Izithakazelo zakwa Ngongoma
Mapholoba,
Nyuswa,
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal’efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel’ilanga,
Sididane,
Ngongoma,
Maqadi amakhulu,
Mbili!
Share this post 
Related
Ngcobo, Ngongoma, Dobeyane, Mashiza, Nophenge, Nogidela, Nozihamba, Njapha, Mbhoboza, Nombika, Fuze fulele, Mashiyamahle engathi azoshumayela.
Izithakazelo zakwa Ngongoma Ngongoma, Mashiza, Mavela nina enavela enkomeni abanye bevela emuntwini, Gasela ngokugasela umuzi wendoda, sibiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla, Bhovungane, Siphandla kaMbozane kaDumezweni Dobeyane
Abakwa Ngongoma
Izibongo zakwa Ngongoma AbakwaNgongoma ngenye yezindlu zakwaNgcobo. Abantu bakwaNgcobo badatshulwa nguVumezitha, uyise kaNgcobo noMkheshane. Laba bantu bakwaNgongoma bayatholakala laphaya eMsunduze eNdwedwe. Ukwelamana kwabo!! UVumezitha wazala uNgcobo. UNgcobo wazala uDingile UDingile wazala uNyuswa....uZonga... UGasela....uXhoko kanye noNgothoma. AbakwaNgongoma baphuma kuGasela owazala uNombika. UNombika wazala uNdaba. UNdaba wazala uMashiza owazala uMavela.…
Xolani ngongoma
Kanti u Vumezitha yiqhawe lenkosi u Cetshwayo elelihola impi yaseSandlwana
Anele ngongom
Wow my clans
?
Thobeka Ngongoma
Yaz I didn’t know my clan tnkx man
Smangele Ngongoma
What about o Mashiza…Bhovungane and so on…it clear bengazi eyi rong
Benzile
I also knew Mashiza Bhovungane Nombika Gasela and so on…
Thobeka
look at indabuko yakwa Ngongoma oMashiza inzala bantu