Memela By admin On In Izithakazelo Izithakazelo zakwa-Memela Gambu,Msuthu,Ntethe,Mathamahle,Sikhakha simantwenguntwengu ngokudliwa yinundu,Ngwekazi kaLanga,Nontuli! Share this post π’FacebookWhatsAppTwitterMoreLinkedInRedditTumblrPinterestTelegram Related posts + ADD CLAN NAMES π SEARCH π π¬ YouTube channel Previous Mdlalose Next Mhlongo 2 Comments Add Comment → Anonymous Mnumzane. Kunale nkondlo engangiyenza ngisafunda, nje, ngiyibhobhodleyana. Angazi ukuthi ubani umlobi wayo kepha isihloko kanye nemigqa embalwa ngisayikhumbula. Sengathungatha imitapo yolwazi eminingi kodwa lutho ukuzithela phezu kwayo. Ngicela ungisize, Bab' Zulu ngiyithungathe kanye nawe. Isihloko sayo sithi, "Qaphela Mntanami." Lapha ngezansi imigqa embalwa engisayikhumbula – ayilandelani. Kuyashisa kushwez' ishisandluLish' amash' amahubo lishonaEliwash' evus' usinga kontanga yenuQaphela mntanami… Kuyatenga kuwutatalambu kuyintambo…Bagwedla ngezikhwepha bangaphenduki… Yileyo kuphela imigqa ebuya emqondweni. Kwazise-ke phela angiyibambanga nangesikhathi besifundisa futhi sekwaphela neminyaka eyishumi nanye ngagcina ukuyifanisa. Yayinomyalezo omkhulu le nkondlo futhi inhliziyo yami yayivutha ngenkathi ngiyifunda. Kepha-ke ngenxa yobungane azange ngikugqize qakala ukujula ngayo nokuyigcina emabhukwini ami. Ngalokho nginokuzisola okukhulu, ikakhulukazi, nje, manje umuntu engasekho eduze nabantu abamkhuthazayo olimini lwebele. Ngiyacela usize mina neningi elifana name, ungibhekise le nkondlo. Ngiyabonga Reply Zamar Bhele likaMdingiIhawu phezu kwehawu……………. Kwathi cosololo…kimina Reply Leave a Reply Cancel replyYour email address will not be published. Required fields are marked *Comment * Name * Email * Website Type in the text displayed above Notify me of follow-up comments by email. Notify me of new posts by email.
Anonymous
Mnumzane. Kunale nkondlo engangiyenza ngisafunda, nje, ngiyibhobhodleyana. Angazi ukuthi ubani umlobi wayo kepha isihloko kanye nemigqa embalwa ngisayikhumbula. Sengathungatha imitapo yolwazi eminingi kodwa lutho ukuzithela phezu kwayo. Ngicela ungisize, Bab' Zulu ngiyithungathe kanye nawe. Isihloko sayo sithi, "Qaphela Mntanami." Lapha ngezansi imigqa embalwa engisayikhumbula – ayilandelani.
Kuyashisa kushwez' ishisandlu
Lish' amash' amahubo lishona
Eliwash' evus' usinga kontanga yenu
Qaphela mntanami…
Kuyatenga kuwutatalambu kuyintambo…
Bagwedla ngezikhwepha bangaphenduki…
Yileyo kuphela imigqa ebuya emqondweni. Kwazise-ke phela angiyibambanga nangesikhathi besifundisa futhi sekwaphela neminyaka eyishumi nanye ngagcina ukuyifanisa. Yayinomyalezo omkhulu le nkondlo futhi inhliziyo yami yayivutha ngenkathi ngiyifunda. Kepha-ke ngenxa yobungane azange ngikugqize qakala ukujula ngayo nokuyigcina emabhukwini ami. Ngalokho nginokuzisola okukhulu, ikakhulukazi, nje, manje umuntu engasekho eduze nabantu abamkhuthazayo olimini lwebele.
Ngiyacela usize mina neningi elifana name, ungibhekise le nkondlo.
Ngiyabonga
Zamar
Bhele likaMdingi
Ihawu phezu kwehawu…………….
Kwathi cosololo…kimina