Abantua bakwa Mthethwa bangama Lala-Nguni bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe, Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu u Godongwane owagcinwa ebizwa ngo Dingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwa Mthethwa ngo:
1753βββ-Xaba
1771βββ-Madago
1789βββ-Khali
1807βββ-Jobe
1816βββ-Mawewe
1818βββ-Godongwane/Dingiswayo
1824βββ-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.
Izibongo zakwa Mthethwa
Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandelaβ¦