Izithakazelo zakwa-Khumalo Khumalo Clan Praises
Mntungwa,
Mbulazâomnyama,
Nina bakaBhejâ eseNgome,
Ninâ enadlâumuntu nimyenga ngendaba,
Ninâ enadlâ izimfâezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezindâ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabasâ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungwâ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Ninâ abakwaMawela owawelâ iZambezi ngezikhali,
Ninâ abakwaNkomo zavulâ inqaba,
Zavulâ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Ninâ enalukudlâ umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi!
Ninâ abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyangâ abathe bethâ ifilâ uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiyâ uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobusâ emdibini,
Maqhawâ amakhulu!!!
Leave a Reply