Ncaphayi, Ganile, Mfunzane, Nzoboyi, Mashiyamahle!
Tag: Izithakazelo Page 3 of 91
Thusi
Mlotshwa,
Sishange,
Ndlebenkomo,
Bhulekuphangweni,
Makhanya,
Gcwabaza,
Nondlela,
Msuthu,
Ndandali,
Ntamonde,
Khambule,
Ndlandla,
Vunisa,
Zindela,
Manyoni,
Mbuyisa,
Mzilankatha,
Mshazi,
Mlambo,
Mabhedla,
Vunisa,
Inina enehla ngomzungulu niphuma empumalanga umzungulu wasala wabola, Sbumbu setshwele eligulayo,
Madla umchamo wenja
Manyosi sofakaza
Bongwe,
Jiyane,
Mdladla,
Mbuyisa,
Vezi,
Ntanzi,
Ndlovu zidlekhaya ngoba entabeni ziswele abelusi!
Mabelesa mbuthwini Khabo langa mashiya amahle wena wezinkomo ziyamunyuluka zinjengamanzi!
Hlabe: Nsukela, Deyi, ondloโzimaxhokovu!
Mguni, madlala, Ntamonde,mbeli Sagweni, Khwali,Tshuphula, Silaladwayi, Nonkosi!
Ntobela, Dinisa, Dadethu, Zindela, Phosho, Mjokwane, Sihlahlesikhulu, Mashelintombi, Angayidli ayidle ngoba isivumile omakhipha imvubu emanzini, Omathekela ngonyezi abanye bethekela ngamafu,omafuna kubukwa kubukwa omacaphuna kusale,Omancengwa ngoju abafokazana bencengwa ngenhlaba Mjokwane!
Kheswa clan names & praises
Mnguni
Nozulu ka Malandela
Mpangazitha
Makhathini
Mpofana
Mbanguba
Thukela
Mnguni omuhle wakwa Mchumane
Liyasa liyasibekela nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunwanda kwathiwa inkosazwe iyadlala aMachumane amahle aluhlaza abushelezi njenge tshe lomfula iziMpofana ezawela umlazana ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Thukela Olundi olumahlikihliki Mageba inkonjane ebomvu endiza emafini Mazala Nkosi intombi engagananga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala aMacocobela usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana Nozulu ka Malandela ka Luzumana ka Mnguni
Gabuza gumede qwabe yeyeye phakathwayo malandela ngokulandela inkomo zamanye amadoda dlula beyethwe sidlabehlezi sika khondlo
Lusinga,
Mlibelwane, Dabeza,
Ndimande omuhle owakhuMuthi,
Matshologwane,
NguLalanyaye, Mdawu owabhodla kwathunda amadoda,
Bathi ehh Lusinga, ehh ngโKokela, ehh Masondo,
UMabele amade amunyisa umntwana ngaphesheya komfula,
Ngesama Dawu esabikwa eTsholotsho, iNkosi yesango,
Ehh Ndimande, Bayeni, Nkokela, Masondo, Sbanda, Matshologwane,
Lusinga!