clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Khanyile Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Khanyile

  • Khanyile,
  • Sothole,
  • S’tshopo,othi udl’inkomo kanti udl’impisi,
  • Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
  • Odl’isinkwa esinothotho,
  • Mahamba kancane Sogodi,
  • Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda,
  • Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula,
  • Ntunjwa kaLanga …Continue reading>>

Previous

Izithakazelo zakwa Khambule Clan Names Umlando

Next

Izithakazelo zakwa Khathi Clan Names Umlando

21 Comments

  1. Oluhle Khanyile

    Mina ngazi
    Khanyile
    Ngwane
    Mahlobo

    Angizazi kahle mase ziqhubeka

  2. Nosipho Khanyile

    Ayke angizazi ke lezi ,ekhayΓ  sithi
    Khanyile ngwani mthiyane bhongela sogodi kalanga sinkwa esakhiwa ngothuthu syaqhuma

    • Ntokozo Khanyile

      Sogodi unjn Mina ngicela owazi ihubo lakwakhanyile engipha ngiyacela ….Mina uNtokozo wami uNsungulo zogoba wasuka eNkandla wazokwakha emtunzini ngexa yomsebrnzi

  3. Ndwandwe? hhay bo

  4. Zehluke kabili izithakazelo zakwa Khanyile, Khona o Ngwane, bese Kube Khona nezinye futhi angingazazi Kahle.

  5. Ngwendula eladla amanye amagwendula

  6. Thina singo ngwane onzimase osogodi manje ngimangala lezi ezinye angizazi

    • gcinoeh

      nami ngi busy ngibhekana no Nzimase , yabona masekunoNdwandwe ingidide yangiqeda

  7. Ngyazithanda ithakazelo zakhithi uSogodi ungena kanjani ngicela ukwazi

  8. Nami ngazi ezifaka uMandondo, oseNkandla

    • Siyamthanda

      Cela ungiphe lezi

  9. Mandondo kaDelwa.

  10. Mina Mageba angizazi zonke lezithakazelo…engzaziyo azikho la

  11. Ntunjwa

  12. Oh………Ngwane. O Ndimndwan odlimnkantsha uvelaphi yena ngoba naye ekhona kuzithakazelo zakwa Khanyile?

  13. Ngempela kuya ngezindlu. O Ndimndwan'odlimnkantsha bona abakuphi . Ngoba nabo bayafakwa uma bethakazela u Khanyile . Kakhulu ngapha ko Ladysmith?

  14. ngicela ningisize ngezithakazelo zakwa NTETHA

  15. Hlengiwe mhlawumbe kudingeka ukuthi sazi ukuthi uMbuso usho izithakazelo zendlu yiphi? Ngoba lapho izindlu zanda nezithakazelo ziyanda.

  16. Mbuso ezaphi lezo?

  17. ezaphi lezo Mbuso?

  18. Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi somfula. mtungwa, Bangela KaBhilibane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: