clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwaNgcobo Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa-Ngcobo

Mapholoba!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uNgongoma

UNgongom’ azal’ ushangase
UMkeshana
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uGasela
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,

Nina basemaQadini
Enizal’ uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad’ uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi

Mashiy’ amakhulu!
Mashiy’ amade!
Mashiy’ amahle ngathi azoshumayela!

Nin’ enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin’ entatanyiswa
Njengabafazi ningebona

Mpaka ziyaphikisana
Ith’ enye yim’ igoso
Neny’ ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina
Sihayo!


Zikhona izikibha zakwaNgcobo ezinhle ezibhalwe izithakazelo/izibongo: 061 868 5163
T-shirts: R200

Hoodies: R400

Previous

Izithakazelo zakwa Ngema Clan Names Umlando

Next

Izithakazelo zakwaNgwane Clan Names Umlando

4 Comments

  1. Zanele Ngcobo

    Syabonga ngezthakazelo zakwaNgcobo kithi kodwa angkaze ngzizwe ezinye zazo wayengakaze azisho ubaba ziningi ke kona zizongikhohlwa bandla

  2. Sithembelekuye Ngcobo

    The person who wrote this has the wrong information knows nothing about the Ngcobo clan for example it’s not dude it’s dube and chief holder dabeka was the second born of chief dube please get your facts straight

  3. sduduzi

    mhmmm ngiyanihlonipha nina

    • Nobuhle

      Angizazi Nami zonke ithakazelo zakithi kangcobo kodw iningi lalezi ezibhalwe laphi azibhalekanga ngendlela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: