Izithakazelo zakwa Hadebe
- Hadebe,
- Bhungane,
- Bhungane kaNsele,
- Zikode, Gob’izembe,
- Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
- Umkhulu Bhungane,
- Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
- Mthimkhulu,
- Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
- Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
- S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi
- iyamujamela,
- Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
- Ingab’emhlabeni zesabani?
- Nina enindlebe zikhanya ilanga,
- Nina enindlebe zinhle zombili,
- Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde uyakhothama,
- Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
- Mahlubi amahle,
- Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
- Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
- Ngelengele!
Sindi
Batshele khona abangazi ukuthi uShembe wazalwa intombi yakwaHadebe. Izintombi zabona imbali yakhiwa eyakwaHadebe yayigwinya eMtshezi yazala uShmbe the original. Bhungane!
Unknown
Kuthiwa Makhulukhulu ayi Nkulunkulu. Read properly guys
Unknown
Where can I find it…?
Unknown
Hadebe is zulu because in zulu the letter'R' doesn't exist and in xhosa it exists, it is the same surname just spelt differently
Unknown
Ngakengahambela eMtshezi naseMpangeni ngahlangana namakhehla akwaMtimkulu ngawabuza kabanzi ngalendaba yasemthondweni, bonaparte basebeyichaza kane, bathi uMtimkulu were namandla amakhulu kwezemithi yesintu, amandla akhe emakhulu ngalendlela yokuthi endaweni yakhe yokuthunda kwatholakala kumila izindlubu, ukubeni kwaziwa ukuthi emthundweni wendoda akumili lutho, into eyayibonakalisa ubukhulu bakhe – Kwase kubabazwa kuthiwa "Ndlubu zamila emthundweni" ngenxa talese senzakalo – eyomthondo Indiana ithanda ukungidida, Kodwa ngingayijabulela incazelo.
Unknown
Omakhulukhulu laba ngeke ubathinte thina sazala unkulunkulu sengisho ushembe wamanazareth
Unknown
Lilili
Unknown
Ngyambonga umdali ngokungipha isbongo esihle kanje,phambili mahlubi amahle
Unknown
Amen Amahlubi amahle
Unknown
Endlini yakithi emaHlubini?
Unknown
Ekhaya!!!
Nokwanda Mthimkhulu
Unknown
Ekhaya!!!
Unknown
Sbonge bomakhulukhulu ithi ondlubu ezamila emthondwen ngoba seswele indawo nonkulunkulu mkhuku kodwa akanganga bhungane ngoba ubhungsne wamakhulu.khulu angaz bazishintshelani ngoba zimi nje kanje sebezosdukisake manje
Unknown
Sbonge bomakhulukhulu ithi ondlubu ezamila emthondwen ngoba seswele indawo nonkulunkulu mkhuku kodwa akanganga bhungane ngoba ubhungsne wamakhulu.khulu angaz bazishintshelani ngoba zimi nje kanje sebezosdukisake manje
Unknown
Sbonge mahlubi amahle abangasdidisi laba thina sondlubu ezamila emthondweni ngokuswela indawo nina base thondose nonkulunkulu mkhulu kodwa akangangabhungane ngoba ubhungane wamakhukukhuku asisho okwiyikho
Unknown
Mina ngazi kuthiwa Ndlubu ezamila emthondweni kaSothondose, angazi ukuthi ukuhloniphisa lunges kanjani.
Unknown
Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!
Unknown
Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!
Unknown
Molweni, ndinombuzo, I'm Xhosa and iziduko/izithakazelo zam are similar to abakwa Hadebe, isbongo sami nguNongogo instead of Hadebe thina sibiza uRadebe, singoBhungane omthimkhulu… So umbuzo wam is, are these two people related ngokwesintu?
supergrassa
Makhulukhulu!! Kunjalo nje Ngelengele. Izithakazelo azishintshwa. Sizamukela njengoba zinjalo nje ngoba singagcina singasazazi kwathina imvelaphi yethu. Phambili maBhungane amahle!
Luh ka Lwandle
MaHlubi amahle,,,,Makhulukhulu,,,aibo ngyaphela lapho.engikthandayo ngani ukuthi navela eZulwini impela u Nkulunkulu unani.
supergrassa
Mangelengele amahle! Ndlubu ezamila kahle zakhetha ihhovisi elikhulu elingsngenwa yinoma ubani. Ngnithanda nonke Mabhungane. Sam.
Unknown
ukuthi zikuphatha kanjani izthakazelo zakithi inkinga yakho akufi muntu ngalokho,isthakazelo nje kuphela nibahle nonke MANGELENGELE
Unknown
Jeffrey, akuthina esiziqambile lezithakazelo kodwa sazithola sikhona. asazi ukuthi kwasukela phi.
Unknown
Jeffrey ngiyavumelana nawe. Nami ngiwuBhungane angihambisani nalokhu.
Unknown
BoBhungani bomaShiyamahle anjengawenyamazani oDlubu zamila kabi ngoba zamila emthondweni . Llapho ngizwa abantu behloniphisa kanti zinjalo angazi bakubalekele lokho ngoba yikho okwakithi lokho.
Unknown
Find a book called Iziduko zama Hlubi read it and understand why kuthiwa umkhulu nkulunkulu kodwa awnings Bhungane.
Unknown
kwaluhle kwamnandi, ngivumelana nawe Jeffrey asikho bakhulu kunoMdali… siyabonga Mageba
Siphesihle Hadebe
Unknown
hau abantu basemzini madoda lilililili ezithoba umakoti
Unknown
ngaze ngajabula ngokuba umaMthimkhulu. ngyanthanda bakwaHadebe
Jeffrey
Hawu kodwa bo Bhungane uma sesifaka noMdali sithi nibakhulu kunaye, ngithanda ukwesaba kancane…izithakazelo zinhle ngoba zisifundisa okuthe xa xa ngezibongo, kodwa asingazixabanisi noMdali boBhungane. No MEC eKZN wesaba uNkulunkulu ngendlela ephezulu, naye angiboni uyoyithanda lendaba…ozithobayo