Tag: masoka
Ndzombane clan names
masoka, ntanzi, rhoyi, kunene kwelizwe, mbokazi!
Izithakazelo zakwa Mabena | Umlando wakwa Mabhena
Mabhena,
Mntungwa,
Nqagu,
Nqagu ngomzimba wakhe,
Masoka,
Mbuduma,
Mbuduma kamasoka esokile,
uSgwegwe,
iSgwegwe sikaBingweni,
iNtungwa elihle elahlalaphansi latshonitshwa !
others say it like this:
Mabena!!!
Mbuduma!!!
Ncagu!!!
Sibindi!!!
Mtungwa!!!
Mavula!!!
Somlokothwa!!!
Silamba!!!
Nala!!!
Sigwegwe sika bingweni!!!!
Siphuthunya esa phuthunya amanye amadoda bathi nagu nagu noma kungasuye!!!
Inkunzi emanxeba nxeba
Eyagwaza zonke kodwa ayaze yaphec’ intamo
Mathunda kuzalw’ amaduna ezinye zithunda kuzwale ensikazi!!!wena ewangena esizibeni neskhuni suvutha waphinda waphuma naso Sisa vutha inkunzi yomago!!
Inkomo engenasibaya!!
Wayi valela ezakuhlolela!!
inkomo ekhamba ngesiyenve!!
Nkomo Irarha genyawo zombilli!!
Sibetha sbhuku esabetha amakhosi nama khosana
Ndlondlobala mdlomdlomu omnyama wakwa mnyamane
Nethezeka nsika yendlu yakwa Ndebele!!!
Godonga, msundulamunye!!
dlulumithi!!
Mtungwa we zembe mbuduma manala ncagu sibindi silamba somlokothwa Ngwenyama !!!
Ndabezitha!!
Masoka, Mzimkhulu, Ntanzi, Rhoyi, Kunene kwelizwe, Nkumbuzo zika Mdladla, Nzimane, Nala mnandi obele lide lingang’elikabelelenyana, wena owancelisa umntwana engaphesheya komfula uThukela. Isibhekuza esabhekuz’enkundleni kwa dadeboyise uMntambose, izilila gazi abanye belil’nyembezi. Amahomb’asezweni awangaphumi mhla ligquthayo, aphuma mhla linethayo. Mfazi onamanxeba ngasemva nje ngamadoda. oCabisa, Mbengeshe, incuncu ezimlomo emide, abantwana abesaba ukunatha amanzi amadwala banatha amanzi eziziba ngoba besaba umlomo ukungqindeka. oThotholo into ezathi xa zizawuvela kwangen’iNkalankal’endlini. Umlambo oowelwa ziinkonjane kuphela,nazo kuba zibhabhela phezulu. Zaxa, Mbokazi, Mehl’embuzi, Masingila, Ngwenya, Dedeza. Mlungu omnyama, abampund’ezincane engazingongiwe.
Masoka : If you know any information about this surname, such as its meaning, origin, history or clan names or their history, please add the info in the comments below or click this button + ADD CLAN NAMES
Leave a Reply
Izithakazelo zakwa Ndubane, Ndubane Clan Names , Iziduko zako Ndubane
Ndubane, mabuya, lushaba, mphikwa, magida, sohlala, mwandla, shlabathi sasolwandle, dube elimyama emabomvini, elivomvu eladukayo, masoka, emdeni, mabuya, mabuyaze, singoMagida, omagida odakeni kushunqe intuli… Ndabeni, mabuya
Abanye bathi ziphelele uma zikanje:
Mphikwa, Magida, Sohlala, shlabathi sasoLwandle sizukulwane soNdubane, Dube, mabuya, lushaba, lushaba kaAbraham, Abraham kaJohannes, johannnes kaShayile, shayile kaSaul, masoka, mwandla, ,nina enabhekisa amakhanda phansi kuhlehle izitha,enahliphiz’ibuthu lezitha ngomkhuleko, nina enaGuqa phansi ngeDolo nikhuleke kungelula, omaMemeza kanye kuzwakale, oMthembeni uThembekile, ndabeni, Magida, oMagida odakeni kushunqe intuli, nina enaSondeza abangasondezwa niphinde nibehlule futhi, oNdukwane nduk’eNcane, omabona ebumnyameni, Mabuya,ndubane, emndeni amandubaneni !
Ukukhomba ngophakathi
Kusho ukubusa imvamisa makudliwa noma kujatshulwe nje, kuthiwa ukhomba ngophakathi.
Kusukela lapho uma kudliwa inyama mhlawumbe kunomsebenzi lapho umuntu ephethe inyama, uma efuna ukukhomba into ukhomba ngomuno ophakathi. Kuyafana nokufinya ngendololwane.
Leave a Reply