clan names ๐Ÿ’› clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Mazibuko

Izithakazelo zakwa-Mazibuko

Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mazibuko!
Fonela lenombolo: 061 868 5163

 wenze i-oda lakho! 

Price: R200.00

Previous

Mathaba

Next

Mbanjwa

18 Comments

  1. Muna,Phuthini, Mghabiwamafu,Nzima Mwelase Mqabula nkungi kuveli langa, wena ongehli phansi naphezulu, ongaweli ngemi hhonqo uwela ngamakhandaโ€™madoda, ungaweli ngezibuko, uwela ngezihlangela zomfula. Amangwe!!!

  2. Uyabheda nje wena

  3. Im also Mazibuko Xhakaa umlambo ongawelwa zinkonjane ngoba zona zibhabha phezulu

  4. Is Sodumase not a Langa clan name?

  5. Isbongo esinamandla amakhulu lesi esiphethe izinsizwa ezisuthayo nezintombi ezinhle kodwa umbhedo ke asizwani nawo futhi siyashesha

  6. Ngingu maGcwabe, uGubhela, umumbo omhlophe okhanya masi esiswini kepha ozalwa iqhawekazi lakwa Nzima,Umwelase…umuntu akaqedwa kodwa ngyabathanda abakomalume bami.โ˜บ

  7. Mazibuko mwelase Sodumase Nzima etc

  8. I am a mlambo!

  9. I'm also Mvelase Mazibuko Umlambo ongawelwa owelwa ziinkonjane ngoba zona zibhabha phezulu mngwe xhakaza

  10. Kuthiwa kwakuliwa and I think it was a sotho guy who cried for forgiveness for umuntu wakaMazibuko wathi awu Muna Muna ngixolele Muna which coz from the word Mna

  11. They say there was a fight between Mazibuko nd a guy I don't knw whether he was sotho or tswana nd that guy cried out for forgiveness nd said Muna Muna ngixolele awu Muna which sounded really dope nd powerful salithatha lelo gama but less they know the guy meant mna as in my man or dear as he didn't knw the guys who were beating him up and where they were from so it was more like the word my brother plz or my man (muna) which made us feel superior so we took it

  12. Mthembu = Mvelase
    Mazibuko = Mwelase

  13. Muna – ungena kuphi kuMazibuko?

    • Sipho Mazibuko

      oMuna,Manzezulu,Khondlo,Mwelase,Nzima,Khuhlase,Nkungwebilayo,Mlambo,Chakaza ,bonkelaba bayinzalo kaMazibuko njengase Bhayibelini isizwe samaIsraeli sidabuka Ku Israel owabusiswa nguMdali weZulu Nomhlaba Ubaba wesizwe samaIsraelites nguIsreal from the Bible ngiyabonga Muna

  14. how is mazibuko related to mthembu because people say that the two are the same thing

  15. oNzima
    oMgabhi wamafu
    oMwelase
    oKhondlo
    oPhuthini

    oMafeba emini
    nIna enanibhala ngozipho izinyoni zibhala ngepensela
    oNyoni esindwa yisisila sayo,ogama layo uNomasikisiki

  16. uyeza uNZIMA omncane usakhula ngaphakathi kimi!!!!

  17. Mangw' amahle!

    Nina,
    oMwelase,
    oNzima,
    oPhuthini,
    oMgabhi,
    oManzezulu!

    Ngisho nina zizukulu zikaNkobeni,
    nina bakwaMzila.

    Nina Mawelase angaweli ngamazibuko,
    awela ngezihlengele zomfula,

    Nina oMgabhi ngamafu aphansi,
    ngoba aphezulu ahamba ubuhalahala…..
    MaNzima,

    Mawelas' amahle,

    Nina bakaMgabhi waMafu
    awalingani nawaphansi, nawaphezulu;

    Nina bakaZikode kaLanga;

    Nina bakaMashoba kaNkungw'ebilayo;

    Nina bakaMagod'aluvuno;

    Nina bakaBhoqo ziyawudla,ziyawusingila
    amagudwan'angasoze afelwayo;

    Nina benyathi yakithi emanxeba,
    ekulala yangangamanz'emifula,
    ebekuvuka yangangezintaba;

    Uvemvan'olumashob'alubhadu,
    engithe ngiyaluthinta mina mfana, njengowakhona lwahwaqabala;

    Unyamanambana,
    usoka lezintombi kwakungezakwaNokhasela;

    Umgadi kagadanga kwelikaMageba nelikaPhungashe,
    bewudl' izikhomo, bewudl'amadoda;

    Uhele abambon'ukwela ezintabeni,
    uthe esemathunzini wanyamalala!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: