zibongo zeSilo uDingane kaSenzangakhona
UVezi uNonyanda uMgabadeli
Owagabadelâinkundla yakwaBulawayo
Odonswe ngezintabâezimakhelekethe
UVezi wakwaSimangalunyawo
UMbomboshâomnyamaUVemvane lukaPhunga noMageba
UVemvane olumabalâazibhadu
Ngibe ngiyalithinta lwahwaqabala
LunjengoPhunga waseBulawini
LunjengoVuma kubangoma
ObuzâamanzâeMbozamo andukuwela
AmanzâeMbozamâ;osalâebabaza
OwelâiMbozamo ngumtakaJama
WawelâiMbozamo kwashâiziziba
EbegezâuDukuza neNkinsimana
Beyigeza bebheke kithi kwaZulu
Nanamuhlanje abanini beMbozamo
basamangele
KumangelâuManqondo wakwaShiyabanye
Kwamangala uPhampatha wakwaNkinsimana
IsizibâesiMavivana Dingane
Isiziba esinzonzo sinzonzobele
Siminzise umuntu ethi uyageza
Waze washona nangesicoco
Ngobucoco ngimbonile
Ubephuma laphaya kwaSodlabela
UNgama yena waseMaphiseni angavuma
Uqambi lankomo
Ukuba zilahlekile
Ziyakufa uMdlebe kwaSoshangane
Ezinye ziseMatikhulu
Ezinye ziseMkhumbane
INkone ethi isenkone kwephukâisihlalo
UGwebheshâongamanzâokuhlalela
UNomashikizela
Umashiyimpi yakhe
UMzizinyâungamathunzâezintaba
UFipha luyindlovâenamanxea
ULuhlaza lwangayinyongo yenyamazane
UMhlophe owakhanya ukusa kwadabuka
Wangangabazigeli bakwaMavela
Ababezingela izimbongolwana
USela lintongande lawoBaleka
Lithabathe umshiza lawetshatha
Liyakugalela ngawo emaNkenganeni
INdlovâekulala kungqwambayiya
Ezinye ziyalala ziyathokoza
UMvusi omnyama wawoSikhakha
Ovuselâabantu ukuhlatshwa
INkomâekhalâosizini kwaNhlapho
Umlomo yawubhekisa kithi kwaZulu
Izizwe zonke ziyizwilâukulila
Yezwakala kuNhlapho kwaMlambo
Iye yaziwa ngamaNtungwa akwaSokhumalo
AmaNtungwa odwa esabâukumehlela
IZichwe uVezi azimhlabanga eya phambili
Zalibala ukumbuka izinyawo
Zathi ziyakumhlaba esegoduka
Kuthâesegoduka zase zilibele
Ukubambâizingxangxâemfuleni
Bantu ninemihlola ngaseNsingweni
Gijimani niyotshela abakwaMashobana
Nifike nithi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noNdaba wawoBayeni
Silufanisa noPhunga noMageba
AbakwaMashobana belelesile
Bazibukule itshe linemamba
Sebejiyelwe nokulisibekela
Ohlangane nodwendwe lwamaQhikiza
Wadla uNginani kuMakhosazana
Wadla uNgiyalile kuMakhosazana
Wadla uNozipholo engowaseNdinaneni
Wadla uNtasane noNozinyanga
kwaMashobana
Wathi bayobona inkundla
yakithâeMgungundlovu
Wadla uMahabulangwebâisashisa
kwaMashobana
Wadla uNsizwazana unina kaMzilikazi
kwaMashobana
Wadla uKhwababa-esambathâimpaka
kwaMashobana
Wadla uMlomodlelememaveni njengembuzi
kwaMashobana
Wadla uMhlane belethâigudu kwaMashobana
Wadla uMlomo wezinqaba kwaMashobana
Wadla uGundane kumitha kwaMashobana
Wadla uNkomo ikulala kulukhuni khona
kwaMashobana
Ngikhuluma nje nanamuhla
Akuphekwa kwaMashobana
UMashewulana ongazembe loMlungu
Ubengababele lutho kwaMashobana
Ubeyocelâinkwelo eMhlahlandlela
Ethi kumbe bangamtsheleka
Isihlangu sikaMzilikazi
Sasalâentabenâende yeMpama
Sesiswele nendoda esithathayo
UMancwaba wezwe lamaphethelo
Lona lincwaba emikhemezelo
UVezi bathâumoya mnandi
Ngokunukâinyama
UBhungebhu ongaboya bengonyama
UVezi uyadlaâumhlane uvele
Ngokuswelâiqoqâelimsithayo
IZibuko likaNdaba
Elimadwala abushelelezi
LashelelâuPiti nendodana
Owadla uPiti kumaBhunu
Wamudla wamshwabadela
Odle uMzibhelibheli kumaBhunu
Wadla uPhuzukuhlokoza kumaBhunu
Wadla uHwahwini kumaBhunu
Wadla uJanomude kumabhunu
Wadla uJanejembuluki kumaBhunu
Wadla uMazinyansakansaka kumaBhunu
Wadla oSisini kumaBhunu
Wamfimfitha wamkhafula
Wathi bayababa kabananyongo
Kabanamehlo
WadlâiMihlophâemibili
Omunye kunguPiti
Omunye kunguNoziwana
UMkhwamude wangisikâisilevu
Usungulo lwangithunga impumulo
INdiha lebabayo enjengebhaha
Sona simababa kuMahashanga
UVezi ngimfumene bemzila
Ngafike ngamudla
Kanti ngizifaka iloyi esiswiniVezi!
Kofâabantu
Kosalâizibongo
Yizona zosala zibadabula
Yizona zosala zibalilela emanxiweni
UJonono ongantonga yezulu
Ibhaka lamanzi lawoNdikidi
Lisibekelâizinkomo zamaSwazi zanyamala
NoNgwane kaZikode wanyamalala
Ofingqâamehlo ethunzi lentaba
Wangangabazingeli bakoNogenya
Abazingelâizimbongolwana
USobathintela !
UMalamlela !
Owalamulela abafazi namadoda
Walamulela izintombi namasoka
IMbuzi kaDambuza benoNdlela
Abayibambe ngendlebe yabekezela
AyinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni
Yona ayibambe ngendlebe
Yadabula yaqedâamadoda
Obhambathe iNgome iphezulu
Izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela
Ziphume zinqini zonkana
WadlâMabhede kwelikaBheje
WadlâuNgazana kwelikaBheje
WadlâuMabelengiphela koNtshoshoUPheqe ongakumana kwamaqhikiza
UMsuthu owadla izinyosi zemukela
Abanye bezidla ziyazalela
UVezi owadlâezivezayo emaZimeleni
OwadlâezikaMananga nezikaMandeku
WadlâezawoMagcekeni kwaNonkokhela
Wadla nezasoPhondweni emaZimeleni
IDingwa lezinkomo zawoButhikazi
NezawoNomaphela
UBhaxa liyakhula
Bayasola baphathela
NabawoNoqongqo nabawoDladlama wakwaMajola
Ithole elinsizwa lakokaDonda
Elihamba liwakhahlela
Amanye amathole
Izingazi zaphuma ngezimpumulo
Ngoba lakhahlela elakwaBulawayo
Lakhahlela uMagaye kwaDibandlela
Lakhahlela uNzwakele kwaKhushwayo
Lakhahlela uMadlanga wasEkuvukeniUMakhonjwa ngendololwane
Konjâimininwe izakukhomba abanjani
UMshingili ongaziNdlovu
Zihlatshwa ngabanini mahlanga
Obeyaye ngapho wabalekelwa
Ngokuswelâiqoqâelimsithayo
UMkhontâowadumâekuseni eSwazi
WadlâuNdomba induna kaMswati Swazini
WadlâuGebhuzizulu ezinduneni zikaMswati
Wadlâinceku kaMswati uNdibindwane
Edlâiminkantsha
WadlâuNzimanzana eLudidini
WadlâuHhohho eSwazini
WadlâuSiphika eSWAZINI
WadlâuPhambana nabahluzayo
WadlâuNoziwawa
UBhelekeqe ungayinkomo ekHALIMAYO
Kungathi bayibangile nabakwaZulu
Umpha nkomo inabele
Umgudâungazindlelaeziya eNhlangeni
Sigquma khuluma bawuzwe umoya
Abasezitheni nabasemakhaya
USigquma kakhulumi kanamlomo
AkanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo
Lona olwaqedâumuzi ngokunkenkeza*
OwamemezâamaNTUNGWA akwaSOKHUMALO
KwasabelâuMdleleni kwasabela uMakhatha
UMalunguza izindonga kandukuwela
Ogeze izandla zaze zomelâeBandla
Ngokuba nhliziyonhlâemadodeni
INzima leyikwena koMkhumbane
Khona kwena kungafakwa lunyawo
Ugaga ngamanzi angawesâumlomo
Amanzi odwa asalâebabaza
Mlungâungapheshela komfula
Omunye enganeno
KukaMpehlela noMaqhwakazi
UNdaba ungithume phezulu
Ngabuya ngaqangqatheka
Ngalala ngidlile nangakusasa
Nangolwangomhlomunye
Gijimani ngazo zonke izindlela
Nime phezu kwamadwala
Niyobikela uNsimbini noMahlakeza
Ukuthi kabamazi uVezi
Ukuthi yiNsizwa kubi
Angahlâathathe isihlangu
Asihlomâumgobo
Ame ngasemnyango kwaMpikase
NakwaBhibhi kuze kuse evevezela
Engasalalanga nabuthongo
Idadane belimzimba muhle*
Nangendlala enkulu
INdlandlama yakithi eMgungundlovu*
Inkone evele ngobuso eMantiyane
Yadla ezawoGuluzana kaManaba
Uvivi lungamnyama wokusa
Uyishaye iziyingi
Phesheya kweMpofana
KwasabelâuSithungu noSithulu
Bathi zishaye ngezelongwe
Zibizwa yinduku yeThusi
Yakithi eMgungundlovu
UPhondo lwendlovu uMashiqeka
BelushiqelâMandlanga ngasoFasimba
Inhlabathi yoNdi noKhahlamba
Ngifice abakwaMalandela beyihlela
Nami ngafika ngahlala phansi ngahlela
ISilwanâesibanga izililo
SakokaMlilela
SamxoshâuMzilikazi
Sayombeka lapho ilanga
Lingashoni khona
WadlâuNkayishana kaMashobana
WadlâuNokufa emakhosikazini
kaMzilikazi aseNsingweni
WadlâuNothando emadodakazini
Ezigodlweni zikaMzilikazi
WadlâuNozinhlwathi inkosazana kaMzilikazi
WadlâuNomabhunu kwaMashobana
WadlâuNomabhudle kwaMashobana
WadlâuDambuza-mthabathe
Ezinduneni zikaMzilikazi
WadlâuDumaphansi ezindneni zikaMzilikazi
WadlâuDidiza ezincekwini zikaMzilikazi
WadlâuNdengezimashumi
Ezincekwini zikaMzilkazi
WadlâuMginqilizana kwaMashobana
WadlâuGolela kwaMashobana
WadlâuChachaza kwaMashobana
WadlâuPhuzukuyekela kwaMashobana
WadlâuNkomedlemeveni kwaMashobana
Weza nesibhoma sikaNomanhlala
Alidume!
Alidume leyame ngentaba
Aleyame ngoMpehlela noMaqhawakazi
Ophendule onyana bezindlwana
Ubhungebhu ongaboya nengonyama
Yona ibineziyephunga nasemlenzeni
Ntongâenzimande uMalamlela*
Ntongâenzimande ngokushaya amadoda
Uze noNolube ezinyangeni zaseSwazini
Uze noSamvu ngakubaLondolozi ngaseSwazini
UdlâuMthunzâohlalabaLondolozi
ngaseSwazini
UthathelâuThekwane ezalwa nguSobhuza
Uze noNomaphela waseNtabathweni
Uze noNgiyaphela wakwaGcwensa
kwaMagonondo
Ngqongqo yemikhonto ibangâizililo
INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane*
Ezinye ziyokufa umdlebe
UNjunju weziTholatholi
USimakade saMakhosi
USomnandi wami
Woza ngangâumlomo
Ngingaze ngisale
Ngibenomngandeni
IHwanqa eladlâamanye amaHwanqa*
Ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu
UKlebe ukwehla kwezikaMagaye
UthâeseMhodi wanyamalala
Unyamalala ngakhona uKlebe
Ubengenaso isiphuku sokwembatha
Sasisele kwaMashangisa
Wayembethe ubuyiyane bezinyoni
WadlâuZihlandlo kaGcwabe
Ethi ukuwela ukweyama
WadlâuMashukumbela kaGcwabe
Ethâukuwela ukweyama
WadlâuMagaye kaDibandlela
Eth;ukuwela ukweyama
UBhelekeqa ongankomâekhalimayo
Kungathi bayibangile nabakwaZulu
UMpha-nkomo yenabele
Ngoba uVezi
Ungiphâizinkomo zifana zonkana
Nyakamumbe uVezi
Uzakungipha nephâqithole
USingqungu kakhulumi kanamlomo*
KanjengoShaka
Yena waqeda umuzi ngokunkenkeza
Amanzi kaMalinga abeyiziwolokohlo
Abenjengawo awakwaBulinganto
Wona abengesiwolokohlo
Mnguni ngubande nakwesendlovu
INkonyane ekhwele phezu kwendlu bayihawuza
Kwangalokhu bahawuza ezawonina
INtandane kaMphehlela noMqhwakazi
Evele uMkhindi wanyamalala
UMjele ogubaze amadlebe
Emva komuzi waseZimpukaneni
Izinkomo zaphuma zamlandelaUngangisiza
Madlokovu
Uye kwaMthanuntengayo
Utshani bakhona kabushi
Busala iminyele
Langa phuma bakothe abakwaZulu
Abezizwe kodwa bazokubalekela
INsukamini yakithâeMgungundlovu*
Bayizwa ngendaba
INsukamini bayakhela imikhanyo
Nabasezitheni nabasemakhaya
Dada lodudu nothobothi
Gijimani ngazo zonke izindlela
Nibikele uMancaka noNxumalo
Nithi uVezi mhlanzeni izinyawo zonakele
UliyekilâebeliwelâaBantwana
Phondâolumnyama lwakoKhubazi
LudlâuMxhamama kaSoshaya eZibisini
LudlâNtendeka kwaDlangezwa
LudlâuNxazonke ezalwa nguMbhengi
USilwane vukelâabantâekweneni
USilwane ubeyinduna kwaGibixhegu
Uze noMdlaka eNtshobozeni
Tshelani uSiphingo kwabakwaHlengwa
NithâiZilo zikaJama zibulelene**
EsakwaDukuza nesakwaKhangelaqhaMngunâunabele nakweseNdlovu
Muntâonesihlobo eSichasheni
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela uMthezuka eSichasheni
Nithi igama likaMagugui
UMthezuka kaliyeke
UMagugu ngowakithâeMgungundlovu
UManyelela ongantombâiyesokeni*
UManyelela njengevezimanzi
Uyajabula mfazi waseNsuze
WenâoyakubonâuManyelela
Eyakubulalâizitsha zaseNdinaneni
UMthakathâosibindi*
Simnyama nakwabakaYise
Uze noMhlangana kwabakaYise
Uze noMgqojama kwabakaYise
Uze noMdungazwe kwabakaYise
Uze noSomajuba kwabakaYise
Uze noSophane kwabakaYise
Uze noMfihlo kwabakaYise
Uze noNxazonke ezalwa nguMbhengi Elangeni
Uze noZikhungweni ezalwa uMbhengi
Elangeni\Uze noMkhweco ezalwa nguDubo Elangeni
Kazi wenzani ngasElangeni
Uze noNqetho ezalwa nguKhondlo kwaQwabe
Uze noNgwadi ezalwa nguGendeyana kwaQwabe
Uze noSomponjwana kwaQwabe
Uze noKhawuze kwaBhekanyawo kwaQwabe
Uze noNwakele ezalwa nguKhushwayo
Uze noNogele ezalwa nguKhushwayo
Uze noNgiyaphela ezalwa nguMandeku
Ujulubezâamathafâakulungele
Ogudlâamahlathi engayi kuwo
Ogedle iNtumeni wagudla iShowe
Uvunulela ezingunjini zomfula
Wesaba izinto zakho
Zingaze zemuke namanzi
UDledle ongankomo zecala
Zona zimabuya nasekwalukeni
Inkomâezungezâumuzi nangezinyembezi
IMamba eyathâiphansi yayiphezulu
UMjikiza ungamashoba eziNyathi
Uze noGaqa ezalwa nguMendameli
Uze noZikhawu ezalwa nguQumbumbethe
Uze noNondaba ezalwa nguDubo
Uyithathe wayaba oDlambedlwini
Wamhahabuza uSigwebana ezalwa nguMudli
WawelâiMfolozi esegijima
Uye wayibuthisa eMahlabaneni
KuMkabayi ezalwa nguYisemkhulu
Uwele ngomnyama eMahlabaneni
Izalukazi zakoPhuthule
Zayithwala iminqwazi
UwelâuSuthu ngezinyembezi
Uyakubuthisa koMagonondo noMyando
Udabule kwaNtabakayikhonjwa
Izichwe zayithwala imililomo
Kwabathi, âQha, bo bo bo bo bo bo !â
Izimpangele ziyawulabalabela
Uzulu ladumâekuseni
Ladumâekhaya
Umnyama wendlu yakoPhuthile
Ukhethelwe zimbongolwana phezu kweGwa
Udabule kuLubisana esegijima
Uhambe ngokhalo lwamathafa
Lukadedangendlale
Waye wayiuthisa oBhalule
Uthâephuma oBhalule
Waye walalâeNkuthu
Waye wawela eBulinga kwaMzilikazi
INyokâeqophâumqala yashiya isibili
Yathi izoqedela ngomhla izovela
Insimu ethi ukuvuthwa yaxholoba
Yathi ukusuka
Zayidlâamanhla zayishiyâamazansi
Unkomo zinezisini emlonyeni
Zinqundeke ziyokuphuza eMhlahlandlela
UMgabadeli onjengebhubesi
Odonswe ngezintaba ezimakhelekethe
Injonjololo engaziziba zolwandle
UVezi uMaphakamela**
Owaphakamela iNkunzi yakwaBulawayo
UQhamana!UNdabende wamakhanda
USigongonono esinkabi legodla
Ebikhetha iziqhozana kungezakoYengwa
Indabâengiyizwe ngikude
Engiyizwe ngisoBonjeni lwezinyathi
Ngabheka emuva
Ngajiyelwa lapha ngiya ngakhona
Ngendaba kaMbopha benoNkunziyendlovu**
UMzaca ongwegwe
NgokaMbopha benoNkunziyendlovu
Othukuzelwe futhi eMahlabaneni
Bawufihle nami ngaze ngathanda
Bathi bayogalela ngawo kwaBulawayo
UDingana omnyama ngabomu
Ukhanya phakathi kukaFojisa
benoNomagoma
Impunga engene ngamahlashana onkana
Kanti ibiyobulala umuzi kungokaGendeyana
Ungezwa bethi âDlula ! Dlula! Pheqe
kaNdaba!â
Kanti basho oVemvaneni
Ngemuva kwakho bakugodlele
Amaklwa kanye nezinqindi
Odazule kuZulu umfo kaNogandaya
UZulu wabaleka wabhangazela
Ukuma kweqhawe lethuka iNkosi
Ukuma kweSilo sethuka esinye iSilo
Ukuma kweZilo ziyethukana
INkonjanâebuwaba busephikweni**
Engenjengazinkonjane zasendlo
Zona zibuwaba buseqolo
INhlendla yeThusi kaMjokwane
UMbombâoye wakhanya
kuMsalela kwaNxumalo
UHlahla lomnqawe neloMqokolo**
Bathi ukulivuna kwabo balihlohloloza
UMsontane ongambo yomnxeba
Ngisho ngamazwi
Abakusontela wona abakwaZulu
Mdingi kaMpikase
USo linkonyeni zabantu
Induku emnyama kaPhunga noMageba
Eyasha amanzi kwavela udaka
Emuva kodaka kwavela izinomoUntakantinsi zinqwamene phezulu
Angiqedi nezophuka iphiko
USomkhanda ngokubakhandanisa
INyoni kaMahube uMashulubeza
UShikila limuva muhle
Unkomo zimakhekheba
Ngokuhamba zihlala
IJaha elinamandla nasemandleni
UZulâlibethâizihlambi
ULanga laphuma endlebeni yandlovu
Nyakamumbe liyakuphuma kweyeNgonyama
YaminzâiNdlovu!
Ulibinda Zulâeliphezulu !
Ulibinda Ngonyama !
Ulibinda Silo !
Ulibinda Ndlovenkulu !
Share this post 