clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Mhlongo

Izithakazelo zakwa-Mhlongo

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl’ende,
Sihlangu samavaka seswel’ababhemu,
Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga,
Makhul’emini abafokazana bekhul’ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka,
Yatholakal’onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel’elangeni!

Previous

Memela

Next

Mkhize Clan Izithakazelo & History

21 Comments

  1. Amanga lawa abhalwe yilomuntu

  2. ake nisiphe izithakazelo eziqondile ezakoNjomane ukuze singagcine sesidlulisa ulwazi okungelona iqiniso

  3. Kkkkkk umunwe endunu.akaze ngihleke kanje????

  4. Cela ukubuza kuthi zithini angzazi zonke

  5. Ayy ukulala nomunywe endunu okwaka Mathonsi akungeni lana

  6. Is mshengu part of njomane ?

  7. Uqinisile wena kaBhebhe zabhalwa yivezandlebe noma ishangane elathenga isbongo sethu siwoMakhedama oSeyengwase , bahlulwa yini ukubuza kithi bakhona agga iyanginyanyisa lento buka nje uhlulwa ngisho ukuthi singabaseMhlathuze sis. From Njomame umfowabo wenkosi yabaHlongo eNdulinde Mandeni

  8. 0810600333 SA number on WhatsApp also

  9. Can someone please help…angisati sinanatelo saka mhlongo. Ngisitukulu sakhona please help

  10. Lezi zithakazalo azibhalwanga umuntu wakwaMhlongo

  11. Bayasidida singomakot bako Njomane sizothopha obaba ngamanga sihlabgane nezimbila zithutha

  12. Bayasidida singomakot bako Njomane sizothopha obaba ngamanga sihlabgane nezimbila zithutha

  13. Bafaka izinto ezingekhokho wena mft, babulala umlando

  14. For sure lezizithakazelo azibhalwanga umuntu wakwa Mhlongo coz I can pick so many incorrect things la, phela ngingowakhona

  15. Kanti yaduka kangaphi injomane uma izotholakala ngowesine iphinde itholakale ngowesikhombisa?

  16. Yaduka iminyakanyaka yatholakala ngowesinti

  17. then can you please complete it

  18. Aziphelelanga izithakazelo zakonjomane

  19. ukulala nomunwe endunu ai cha amanga

  20. not complete

  21. Sawubona Mandiana, jut ukuqonda nje…abanye bathi oMhlongo bango Bhebhe kaMthendeka; yena owabhebhele intombi etsheni ngoba esab amazolo, njalo-njalo…kuhluka nini uma unalo ulwazo? From u Luther Mkhize(Nzama)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: