Izibongo zakwa Zamisa
Izithakazelo zakwaZamisa
Share this post 
Related posts
Zamisa, Sawoni, Goba, Ninela, Ndlole, Ndlangosela, Nyathi, Mkhambu, Mbhudu, Msalela, Bhabhel'khwelayo
Khomo, sibiya, qwabe, gumede, ndaba, gazu,nandisa, mbende, sotobe, phakathwayo, khathi, zamisa sibiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla qwabe kamalandela. mnguni. gazu kazembethe zingelwayo. mkhananda owahamba nogodokazi wawela umfolozi kwahhiya. manyelela njengentombi iy'esokeni. khomo!zamisa nina bakankomo isengelwa emaweni, yasengelwa esibayeni akuyona eyakhona. mgxebe kayotho khathi! nandisa sotobe kampangalala! nobiya magamanxane kangobe, ngobe…
Zamisa, Ngwane, Mwelase, Nominya, Mabhunge, Ndenyane, Sdwab'esinkohlonkohlo, Thambo lenyoka hlab'elimzondayo !
Sifiso Sawoni
Ngyabonga ukuthi kanti nathi sikhona lapha. Bengisacela ningisingomlando wabantu bakwa Zamisa. Sengifune ngadela angikutholi ndawo.
Jabulani Mthembu
Impela nami kade ngangiwuthungatha. Mina ngizalwa kwaZamisa. Ngithola nje kuphela kubalwa uGoba, uSawoni, noNinela.
Kodwa futhi khona lapho sengike ngafunda la ukuthi abakwaNinela bayamphika uZamisa.
Khona lapho, ngibuye ngizwe sengathi kubalwa noNgwane noMwelase.
Kuphinde kubekhona oZamisa abangoKhomo, abadabuka kwaSibiya.
Mhlawumbe ake sifunisane konke lokhu.
Sifune nomlando.