clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNyandeni

Izithakazelo nomlando wesibongo sakwaNyandeni

Abantu bakwaNyandeni babekade bengabaNtungwa bakaMbulazi ngokobuzwe ,bengabakwaKhumalo . UNyandeni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engenye yamadodana kaMashobana ,engumnewabo Mzilikazi ,Nzeni , Ntshembeni nabanye. Isibongo sakwaNyandeni sakheka ngemuva kokuba kuxoshwe uNyandeni kwaKhumalo ngesizathu sokukhulelisa omunye wodadewabo.  Lokho kwaqala samkhuba wokusoma kodwa kwahamba kwahamba izingane zagcina zikhulelisene.

Umkhuba wokusoma kwakuwumkhuba othinta ucansi noma ngithi ophathelane nocansi . Izizwe zabansundu zaziwukhonze kakhulu lo mkhuba . Umahluko phakathi kokusoma nocansi lwangempela wukuthi ekusomeni insizwa ayifiki nhlobo enkomeni kababa ,iphelela emthangeni entombi.

Njengoba besengishilo ngenhla ukuthi lezo zingane ezagcina zikhulelisene kwabe kungezikaMashobana,yena-ke uMashobana wayezalwa nguZikode kaMkhatshwa kaKhumalo kaMntungwa kaMbulazi . Imizi kaMashobana yayiminingi kodwa sizothinta emithathu kuphela . Kwakukhona iNdinaneni (kwabo Mzilikazi) , iNyanda/eNyandeni (kwabo Ngonyama) kanye naseNsingweni (kwabo Mdleleni)

ENdinaneni uMzilikazi wayezalwe waba nguye yedwa vo ingane yomfana . Izintombi ayezelwe nazo kwakungo Nozipholo , Nozinhlwathi , Ntanase ,Ngiyalila nabanye . Bonke laba bantwana bakaMashobana babephuma kuNompethu indodakazi yenkosi uZwide kaLanga,inkosi yabakwaNdwandwe. Kwathi ngesikhathi zikhula lezi zingane zaseNdinaneni kwathathwa uMzilikazi wayiswa eKuqobokeni nokwabe kungenye yemizi yenkosi uZwide wayokhulela khona ,efundiswa ezezimpi . EKuqobokeni wafika wathola izinsizwa ezifana noSoshangane Nxumalo ,Zwangendaba Jele ,Somaphunga Ndwandwe nezinye ,wafika waba kanye nazo futhi wafunda lukhulu kuzo ngoba wabe emncane kakhulu kuzo. Ngesizathu sokuzalwa kukaMzilikazi eyedwa ingane yomfana nanokuya kwakhe eKuqobokeni kwathi ngenkathi sekulanyaniswa izindlu zakwaKhumalo kwathathwa uNgonyama noMdleleni bafakwa kweyeseNdinaneni ,bafakwa esiswini sikaNompethu bayokhulela khona. EseseNdinaneni uNgonyama wayetuswa ngokuthi ‘wena waseNyandeni noma kuthiwe wena we Nyanda’ kwakushiwo umuzi ayezalelwe kuwo.  Kwahamba kwahamba wagcina esebizwa ngoNyandeni ,futhi kwagcina kuchume lona elikaNyandeni .  Kwahamba kwahamba uNgonyama wagila  umkhuba , wakhulelisa enye yezintombi zaseNdinaneni kusukele emdlalweni noma emkhubeni wokusoma .Ngokwesabela impilo yakhe uNgonyama wathatha leyo ntombi ayeyikhulelisile babeleka bayobhaca enhlathini elabe liseduze ,elalaziwa ngokuthi yiNyanda . Ihlathi iNyanda lingasentshonalanga yentaba iNgwibi ngaseMkhuze buqamamana nje kancane nalapho kwakwakhelwe khona umuzi waseNyandeni. UNgonyama wahlala lapho-ke nentombi yakhe kwaze kwafika isikhathi sokuba ikhululeke. Ngempela yabeletha ingane yomfana eyethiwa igama kwathiwa nguKhukhuza .
Ngokomthetho wabaNguni kwakuthi uma iklwa lithe lagwaza ekhaya babuphela nya ubuhlobo kulowo osuke egwaze ekhaya nomndeni asuke egwaze kuwo. Nesibongo sasishintshwa aphiwe esinye . Baphela phakathi kwabakwaMdletshe nabakwaMthethwa, baphela phakathi kwabakwaMabhida nabakwaMkhize ,baphela phakathi kwabakwaMdlalose nabakwaZulu. Ziningi ngingabala kuphele iminwe nezinzwane. Uzalo lukaNgonyama manje lwaziwa ngokuthi lungolwakwaNyandeni nokwabe kungelinye lamagama akhe ,lisesulwe egameni lomuzi wakwabo.

Ngakho-ke ubuhlobo phakathi kwabakwaNyandeni nabakwaKhumalo abusekho manje ,yinto ekade yaphela ingakho nje lezi zibongo seziganana manje kungabi ndaba zalutho.

UKhukhuza wazala uGasela noNzine . UGasela wazala uNgono owazala uVumisa

Izithakazelo zakwaNyandeni

Nyandeni
Mashobana
Vumisa kaNgono
Khukhuza kaNgonyama
Zingwe zimbili ezalwa zabulalana kwaNtaba Ntshanini
Ngwadla phakela izigqala zakwaLibose
Wena waseNdinaneni

source: kithiendinaneni 

Previous

Izithakazelo zakwa Nyandeni Clan Names

Next

Izithakazelo zakwa Sithebe Clan Names

1 Comment

  1. Mfwethu siwuhlonipha kakhulu umlando kanye neqhaza abantu abafana nani abalibambayo ekuqinisekiseni ukuthi isizwe sikaMthaniya asilahleki.Bengicela ukephakamisa leli phuzu nje mayelana nemithombo umlando osuke utholakale khona. Ngiyacela mfwethu ukuthi uqinisekise ukuthi uyayazisa ngokuphelele imithombo owethekele kuyona ulwazi osuke ulushicilela. isibonelo nje(indabukoyakho.co.za njll) Lokhu kuyosiza nabanye ababhali kanye namaciko akwethu ukuthi izithukuthuku zabo zibungazwe bese kuthi nalabo abalandela ulibo bekwazi ukuba nemithombo efanele yokuqinisekisa nokwakha ubuqiniso ngomlando.
    Ngethemba ukuthi lesi siphakamiso sizokwamukeleka ngazo zombili ukuze kuqhubeke lo moya wokwazisana nokubambisana emacikweni akwethi.

    Ngiyabonga kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: