Abantu bakwa Yeni babengabakwa Radebe amahlubi yashintsha ifani yabo yangu Yeni.

Kunendoda kwa Radebe igama layo lalingu Yini, uYini wazala intombazane okwathi seyikhulile yagana umuntu igama lakhe elingu β€œZondzi” owayezalwa ngu Shibase.
U Zondzi wayengabakhonzile abantu futhi eyiphisi ehlale engekho ekhaya. UmaYini ebathanda abantu ehlale egayile abantu beze bavakashe. Bagcina abantu bethi ikwa Yeni layikhaya. U Zondzi ebona ukuthi ilona gama elichumayo basithenga isibongo kwangu Yeni

Ezinye izizukulwane zakugxeka lokhu zaqala zazibiza ngegama lika yise u Zondi. Lo Zondi abawuye akahlobene nakancane no Zondi wakwa Nondaba Gagashe. Kodwa ngenxa yesikhathi esiphila kuso nabantu sebengawazi kahle umlando bagcina abanye o Yeni sebezihlobanise beyinto eyodwa nabantu bakwa Zondi Nondaba.

O Yeni babesuka e Koloni bafikela e South coast endaweni ebizwa ngokuthi kukwaDeyi. Kepha kulesikhathi samanje bayatholakala ko Mzimkulu, Mehlomnyama, Ndwebu, Oshabeni, Harding, Zingolweni nasezindaweni nje eziningi e South coast . Babedume kakhulu kwezonkolo zase weseli eminyakeni yo 1800

Abantu bakwa Yeni bahlobene nabakwa Shibase isibongo. O Shibase bahlukene kaningana kuno;
Shibase Yeni
Shibase Mtolo Dlangamandla
Shibase Ndaba Bhadela

Iningi labantu bakwa Yeni/Shibase batholakala e South coast la bafikela khona bebuya e Koloni.