Tag: Jobe
Izithakazelo Zakwa-Sithole
- Jobe !
- Mondisa!
- Phumela phandle ngoba kufudumele
- Matshana!
- Mhlakaza nhlansi zingamshisi
- Ziyoshis’ abalondolozi
- Maphitha!
- Mthembu waseGubazi
- AbaThembu bengabakwaMvelase
- Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
- Nyama kaMaqoqo
- Abayidla beyidonsisana
- Nina bakaMgidi wekhohlwa
- Nina bakaThakazelwayo
- Nina bakaMqolo
- Owadl’ omuny’ umqolo
- Nina bakaDidiz’ umkhaba
- Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
- Lwandl’ oluhambezintabeni
- Nina baseQhudeni
- Jozana olubomvan’ olundakandakana
- Qomond’ olumantinyane
- Olubuk’ umuntu lumethembise
- Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!
- Nina bethole intshwabadeyane
- Mthiyane Sonomo
- Nina bakaMkhwawozi
- Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
- Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
- Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
- Ngweny’ edlel’ ohawini
- Nina baseNyongweni
- Chakijana kaGezindaka
- Suka bekhuluma!
- Bhande kaMtshiba
- Mahamba!
- Ngokuhamb’uyeSwazini!
- Luhuluhulu!
- Nyokeni!
- Nina baseLangeni!
- Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
- Nadlula nawel’ uThukela
- Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!
Sithole Surname info
Clan Names : Sithole
Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshis’ abalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadl’ omuny’ umqolo
Nina bakaDidiz’ umkhaba
Mkhomb’ olwadl’ eminy’ imikhombe
Lwandl’ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvan’ olundakandakana
Qomond’ olumantinyane
Olubuk’ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhel’ umuzi, kanti phinde!
Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuz’ Mdod’ akhawuleka
Nkomankoman’ ekhawuz’ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
Ngweny’ edlel’ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
Ngokuhamb’uyeSwazini!
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Nin’ enabulal’ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawel’ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!
Abantua bakwa Mthethwa bangama Lala-Nguni bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe, Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu u Godongwane owagcinwa ebizwa ngo Dingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwa Mthethwa ngo:
1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.
Izibongo zakwa Mthethwa
Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela…
Njoko:
- Nqamane,
- Nsele,
- Lindamkhonto,
- Phangisa
Dlomo:
- Mkhabela,
- Dinangwe,
- Bhelesi
Gamede:
- Magadlela,
- Mkhohlwa,
- Mbebe,
- Mhlungu,
- Sebenzekhaya
Dlungwana:
- Nondaba,
- Gagashe,
- Zondi,
- Phithikela,
- Mathaba,
- Nyanzela
Mdlalose:
- Nyanda,
- Maduna,
- Dikane
Gaba:
- Nyawose,
- Mzoneli
Thabethe:
- Mangethe,
- Gema,
- Sosibo
Doyisa:
- Khoso,
- Mzengezi,
- Mvubu
Donda:
- Ngonyama,
- Masinga,
- Thusini,
- Manqele,
- Mzimela,
- Mnguni
Sithole:
- Jobe,
- Mondise,
- Matshana,
- Maphitha,
- Maqoqo,
- Ngqikazi,
- Mgidi,
- Mqolo,
- Mkhwanazi,
- Myshibha,
- Mahamba
Gcabhashe:
- Mnguni,
- Mhlathuze,
- Njonjo,
- Masimuka
Gule:
- Malambule,
- Nselenduna