Ntobela, Dinisa, Dadethu, Zindela, Phosho, Mjokwane, Sihlahlesikhulu, Mashelintombi, Angayidli ayidle ngoba isivumile omakhipha imvubu emanzini, Omathekela ngonyezi abanye bethekela ngamafu,omafuna kubukwa kubukwa omacaphuna kusale,Omancengwa ngoju abafokazana bencengwa ngenhlaba Mjokwane!
Tag: Ntobela
Ntobela
Phosho
Mjokwane kaNdaba
Dinisa akudinwanga thina kodwa isibongo
Dlukula
Dadethu
Macaphuna kusale impusela
Chakide elaphuma esandleni kumntwan’ omncane kwangabindaba zalutho
Mathekela ngonyezi abafokazana bethekela ngomnyama
Nyawezinhle ezimhlophe qhwa , ezidlela amasakabuli
Nenkosi kayiqedwa !
Phosho
Mjokwane
Dinisa
Mafuna ukbukwa
Ntobela Clan Praises
Ntobela
Mvulane
Nina bomuvundla ngemvula
Nina bantwana angashawa ebusika
Ngoba abantwana bazoba nomnqanqazela
Nina bakwaliqanda lejijiji
Nibohamba nigoduke
Ningabindwa yithambo ezizweni
Nina enivala ngamakhanda
Emunyango……
Inkosi ayiqedwa!!
Nami lezithakazelo ngazithatha kumama ongizalayo kodwa bengicela onomubuzo angibhalele kuma comments.