Izithakazelo zakwa Mbhele
- Godide,
- Mphemba,
- Ntuli,
- Ndlela kaSompisi,
- Sothole,
- Gudukazi uyiNcwayo,
- Khuboni,
- Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
- Abanye bephemba ngomlilo,
- Nina base Lenge,
- Enabonakala ngefu lezintuli,
- Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
- Mazimuzimu enidla’abantu,
- Mgwabini wemikhonto,
- Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
- Umagaju njengengwe,
- Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
- Umanxeba angamanxuluma,
- Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
- Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
- Nyaka wumbe,
- Lophum’ endlebeni yengwenya,
- Unonjiyelwa,
- Kulala uhlangothi lubomvu,
- Ugodo olumuka namankayiya,
- Langa!
Unknown
They might be part of your bloodline, uNdlela kaSompisi might idlozi or the other way around. Izithakazelo zibala nobuhlobana nezinye izibongo.
Unknown
I want to learn the mbele clan
Unknown
Singasho kanjani ukuthi singo Ndlela kaSompisi ekubeni bezwala Amabhele labo banto not ukuthi bona bazala Amabhele?
Unknown
I just leant about my surname & I feel so proud of myself now.
Unknown
it nice to know yourself in and out.thanks
Unknown
Mna ndifuna ukuva ngoDlambula apha, andimboni evelela.
Luvuyo Belle
Unknown
Siyabonga Mageba ngegalelo lakho,,, uqhubeke njalo usigubhele lolu lwazi