clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Ndabandaba Clan Praises & History

Izithakazelo zakwa Ndabandaba

Khathide, Mphephethe, wena owadla umkadadewenu wathi akananyongo, akanamhlwehlwe. Mnyambo, amanyamba asezitheni aqalingene alingise insimu indonda ukumila. Mkhosana omncane ngokuzilamulela. UMnene ngimbonile ngimbonile ngamashoba okukhanya, Mnene dlana imfe mina ngidle ugaba.

Previous

[email protected]

Next

Ngicela ukwaz imvelaphi yakamsomi

5 Comments

  1. Aubrey T Ndabandaba

    ONdabandaba ngoKhathide omphephethwa amaswati ase Ngwedze neNgwavuma. We have grown as oNdabandaba from being few to isizwe esineNduna and very well respected kwesaKwaMthethwa. Fortunately my grand mother ozala ubaba is from KwaNyambose. I love and honor them as they are very kind.

  2. Sbusiso Ndabandaba

    Syabonga Khathide ngokusicacisela nami ngowakhona kwaNdabandaba bengingawazi umlando wakho sengiyawazi manje

  3. Ndabandaba

    Uthini imvelaphi yakwa Ndabandaba nomlando wakhona

    • Zamokwakhe Ndabandaba

      AbakwaNdabandaba (Ndzabandzaba) bafika Eswatini ngesikhathi sokubuza kweNkosi Sobhuza beqhamka engla nezwe, phakathi kwe Zambia me Mozambique. Babeholwa uKhathide. Babethandwa ebukhosini ngenxa yolwazi lwabo lwamakhambi okwelapha. INkosi yabanikeza indawo esentabeni iNgwedze kuze kufike emfuleni iNgovuma. Yabayala ukuthi besize abasebukhosini kuphela ngamakhambi. Bake belapha ingane kaNdlunkulu wenkosi eyayilunywe yimamba yasinda – okwaba wumlando ngalesisikhathi.

      Kwathi sebezinzile nje benethezekile. Kanti sebesiza nabanye abayizitha zobukhosi ngemithi. Yathukuthela INkosi yathelwa ngamanzi yahlela ukuthi mababulawe bonke. Kwasiza uNdlunkulu ongunina wengane ababeyelaphile Kade ilubywe yimamba wabalima indlebe. Bahlela ke ukuthi bahambe ngokuhlukana ngamaqembu kubgabonakali ukuthi bayabaleka. Ngalesisikhathi base bebaningi beholwa nguMshikila indodana kaKhathide. Yayilekelelwa ngabanye abafowabo uNgobe uyise kaZiyane. Bawela umfula iNgovuma bafica abakwaNtshangase eMkhwakhweni. Elinye iqembu labo balifica lihlinza inkonyane ababelithole lifile. Kwasuka okukhulu ukungezwani emva kokuba belisile ngalesisenzo ukuthi lizobaxabanisa nabaKwaNtshangase. Leliqembu lagcina selibizwa ngokuthi ngabakwa Nkonyane. Bawela iNgovuma behlukana abanye Baya ngaseNingizimu, eNgwavuma abanye bakhuphuka bakheka enhla ngase Mpumalanga. Abanye babheka maphakathi nezwe ko Newcastle. Laba abakheka enhla nezwe basebeholwa ngu Ziyane indodana kaNgobe. Laba abaya phakathi nezwe basebeholwa bahamba njalo abanye Baze bafika koMsinga bakhonza ngaphansi kwaBaThembu bakaNgoza sebeholwa nguMkhaliphi. Ngesikhathi uNgoza ebalekela uShaka abanye bahamba naye base bafika kwelakwaXhosa. Babelokhu bejhonziwe ngenxa yolwazi lwabo lwamakhambi.

      Leliqembu elaya ngaseNingizimu nalo lahlukana phakathi abanye bafike bakha eNkunzana naseNhlophenkulu abanye bakha kwaSiwela . Kanti abanye bagudla njalo baye Bawela iMfolozi bangenza kwesaKwaMthethwa eCingci, bafike bakhonza phansi kweNkosi yakwaMthethwa.

      AbaseNhlophenkulu basebeholwa nguMagudu kaNtlokwana iwayeganwe nguMasimelane okaMajakavu isangoma esikhulu ayesuke naso eSwazini. Waphinde sathatha nenhlanzi Yaso eyayisitgwalele icansi. Wafike wakha umuzi waseNgxatsheni (osekhona phezu kwaMfazuyalithika).

      Ngenxa yokuthi babengabantu bokuthula, abanye bazishutheka phansi kwezinye izibongo, phakathi kwazo o Ntshangase, Malinga, Thabethe, nezinye.

      Ngesikhathi bephuma Eswatini kuthiwa kunenxabu yesihlahla ababehamba beyinxanxatha ukuze bangalambi.

      Yilowo ke umlando omfishane.

      IZITHAKAZELO:
      Khathide!
      Mnyambo!
      Maphephethe!

      Mahamba weba weNyosi !
      Wena owahamba ngalunye eMbungeni wawela iNgwavuma wafika ezitheni wagqalingana njengensimu idonda ukumila.

      Wena owadla nodadewenu wathi akananyongo akanamhlehlo,
      Kanti akanamhlehlo unesibhakabhaka (sibhabhakazana)

      Mthuthumba onjengezindumba
      Wena owahamba ngomnyama wabuya ngonyezi!

      Ngiyabonga Maphephethe!

      Zamokwakhe kaNkungwini Ndabandaba

      KwaGcinumyalo ophuma kwaNxayethanda waseNgxatsheni

      (Uphaqa onjengophaqa)

      • Themba Ndabandaba

        Siyabonga Khathide

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: