayakuphika
Simphiwe I Dube
ngicela ukwazi ngezithakazelo zakwaDube ngoba ngikhulele kumama sebahlukana no baba! ngiyengibe abafowethu bethi…Dube Elimthente Nyamazane Mtima…kepha uma ngifunda zalana ku Internet ziyaphikisa ngicela uncedo
[email protected]
cha nami bengicela ezakwaNtshalintshali izithakazelo
Absalom Nkosinathi Ntshalintshali
Ntshalintshali, Mkhulwane,Mnguni,Zide Kayanga wena wazala uMnguni,uMnguni wazala Uthandeka kamashobane Mnshongolo