Izithakazelo zakwa Nkosi Ndlangamandla
Ndlangamandla Mphazima Mtungwa
Mawandla kandlela ninabasemaNdlovini Mlotshwa Siwela
Mphazimakalanga nina bakalanga libovu Elashisa amabele ezikhuthali
Mabuya sezembethe ugogwane Mlotshwa kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela
Mphathi wenduku emnyama washaya amanzi kwaveludaka Nkonjane yenkosi
Mpangazitha!