meaning of names ๐Ÿ’› clan names ๐Ÿ’ฏ history

izithakazelo

Tag: Izithakazelo Page 3 of 91

Nyongwana, izithakazelo

Ncaphayi, Ganile, Mfunzane, Nzoboyi, Mashiyamahle!

Izithakazelo zakwa Thusi clans & history

Thusi
Mlotshwa,
Sishange,
Ndlebenkomo,
Bhulekuphangweni,
Makhanya,
Gcwabaza,
Nondlela,
Msuthu,
Ndandali,
Ntamonde,
Khambule,
Ndlandla,
Vunisa,
Zindela,
Manyoni,
Mbuyisa,
Mzilankatha,
Mshazi,
Mlambo,
Mabhedla,
Vunisa,
Inina enehla ngomzungulu niphuma empumalanga umzungulu wasala wabola, Sbumbu setshwele eligulayo,
Madla umchamo wenja
Manyosi sofakaza

Izithakazelo zakwa Bongwe Clans & History

Bongwe,
Jiyane,
Mdladla,
Mbuyisa,
Vezi,
Ntanzi,
Ndlovu zidlekhaya ngoba entabeni ziswele abelusi!

Izithakazelo zakwa Mabelesa clans & History

Mabelesa mbuthwini Khabo langa mashiya amahle wena wezinkomo ziyamunyuluka zinjengamanzi!

Izithakazelo zaka Hlabe Clans & History

Hlabe: Nsukela, Deyi, ondloโ€™zimaxhokovu!

Izithakazelo zakwa Mguni Clans & History

Mguni, madlala, Ntamonde,mbeli Sagweni, Khwali,Tshuphula, Silaladwayi, Nonkosi!

Izithakazelo zakwa Ntobela Clans & History

Ntobela, Dinisa, Dadethu, Zindela, Phosho, Mjokwane, Sihlahlesikhulu, Mashelintombi, Angayidli ayidle ngoba isivumile omakhipha imvubu emanzini, Omathekela ngonyezi abanye bethekela ngamafu,omafuna kubukwa kubukwa omacaphuna kusale,Omancengwa ngoju abafokazana bencengwa ngenhlaba Mjokwane!

Izithakazelo zakwaKheswa Clans & History

Kheswa clan names & praises

Mnguni
Nozulu ka Malandela
Mpangazitha
Makhathini
Mpofana
Mbanguba
Thukela
Mnguni omuhle wakwa Mchumane
Liyasa liyasibekela nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunwanda kwathiwa inkosazwe iyadlala aMachumane amahle aluhlaza abushelezi njenge tshe lomfula iziMpofana ezawela umlazana ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Thukela Olundi olumahlikihliki Mageba inkonjane ebomvu endiza emafini Mazala Nkosi intombi engagananga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala aMacocobela usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana Nozulu ka Malandela ka Luzumana ka Mnguni

Izithakazelo zakwa Gabuza clan names & History

Gabuza gumede qwabe yeyeye phakathwayo malandela ngokulandela inkomo zamanye amadoda dlula beyethwe sidlabehlezi sika khondlo

Izithakazelo Lusinga clans names & History

Lusinga,
Mlibelwane, Dabeza,
Ndimande omuhle owakhuMuthi,
Matshologwane,
NguLalanyaye, Mdawu owabhodla kwathunda amadoda,
Bathi ehh Lusinga, ehh ngโ€™Kokela, ehh Masondo,
UMabele amade amunyisa umntwana ngaphesheya komfula,
Ngesama Dawu esabikwa eTsholotsho, iNkosi yesango,
Ehh Ndimande, Bayeni, Nkokela, Masondo, Sbanda, Matshologwane,
Lusinga!

Page 3 of 91

Powered by WordPress & Theme by Anders Norรฉn

error: