Ntshapheka,
Mvelase wen’owavela enyandeni,
Mthembu,
wen’owadla amathibane ukuba indlala iwile,
Vumisa,
Nduna yabathembu,
Mthembu kalugogo,
Macayane,
Bathembu baseGubazi,
Ngoza,
Qhudeni,
Nina bomhlabisandlovu ukuzilamulela,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Nina bolwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela ngoba zindiza phezulu,
Ndaba !
Tag: Ngoza
Mthembu from the Xhosa people of South Africa.
Mthembu, qhudeni, mpafana, mvelase, ngoza, dlamathibane indlala iwile, makhonz’ egoduka womfazi oncancisa usana ngebele elinye ethukela kumlambo ongawelwayo owelwa ziinkonjane zodwa zona zidlisela ngamaphko, kheswa kanozulu, mthembu owamfenguza kwaxhosa.
Izithakazelo zakwaMajozi
Mqamu,
Mabelemade wena owancelisa ingane ngaphesheya komfula,
Gwanyana,
Mbhuli,
Mabhulangwe wena owabhula izingwe wabhula izingonyama,
Ngoza,
Lukhozi!
Maphiliphili mbheka phansi onjengesambane!
- Mthembu
- Qhudeni,
- Mvelase owavele Nyandeni,
- Mvelase ka Guda,
- Ngoza ka Mkhubukeli ka Gazi nina base Mlamlankunzi.
- Izithakazelo zakwa Msimango
- Thabizolo, Nonkosi, Mlotshwa,
- Pembe ka Lokothwayo,
- Ngelengele, Mhlehlelu,
- Nhlokozabafo,
- Sdindi ka Siphuki…
Ezakwa Mseleku
- Duma,
- Lwandle,
- Ntenga,
- Mthombeni
Ezakwa Msibi:
- Ndlondlo,
- Mabuya,
- Guliwe,
- Siwela,
- Gasa.