Related
Izaga
Ngezansi izaga nezincazelo zazo.IsagaIncazeloAbantu abayi ngandawonye bengemanzi∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.Akukho thusi lathetha lilodwa∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.Akuqhude lasindwa umzwezwe∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.Akuvelwa…
Inqwaba Yabantu?
'Inqwaba Yabantu'Inkinga:'Ngibone inqwaba yabantu!'Isisombululo:NgesiZulu esiqondile asisho ukuthi abantu bayinqwaba. Lokho kushiwo uma uchaza amatshe.Uma ubona amatshe amaningi, yilapho kumele usebenzise lelogama ukuchaza ukuthi maningi, ayi abantu.Uma ufuna ukuthi ubone abantu abaningi: vele uthi 'Ngibone abantu abaningi' noma uthi: 'Ngibone abantu abaningi bengangoZulu eya eMakheni!'Ngosizo luka: Ngizwe Mchunu - Ukhozi FM
Umlobokazi uhamba esagcobile
Incazelo: Umuntu uma ehamba esuka endaweni abekade ehlala kuyona, noma eshiya umsebenzi ebakade ewenza ,makahambe kusekuhle abantu besamthanda
Leave a Reply