clan names ๐Ÿ’› clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Nzama

Izithakazelo zakwa-Nzama

Wosiyane,
Gcugcwa,
Mashiza, Dingila,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Zukula kaNombhoco,
Gcugcwa kaNcameni,
Ncameni kaNozaca,
Nina baseNtendeni!

Previous

Izithakazelo zakwa Nkomo Clan Names

Next

Nzuza

8 Comments

  1. Lililililililiiii kwathangigiye ngiyele amazukula

  2. Mkhandi wensimbi.

  3. Kwath' angigiye…

  4. NgowakwaNzama but umlando owubhalile akusiwona

  5. Chamane, Dingila, Nyanisa, Ngipha, phana abantu bakilngene abngakanani bangangentende yesandla, Chube, Mashiza, Zukula kaNombhoxo kaGgcugcwa umkhand'wensimbi omhkulu owadlinkomo zeLembe elingasigcinanga isivumelwano senkokhelo yezikhali iqhawe elabjeke ilembe emehlweni lathi รบbona mina je bayoze bakubon'abanamehlo, kaNcameni, kaNozaca, kaNzama, kaWosiyane umkhandi wensimbi

  6. Chamane, Dingila, Nyanisa, Ngipha, phana abantu bakulingene abangakanani bangangentende yesandla, Chube, Mashiza, Zukula kaNombhoxo kaGgcugcwa umkhand'wensimbi omkhulu owadl'inkomo zeLembe elingasigcinanga isivumelwano senkokhelo yezikhali iqhawe elabhek' ilembe emehlweni lathi รบbona mina nje bayoze bakubon'abanamehlo, kaNcameni, kaNozaca, kaNzama, kaWosiyane umkhandi wensimbi

  7. Kwath angigiye madoda yith labo

  8. Basho…………….

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: