meaning of names 💛 clan names 💯 history

izithakazelo

IZITHAKAZELO ZAKWA-MKHIZE Clan Names Umlando

IZITHAKAZELO ZAKWA MKHIZE

Gubhela! Gcwabe!
Wena kaZihlandlo!
Wena kaKhabazela kaMavovo!
Mumbo omhlophe
okhany’ amasi esiswini!
Nhlama eyaphelel’ etsheni
ngokubadaphunela.
Ngunezi
Bambo abambulazi,
Abadl’umuntu bemyenga ngendaba
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla
esaphandl’ abeNguni bavungama
Nina bengwaz’ emabhudle
Eth’ isabhudla
yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle
Nin’ enalala nomunwe
Navuka nakhwif’ ilanga.

Abanye bakwa-Mkhize bathi:

Gubhela! Gcwabe!
Khabazela kaMavovo,
Nhlama eyaphelel’etsheni,
Ngokubadaphunela.
MuMb’omhlophe!
Sibi-side esimaphandla,
Esaphandla abanguni bavungama.
Mbo, uMbulazi okhanya amasi esiswini.
Mbo, uMbulazi odla umuntu,
Emyenga ngendaba.
Enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga!
Nzalo kaSambela!
Nina baseMbo,
Nina bakaSidaphudaphu,
Ngokubadaphunela!
Nzalo kaLuzalo
Nzalo kaZelize!

Nawu umlando wabakwaMkhize

Mkhize

Thola esakho isikibha : Whatsapp 061 868 5163

Previous

IZITHAKAZELO ZAKWA DLAMINI Clan Names Umlando

Next

Izithakazelo zakwaMbhele Clan Names Umlando

1 Comment

  1. PETROS MKHIZE

    Yebo abakwaMkhize abawona amaLala alala nomunwe. Bangena ngaphansi kwesigaba saBambo. Abakwazi ke ukuba aBambo baphinde babe amaLala.
    BangaBambo nje kuphela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: