Zikode surname information
Zikode, mgoza kalanga, ndindane, kunene, abakwa Khabanyovane njengesthol’esimdlobkazi, mboni kaSomantshove, abakwa mlilo ovutha Zonke intaba,abakwa Snakanaka ngyasala abaya naso kwaMncwazana sisinye babuya nazo zimbili, omhlahlose abahamba ematholeni, abakwaMghabhi wamafu omashishiwane, okhethabahle baseMcijeni, ompi kayqomi ngoba ngabe yaqoma induna yaseNgoba, abakwasbhamu sdume empini kaBhambatha !
Share this post 
Related

https://youtu.be/i0GX1PKYXss Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala. U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane. U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa. U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela. U…
Mvula, Magangane, Mlotshwa, Macala, Mgamule Nina abakamoya, Nina bakwa Macala, Zikode, Nina abakanophunga yizwa nohlanga, Nina abakwasilayindu wengwegweni, Nina abanyawo ezaza nodaka ensimini kamambokazi, Nina abakwa hubhu labhejane, Nina abakwasbhamu esaduma enkundleni kano bhengu, Nina abakwa fofo weziziba Mvula!!!

-MNTUNGWA -MBULAZI OMNYAMA -MASHOBANA -Nina basebhej' esengome -nin'enadl'umuntu nimyenga ngendaba -Nin'enadl'izimf'ezambili -Ikhambi laphuma lilinye -Labengula ka Mzilikazi -Mzilikazi ka Mashobana -Shobana no Gasa -kaZikode -Zikode kaMkhatshwa -Okhatshwe ngezind'izinyawo -Nangezimfushanyana -UMkhatshwa wawoZimangele -unyama yentini yawoZimangele -Mabaso -Owabas'entabeni -Kwadliwa ilanga lishona -mntungwa !!
Leave a Reply