Abantua bakwa Mthethwa bangama Lala-Nguni bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe, Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu u Godongwane owagcinwa ebizwa ngo Dingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwa Mthethwa ngo:
1753โโโ-Xaba
1771โโโ-Madago
1789โโโ-Khali
1807โโโ-Jobe
1816โโโ-Mawewe
1818โโโ-Godongwane/Dingiswayo
1824โโโ-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.
Izibongo zakwa Mthethwa
Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandelaโฆ