clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Izithakazelo Zakwa Nhlapho

Nhlapo!
S’gegede ….
Nongombhili! ingabayinye, weza nonima!
Mabulal’ umuntu am’hleke, athi, “ngibulel’ okukhahlambana”.
Ndaba ….
Dub’ elimthende
Nkwali zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana
Umathunzi-made okwensim’ yelala!
Umagotshw’ egotshiwe kwabakwamlambo!
Wena kamavundla …!
Mbhonani …!
Umwelase ngokuwela impofana nothukela!
Mwelase ongaweli ngezibuko …. owawela ngezihlengela zomfula
Umadl’ umkadadewabo, athi, “akanamhlehlo! onomhlehlo ngubhabhakazi!”
Umsongansimbi ayibek’ ebunzi khon’ amagwala azombalekela.
Kwanhlapo umgoqo kawusavalwa, sekuvalwa ngamakhanda amadoda.
Mlambo!
Nina bakwamveli!!!

Previous

Sithole Clan names

Next

Izithakazelo Zakwa Mchunu

10 Comments

  1. Kuyathokozisa MaNhlapo onke nesizwe sonke esithanda amasiko nokukhuthaza ezomlando ukubona umzamo omuhle kangaka wokuqopha nokonga izithakazelo zabakwaMlambo.
    Osekusele incazelo yokuthi kungani kuthiwa:
    "Izinsila zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana"?
    Futhi:uma kubalwa oNdaba noDube, abangabanye bamakhosi angawokhokho eBukhosini bakwaZulu, kumbeka kuphi uNhlapo lokho koNtombela, oGumede nabanye okutholakala ukuthi bangabozalo loMalandela noJama, nabanye, kkugcine ngokuqambeka kwaSizwe sakwaZulu?
    Ingabe ngempela uNhlapo naye ungelinye lamagatsha asozalweni lweNdlunkulu yakwaZulu?
    Mbulawa Nhlapo.

  2. Kuyathokozisa MaNhlapo onke nesizwe sonke esithanda amasiko nokukhuthaza ezomlando ukubona umzamo omuhle kangaka wokuqopha nokonga izithakazelo zabakwaMlambo.
    Osekusele incazelo yokuthi kungani kuthiwa:
    "Izinsila zenkosi ezona ngokwendela kubafokazana"?
    Futhi:uma kubalwa oNdaba noDube, abangabanye bamakhosi angawokhokho eBukhosini bakwaZulu, kumbeka kuphi uNhlapo lokho koNtombela, oGumede nabanye okutholakala ukuthi bangabozalo loMalandela noJama, nabanye, kkugcine ngokuqambeka kwaSizwe sakwaZulu?
    Ingabe ngempela uNhlapo naye ungelinye lamagatsha asozalweni lweNdlunkulu yakwaZulu?
    Mbulawa Nhlapo.

  3. hello

  4. Nongombili magazine

  5. NoΓ±gombili mwelase

  6. Sgenge

  7. Mwelase , wena owawela ….

  8. NHLAPO
    SGEGEDE,
    MWELASE
    NUNGUMBINI
    Wena owadla ubhabhakazi wathi udede wabo akanamhlehlo,thina umfula asuweli siwuwela ngesihlenyele emyango asivali sivala ngamakhanda amadoda sgegede!

    • Nonhle Nhlapho

      Please email me the full ones maam/sir. These sound a lot like the ones my grandfather used to teach me.
      Thank you

    • Josiah

      Something is missing the lady she is right forward what you have so that we help each other as abo Nhlapho

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: