clan names 💛 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mzilankatha Page 1 of 3

Izithakazelo zakwaKhambule Clans & History

Khambule, 

Mzilankatha, 

INkatha kayingen’endlini,

Yangena kubola inkaba zabantwana,

Nina bakaNkomo Zilal’uwaca,

Ezamadojeyana Zilal’amankengana,

Mlotshwa,

Malandel’ilanga umaliyoshona emaNcubeni,

Mpangazitha, Magasolo,

Nina basebuhlen’obungagcakazi,

Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,

Nina baka Dambuza Mthabathe,

Nani basemaNcubeni enabalekel’Ushaka naziphos’emfuleni,

Kwakhuz’abantu Banifihla naphenduk’abakaNkambule ,

Msuthu,

Mncube onsundu ngezinyawo zakhe,

Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,

Nina baseSilutshana,

Nina baka Maweni,

Nzimande,

Mncaphayi, Shezi,

Malangatsha! 

Nhlanhla Mzilankatha clan praises & History

NHLANHLA:

Nhlanhla Mzilankatha mncube lonsundu nezinyawo zakhe, izala kulandela langa lishoshona kononcwayi, omfazi omabele made uwancelisa untwana ngaphesheya kwegwa – neligwanyana.

Umashiya impala aye empahleni dungamanzi, izibi zomtwana zathi ngokuthanyelwa zabuyela ekhaya umathebethebeni.

Continue reading>>

Izithakaelo zakwa Mbingo Clan Names

Mbingo Surname Praises

Mbingo,
Msuthu,
Wena olandela ilanga maliyoshona eMancubeni,
Mzilankatha,
Nkatha ayingeni ekhaya ngokubolisa inkaba kubantwana,
Msuthu wasenhla,
Mbingo !

Izithakazelo zakwa Nhlanhla Clan Names

Nhlanhla,
Mzilankatha, 🙌
Mncube lonsundu nezinyawo zakhe,
Mfaz’omabele made owamunyis’umtwana phesheya kweLigwa neMpofana, Shiyampahla ziyempahleni,
Dung’amanzi !!! 🙌🙌🙌

IZITHAKAZELO ZAKWA-MAGUBANE Clan Names

Nkomose,
Dibanto,
Thole,
Malinga,
Wena owalinga izintaba zaganana,
Nhlun’emhlophe, ingababomvu ngeyomlandakazi,
Mzilankatha,
Msenganduna namathokazi,
Ndlandla,
Kubheka,
Jiyane,
Nongalo,
Wena ophika nelanga
Didiza,
Msuthu wasenhlaZibaya !
Snquma!

Izithakazelo zakwa Mathe Clan Names Umlando

Mathe Clan Names 😍 Mathe Surname:

Ncanana, Mzilankatha, mathangamahle afanele ukwenziwa, Thenjwayo kaMfeyane, Gubevu olumehlabomvu, wen owashanel’zibi wabeka emnyango wabiza umkhwenyana ezobutha, mgabadeli, buhlalobuhle busemanzini, mpindela

Ncube Clan History, Umlando wakwa Ncube

Ncube Clan Origin:

Mncube/Ncube on the following surnames:

Ncube, Mncube:* Khambule, Mlotshwa, Mzilankatha, Ngcamu, Mpangazitha, Zikhali, Makalima

All these surnames are actually Mncube/Ncube surnames but people opted to use toetems and grandparents names as surnames. I think you should look at the origins of the surname Ncube before assuming that it is a Kalanga surname. In actual fact these people are Sotho descendants and not Nguni. Research on the above surnames and you will discover that its actually one and the same surname with one toetem for all of them.

I do not dispute the fact that The Ncube surname has been used by the Kalanga and shona tribes (Malaba, Shoko etc), but these Ncubes are totally different from the Mzilankathas and are not Sotho descendants.

See below the history and origins of the above mentioned surnames and how they relate:

ABANTU BASEMANCUBENI Abantu basemaNcubeni ungababiza Mncube,Ncube noma Ke Sincuba iqiniso kusengabantu ababodwa laba. Labantu badabuka eLusuthu esizweni lesi sabeSuthu okungakuthi nabo bangabeSuthu.Sibathola bona sebezinze laphaya entabeni Intabazwe (Harriesmith) nasOndini(Underburg), Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulababantu nguye uMncube uqobo. Yenawazala uMzilankatha owazala uMlotshwa yena wazala uSiyobi owazala uMadlozi.Bafike kuleli lakwaZulu lisengalakwaMthethwa lonke leliyazwe elingaphesheya kwemfolozingaselwandle.

Abantu bakwaKhambule baphuma kwaNcube.
Eqinisweni uKhambule bekuyithakazelo be kuthi uNcube kube isibongo. Kodwa uzalo
lukaKhambule owabe engumnawabo kaMadlozi bezalwa naye nguSiyobi
kaMthombeni kaMlotshwa kaMzilankatha
kaNcube lona lwanquma ukusenzisa igama lakhe njengesibongo. Kwase kuba ukuvela
kwesibongo sakwaKhambule. UKhambule lona ngenkathi inkosana yakwabo okwabe
kunguMadlozi isithuthele kwaZulu lapho yase izitholele khona izwe esizweni
sakwaMthethwa yena wavele wacela uyise ukuba amabele ifa okungelakhe.

Izithakazelo zakwa Jiyane Clan Names

Jiyane Surname

  • Mkhathini,
  • Magolwane, Zikode,
  • Mzilankatha,
  • Phangela koqhoqhoqho,
  • Mashishwana,
  • Mbopha kaSthayi,
  • Gome kamshebe,
  • Mandlazi othab’izolo,
  • Mahlinza!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Jiyane Whatsapp / call: 061 868 5163

Prices:t-shirt: R200Hoodies: R400

Izibongo zakwa Makhombothi

Makhombothi:

  • Ntumbeza,
  • Mlotshwa,
  • Ntunzi,
  • Cabuzela onyawo zincane zingabankulu zifuze ekhabonina,
  • Khambule,
  • Nkambule,
  • Mzilankatha,
  • Shezi,
  • Magidla

Izithakazelo zakwa Jiyane Clan Names

Izithakazelo zakwa Jiyane

  • Mkhathini,
  • Magolwane, Zikode,
  • Mzilankatha,
  • Phangela koqhoqhoqho,
  • Mashishwana,
  • Mbopha kaSthayi,
  • Gome kamshebe,
  • Mandlazi othab’izolo,
  • Mahlinza!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Jiyane Whatsapp / call: 061 868 5163

Prices:t-shirt: R200 Hoodies: R400

Page 1 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: