Tag: Maphitha
Izithakazelo Zakwa-Sithole
- Jobe !
- Mondisa!
- Phumela phandle ngoba kufudumele
- Matshana!
- Mhlakaza nhlansi zingamshisi
- Ziyoshisâ abalondolozi
- Maphitha!
- Mthembu waseGubazi
- AbaThembu bengabakwaMvelase
- Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
- Nyama kaMaqoqo
- Abayidla beyidonsisana
- Nina bakaMgidi wekhohlwa
- Nina bakaThakazelwayo
- Nina bakaMqolo
- Owadlâ omunyâ umqolo
- Nina bakaDidizâ umkhaba
- Mkhombâ olwadlâ eminyâ imikhombe
- Lwandlâ oluhambezintabeni
- Nina baseQhudeni
- Jozana olubomvanâ olundakandakana
- Qomondâ olumantinyane
- Olubukâ umuntu lumethembise
- Sengathi luzomakkhelâ umuzi, kanti phinde!
- Nina bethole intshwabadeyane
- Mthiyane Sonomo
- Nina bakaMkhwawozi
- Owakhawuzâ Mdodâ akhawuleka
- Nkomankomanâ ekhawuzâ abalondolozi
- Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
- Ngwenyâ edlelâ ohawini
- Nina baseNyongweni
- Chakijana kaGezindaka
- Suka bekhuluma!
- Bhande kaMtshiba
- Mahamba!
- NgokuhambâuyeSwazini!
- Luhuluhulu!
- Nyokeni!
- Nina baseLangeni!
- Ninâ enabulalâ abathakathi njengoShaka
- Nadlula nawelâ uThukela
- Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!
Sithole Surname info
Clan Names : Sithole
Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisâ abalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadlâ omunyâ umqolo
Nina bakaDidizâ umkhaba
Mkhombâ olwadlâ eminyâ imikhombe
Lwandlâ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanâ olundakandakana
Qomondâ olumantinyane
Olubukâ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhelâ umuzi, kanti phinde!
Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuzâ Mdodâ akhawuleka
Nkomankomanâ ekhawuzâ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
Ngwenyâ edlelâ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambâuyeSwazini!
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Ninâ enabulalâ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawelâ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!
Izibongo zoMntwana uZibhebhu kaMaphitha:
INyosi :UGwebisa kaMandondo wakwaDlamini:
UMsongi wensimbi
Ayibekâekhanda
Athi yikhona
Amagwalâezakumbalekela
Usima ngandonga bangamhlabi
Bahlabâumbhantaka
Intakâeduke nabalandakazi
Ngoba iduke naBaqulusi
UMagwazâayiqhube
Ayisâekhakonina kwaSothondose
UMngunâuyathentesa
Ufana nabasiki bebunda
Umfishanâongubo ziyanyathela
Inganâezabade
Ziyalubuthâudaka
Umabatshazwa yimvubu yaseMzinyathi
Kwathâizingwenya zayikhexâimilomo
Umhlangâoshaya
Izinkomo zikaMaphitha
Usiyephuyephu siyimbube yakwaSekane
Emakhalâavuth âumlilo
Usinikiniki silishoba lenkunzi yezingonyama
UGwavumane waMasotsha
Umudli wezididâezimbili
Esinye singaphansi kweHlobane
Esinye singaphansi kweZungeni
Usibindi gidi
Usibindi simnyama
Simnyama nenyongo yaso
UMnumzanâozihlabanelayo
Inganâ abanyâ abamnumzane
Bayasabâukuhlatshwâemkhabeni
Uthukuthele mtakaNdaba
WalokuthâuMsebe
Wathâuyakugcwala
Nezingazi zamadoda***
Ungalo zimqingo
Ngokugwedlâibhosho
Ngaphansi kweTshana
UgwedlelâoMgazi noButhelezi.
IZulâelidume
Phezu koMzibomvu
Ugodâolukhwela
AmakhwentâeMzinyathi
Unkomo zinembedle
Zine mbedlelele
INkunzâ eMnyama
Yakithi kwaMandlakazi
Inzima lemnyama iyesabeka
Imnyama nezimpondo zayo
Iyesab âukuthiba
Ngoba yesabâukushelela
UNonqayiza bemthibela*
Uthitshelwa ngaMasotsha
NaMagumgedlela
Obhukudisâ abelungu kwaNolele
Bengasathandâ ukubhukuda
Usibhamu sadlâuMlungu
Sadl âingwenya kwaNolele
UGqamu kwabadâ abelungu
Usihawuhawu âungayinkondlo
Bayivumile
Ivunywe nguPhunga
Yavunywa nguMageba
Umudli wenguyazana
Yedwa kwaNolele
Lwalal âUSuthu*
Lunga yidlanga
Ugxamalaza kuphumâ umbayimbayi
Ngaphansi nangaphezulu
Mjaheni Masotsha
Mjaheni Magumgedlela
OkaNdaba wayengasenakwephuka
KwaNolele
Ukuba wayephuka
Waye yokwephukâeSANDLWANA*
Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikela abangakezwa
Nifike nibatshele ukuthi:
Lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noZibhebhu kaMaphitha**
Ubuhle bakho Ndaba
Ngiyabesaba, ngibusolile
Ngithe uma ngibuqaphelisisa
Ngabufanisa namehlwâentethe
Won âasemhulubulweni
Bamethwesâ isicoco
OkaNdaba samfanela
Bamgibezâ ehhashini
OkaNdaba lamfanela
Bamnik âisihlangu
OkaNdaba samfanela
Nani maSwazi khawulani
Ukufunga uMahlokohla
Nith âuMahlokohla
Ngowakini kwaNgwane::
NgobâuMahlokohla ngowakithi
LaphâeBhanganomo
OhlokohlâizimbubâeGujini
Zaphumâubusabalala
Zaze zashayâumtsheke
Zathi ngqu! Washesha!
Mhla uzakuza
NeZimbidlâezimashoba
Unkomo zashaya
Ingwaqa ngwaqa kwelasoSuthu
UMngunâoMnyama
Wakithi kwaMandlakazi
UMngunâovimbele
AbanyâabeNguni
Engibaziyo bakoFebane
Mhla abeNguni
Beza ngothulâeNgxongwane
Wabuyiselâamagwalâemuva
Ujojo luvikelâamaklele
Khona lapha eNdimhlane
UNondondo welanga
UMababalâahlome
Akadinwa ukuhloma
UNgqongqo yemikhonto
Uyazibangâizililo
Ngobâuyazibangâizinyembezi
USiguda mnyama nonyezi
UNompangisa kuyihlomisa
USihlangu sikaShaka noJama
WamudlâuGodide kaNdlela
EmadunenâakwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathâuyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnikâizinyoni zeZulu
Wamudla uNdwandwe kaMdlaka
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathâuyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnikâizinyoni zeZulu
WamudlâuSihayo kaXhongo
EmadunenâakwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathâuyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnikâ izinyoni zeZulu
Wamudlâ uSekethwayo kaNhlaka
Ezikhulwini kwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathâuyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnikâiznyoni zeZulu
Wamudla uNtshingwayo kaMahole
Emadunenâ akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathâ uyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik âizinyoni zeZulu
Wamudla uDikane kaHlakanyane
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath âuyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik âizinyoni zeZulu
Wamudla uBhulangethe kaMagidi
Emaduneni akwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabinda zalutho
Wath âuyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnik âizinyoni zeZulu
Wamudla uVumandaba kaNqethi
Ezikhulwini zakwaZulu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath â uyababa
Akanonyongo akanamhlehlo
Wamnikâ izinyoni zeZulu
Wamudla uHayiyana noMakhoba
Kwaba kwenu
Wamaqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wathi bayababa
Abananyongo abanamhlehlo
Wabanikâ izinyoni zeZulu
Wamudla uNhlanganiso kwabakwenu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wath âuyababa
Akananyongo akamhlehlo
Wamnik âizinyoni zeZulu
Usehla ngohologo
Kwelase Madletsheni
Abanye behla
Ngogongolo lwentaba
Wamudla uMsushwana kaMfusi
Kwezinkulu izindengezi zasoSuthu
Wamqumba phansi koludumayo
Akwabindaba zalutho
Wamfimfitha wamkhafula
Wath âuyababa
Akananyongo akanamhlehlo
Wamnikâ izinyoni zeZulu
Yasuka kwaNdunu
Mjulelâ abantu
Onjengo lembu
Ngobâ ujubele
UMsushwana kwabaseMdletsheni
OkaNdaba ugwazâiduna
Kwazondâelinyâiduna
Nibabi maduna
AkwaZulu ngokuzondelana
Ube ngulamula mtakaNdaba
Ungemuthi wabeLungu
Ngob âulamlele
USitheku kwabakaMpande
Wamnqumelâezingamakhulu amathathu
Ndabâ uyalamlela
Lo muntâomemezayo
Umemeza njalo
Sengath âuyakhala
Ukhal âisililo
Uth âumtanakhâakendelanga lutho
Kwela kwaMandlakazi
Ngoba wendelâutho
Luka mbayi mbayi
Usalâukutshelwa
Usalâukunyenyezelwa
Ngonyama Nduna
Vuka bakuhlanganisile
Mbala wezinkomo nabantu
Awusabulali mtakaNdaba
Usuyasizila
Uqothâ imbokode nesisekelo
Usimelele ngomkhonto
Phezu kweTshana
Wadondolozela ngenhlendla
KwaMthununtengayo
UMagasa emini libalele
Zonkâ izintaba zimbhekile
Izingwazi zamagwala zabola
Umkhumbâothi
Uyakhiwa wahlakazeka
Umkhont âoqedâamadoda
Ihhash âelimhlophe
Elinqand âamakhala
Uzungezâizintaba
ZaseMphelandaba
Kwaze kwazamazama
Izintaba zoBombo
Ithol âelingamqembu
Kwamany âamathole
Thole gqabula !
Kade lalizigqabul âizinsinga
Izul âelimnyama
LikaMaphitha
Elihlome laphindelela
NakwaNdunu
Ladl âamadoda
Uphehlâ itshe lingenambolo
Ngaphansi kwaGodlankomo
Laze labhoboka
Ithole elanyisa kuqala
Kwamanye amathole
Inkomo kaNdaba
Abayisengel âethusini
Iye yakhabâ umbambi
Yakhab âumshayi
Ivondwe likaMaphitha
Eligend âamany âamavondwe
Lithe liyawagenda
Lawagendel âentendelezini
Impala eyasala
Kwezinye izimpala
Bezigumula bezibhoncula
Bezenz âamagudu
Okubhem âaBashokobezi
Umahlal âehlomile
Ubenjengonhlanya
Ngoba nanamuhla
Usahlomile
Uhlany âoluze lugijima
Zalukhonkothâ izinja zakoManqayi
Kanti ezakoNomsebedwana
Ziyalubungazela
Qatha langima
Nkomo zakwaNobandile
Kawukhawule Bhokotshiki
Ukutshikizela izinkomo
Zamadun âakini kwaZulu
Mhlanganiso kayibalwa
Ingani âeyaMamboza
Iyabalwa koDamushe
UMloyiswa kaNdaba
Okade babemloyisa
Beth â akasayikufa
Akasayikumbelwa
UMagasa kaNdaba !
Njoko:
- Nqamane,
- Nsele,
- Lindamkhonto,
- Phangisa
Dlomo:
- Mkhabela,
- Dinangwe,
- Bhelesi
Gamede:
- Magadlela,
- Mkhohlwa,
- Mbebe,
- Mhlungu,
- Sebenzekhaya
Dlungwana:
- Nondaba,
- Gagashe,
- Zondi,
- Phithikela,
- Mathaba,
- Nyanzela
Mdlalose:
- Nyanda,
- Maduna,
- Dikane
Gaba:
- Nyawose,
- Mzoneli
Thabethe:
- Mangethe,
- Gema,
- Sosibo
Doyisa:
- Khoso,
- Mzengezi,
- Mvubu
Donda:
- Ngonyama,
- Masinga,
- Thusini,
- Manqele,
- Mzimela,
- Mnguni
Sithole:
- Jobe,
- Mondise,
- Matshana,
- Maphitha,
- Maqoqo,
- Ngqikazi,
- Mgidi,
- Mqolo,
- Mkhwanazi,
- Myshibha,
- Mahamba
Gcabhashe:
- Mnguni,
- Mhlathuze,
- Njonjo,
- Masimuka
Gule:
- Malambule,
- Nselenduna