Izithakazelo zakwa Mbedu
Mbedu,
Gumede,
Qwabe,
Yeyeye,
Phakathwayo,
Mnguni,
Khondlo,
Myaka,
Khuzwayo!
Izithakazelo zakwa Mbedu
Mbedu,
Gumede,
Qwabe,
Yeyeye,
Phakathwayo,
Mnguni,
Khondlo,
Myaka,
Khuzwayo!
Gumede,
Mnguni,
Phakathwayo,
Yeyeye,
Qwabe,
Khondlo,
Sidlodlo skamalandela ngokulandel inkomo zabafokazane,
Wen’ owadlumuntu umyenga ngendaba,
Siyemini,
Nina bosidlabehlezi,
Mpangazitha !
Qwabe!
Mnguni wako Yeyeye
Wena obe udla ube ubayenga ngendaba
Uthi “dluya mnumzane, kubeyethwe la”
Phakathwayo
KaMalandela
Mpangazitha!
Gabuza, Gumede onhlokonhle, qwabe,mpangazitha, nonombela kamafuya nduna, khondlo, phakathwayo, vezi, mnguni, mfumbathi wemvula, magaya isicaba sibe sinye, malandela ngokulandela izinkomo zamanye amadoda, nqenqema kanozitombo, shiyampahla ulandele intombi !
Izithakazelo Zakwa Makhanya
Khomo, sibiya, qwabe, gumede, ndaba, gazu,nandisa, mbende, sotobe, phakathwayo, khathi, zamisa
sibiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla
qwabe kamalandela. mnguni.
gazu kazembethe
zingelwayo. mkhananda owahamba nogodokazi wawela umfolozi kwahhiya.
manyelela njengentombi iy’esokeni.
khomo!zamisa
nina bakankomo isengelwa emaweni, yasengelwa esibayeni akuyona eyakhona.
mgxebe kayotho
khathi! nandisa
sotobe kampangalala! nobiya
magamanxane kangobe, ngobe esemngeni. nogwaza wom’belebele.
sikhobobo qhawe labaqulusi.
ndaba komkhulu. gumede!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén